06/10/2026
U Principal waseskoleni eMsimude High School uMnu Sandile Duma, ubonge abazali bezingane ngenkathi zine camp yokulungisela ama exam ka 2026 ukuthi abe sezingeni elihle. Uphinde wabonga bonke abafake isandla ( ngeminikelo nangesikhathi sabo) ukuthi uhlelo l**e yimpumelelo.
Le Camp yaqala mhlaka 20 September yaze yaphela mhlaka 03 October. Izingane beziphephile futhi zijabule kakhulu, akukho okubi okwenzekile abazali bebezinikele kakhulu ukuzobona abantwana khona eskoleni.
Zobuhle Security Training Academy yenze isiqiniseko sokuthi izinga lokuphepha liphezulu.
π₯