23/04/2016
Wenza Ngani ?
Sthandwasami wenza ngani.
Wena babey wami uqhola ini.
Ngyafisa ukwazi ukuthi uhamba yiphi inyanga.
Ngisho ngoba mangikbuka uhamba legcekeni.
Ngizwe igazi lishisa emzimbeni.
Ungenze ngicabange ubusuku bayzolo ukuthi ungenzeni.
Ngithi mangikbuka ngithi shona malanga siye embhedeni.
Mina ngyazifela ngawe empeleni.
Uma usuzongbuka ngalawomehlo ngzizwa ngkhululekile emoyeni.
Ngenze ngkhumbule usuku lokqala sisembhedeni.
Leyanjabulo sisekamelweni.
Leyantokozo sivalelene ezingubeni.
Ongaphansi nongaphezulu impela sisebumnandini.
Leyonyanga eyakunika.
Umuthi wentando ngiyaynika.
Ucu,intando yayo iyasebenza.
Impela ngyabona nami angzenzi.
Ngaloluthando olungenalo izinzenga.
Sthandwasami ngyakthanda............zela ukuba ube nomtwana nami.
Impela uma usuquliswa ngyokfakazela.
Uthandolwethu alusoze laphela.
Ngyohlezi ngikmela.
Ngawe ngyohlezi ngizqhenya.