Itafula lezindaba

Itafula lezindaba Sikulethela izindaba njengoba zinjalo, uhlezi etafuleni

I-Kaizer Chiefs ivutha ingabaselweAbafana bokuthula noxolo amkhosi amahle ezika Shintsha Guluva uMotaung zidlala ibhola ...
29/08/2025

I-Kaizer Chiefs ivutha ingabaselwe

Abafana bokuthula noxolo amkhosi amahle ezika Shintsha Guluva uMotaung zidlala ibhola elicokeme kakhulu kule-Season. Emdlalweniĥ aw-9 lokhu bekuwumlando ngoba kade kwagcina kuleliqembu elihlonishwa nelaziwa umhlaba wonke. Babhekane ngqo neMamelodi Sundowns engagayelwa mphako mekuza kweyeligi. Mubheka iSundowns ibijwayele ukushiya amakhosi ngamaphuzu aw30 kuya phezulu.

Ngomhlaka 27 August 2025 bekubhekwe ukuthi iSundowns izokwenza kube lula ukushaya iChiefs. Kanti Amakhosi amahle azigawule azibeka. Emuva bebevimbe ngoPertesen ovimba ngisho impukane. Emuva bebemake ngeVikela mbuso u-Iniaco Miguel noKwinika mese kwesokudla emuva bedlala ngoMonyane osanda kulandwa kwezimnyama, lomfana muhle kakhulu ngoba unenjini aphinde akwazi ukumaka, kwesokuncele emuva bebemake ngoMako naye ogawulwe kwezimnyama, inkunzike leyana uSalez umazi kahle. Esiswini bekukhona uOx Mthethwa noNdosi odlala kamnandi. ULilepo ubesho ukuyinquma iSundowns muhle kakhulu meya phambili, uDuba ubehlupha kakhulu abadlali basemuva beDowns. UMmodi udlale kahle kakhulu naye ecut in. UShabalala obizwe kwelesizwe udlale kahle kakhulu eqhubeka ekwenzeni kahle kwakhe kusuka kwiSeason eyedlule bedla iNedbank Cup.

Amakhosi ahlezi endaweni yesibili ngamaphuzu alingana neSekhukhune 10 Points. UNabi libukeka livuthiwe manje ibhodwe lakhe useqale ukuphaka. Amakhosi mahle kakhulu kuleSeason futhi asiwuthumele kwacaca umyalezo ukuthi afuna isicoco seLigi ePhefeni.

IBhakabhaka liqhubeka la ligcine khona nyakenye.I-Orlando Pirates ibhaxabule i-Polokwane City ngo-2-0 ovutha bhe emdlalw...
02/08/2025

IBhakabhaka liqhubeka la ligcine khona nyakenye.

I-Orlando Pirates ibhaxabule i-Polokwane City ngo-2-0 ovutha bhe emdlalweni we-MTN 8. AmaBhakabhaka yiwo avikela lendebe, aseyithathe amahlandla amathathu elandelana. Bekuwumdlalo wokuqala kulonyaka we-PSL emnyama yabe seyivula ngezinga elicokeme.

Amanqaku ePirates adatshulwe u-Oswin Apollis emva komnyakazo omuhle obuvela kuSihle Nduli, uNduli walinika uRadiopane, wabe esethi u-Apolis ngyabonga walivalela enethini. U-Apollis ubedlala ebhekene neqembu ekade elidlalela kweyedlule. Elesibili kube iPenathi evele emva komnyakazo omuhle wakhe u-Apollis edlala ngamadefender ambeka phansi. Kube sekusukuma uTito Maswanganyi wayivalela phakathi.

I-Pirates isizibeke endaweni enhle wokudlala owandulela amanqamu. Ukunothisekayo ukuthi uMotaung akekho kelemidlalo kwakuzoba ncono ukube iTop 10 manje bathi abanye akukhona eskoleni la.

IL News

Islomo uNkotaObengumdlali we-Orlando Pirates uMohau Nkota  usephenduke isilomo kwelase-Saudi Arabia. Lomdlali kuthe kung...
19/07/2025

Islomo uNkota

Obengumdlali we-Orlando Pirates uMohau Nkota usephenduke isilomo kwelase-Saudi Arabia. Lomdlali kuthe kungazelele nje wavumbuka kwenye yamaLigi asakhula nokho ebalwa njengecebe kakhulu. Lomdlali loke efikile kulelalizwe ubonakala enza izinto ezingamahlaya ezenziwa khona la eMzansi.

Uke wabonaka eshaya imdanso yama-Piano ejatshulelwa abanye abadlali, waphinde wabonakala eshaya iztayela za-Dlamini ongumlandeli wa-Amazulu FC. Kuye kwacaca ukuthi bayayazi futhi lento ayenzayo uNkota abadlali abangozakwabo, uzwakale ethi: iiiiii! iiiiii! iiiiii! hooooo! hiiii! iiiiii egxuma elingisa yena uDlamini.

Kuthiwa leliqembu i- Ettifac Club egijima kwiSaudi Pro League okugijima isihlabani uCristiano Ronaldo kuyo igaqele noRelebogile Mofukeng.

IL News

U-Amanda uloke ebe yiqhawekaziU-Amanda Dlamini ongunozinti weBanyana Banyana uphinde washaya into ecokeme. Uvimbe amapen...
19/07/2025

U-Amanda uloke ebe yiqhawekazi

U-Amanda Dlamini ongunozinti weBanyana Banyana uphinde washaya into ecokeme. Uvimbe amapenalty amabili ngenkathi iBanyana ixebula ngo 4-1 imdondoshiya yezintombi ezingendile zase-Senegal.

IL News

AmaBhokobhoko amancane angompetha.Bathi akulo ulibofuzo kodwa ukuba owase-Mzansi okwenza izinto zenzeke. AmaBhokobhoko a...
19/07/2025

AmaBhokobhoko amancane angompetha.

Bathi akulo ulibofuzo kodwa ukuba owase-Mzansi okwenza izinto zenzeke. AmaBhokobhoko asenqobe indebe yomhlaba. Abebhekene ne-Newzealand emdlalweni obunzima. AmaBoks Juniors anqobe ngo, 23-15.

Umkhuba wakhona eMzansi ukuthi kuthathwe isicoco emva kwesicoco, uzokhumbula ukuthi amaBhokobhoko lawa amadala angompetha bomhlaba sibhunga nje. Lokhu kusitshela ukuthi iqembu lebhola lombhoxo eNingizimu Afrika lisazozidlela amahlanga nje imnyaka emningi ezayo. Kwazise abafana abancane laba abanqobile abasazokhuphukela kulo elikhulu. Kusazdabuka iskhindi kubafana.

IL News

IBanyana isinanabule iSenegal.Emva kokudlala ngokulingana ngo 0-0. IBanyana igcine iwinile emdlalweni obunzima ngendlela...
19/07/2025

IBanyana isinanabule iSenegal.

Emva kokudlala ngokulingana ngo 0-0. IBanyana igcine iwinile emdlalweni obunzima ngendlela emangalisayo.

IBanyana izobhekana nezimbangi zayo eziqatha iNigeria kowandulela owamanqamu.

IL News

Address

637 Imbali
Pietermaritzburg

Telephone

+27637142896

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Itafula lezindaba posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Itafula lezindaba:

Share