Umphongolo - wezindaba

Umphongolo - wezindaba Izindaba zomphakathi, ezenhlalonhle yomphakathi, ezemidlalo, ezikaqedisizungu, ezezimali nokunye

Inkantolo ivune u SARS nge Royal AMInkantolo inike abaqoqibentela (SARS) ukuthi bengenza noma yini ngeqembu le Royal AM....
17/02/2025

Inkantolo ivune u SARS nge Royal AM

Inkantolo inike abaqoqibentela (SARS) ukuthi bengenza noma yini ngeqembu le Royal AM.

Iqembu lika maMkhize lashaqwa uSARS ngenxa yesikweletu sika 40 Millions esikweletwa umaMkhize nowaziwa kakhulu ngokuba uNontandwakubukwa.

Uma iRoyal AM idayiswa esidlangalaleni kuzoba kungelona iqembu lokuqala ukuzithola lichayiwe kwazise ne Mamelodi Sundowns yadayiswa kanjalo emva kokudliwa kwayo ku Zola Mahobe idliwa yi Standard bank.

UShiye kwapolitiki u NdloziU Dokotela Mbuyiseni Ndlozi ushiye useshiye iqembu le Economic freedom fighters njengelingu l...
10/02/2025

UShiye kwapolitiki u Ndlozi

U Dokotela Mbuyiseni Ndlozi ushiye useshiye iqembu le Economic freedom fighters njengelingu lalo.

U Ndlozi nobesephenduke iqaqa kuMongameli we qembu u Julius Malema umemezele lezindaba zokushiya ku EFF namuhla ekuseni, u Ndlozi akagcinanga nokushiya ku EFF uphinde wathi akaziboni ethi "Amandla" kunoma iliphi iqembu lezombusazwe njengoba eshiya kwantethi Politiki.

Kubukeka u Ndlozi agoqoza ngencabule okhambeni luka Julius Malema ngodaba lokuthi wayazi ukuthi owayenguSekela we EFF u Floyd Shivambu uzoshiya kuleliqembu eyojoyina iqembu Umkhonto weSizwe.

Sekumisiwe ukunqamuka kukagesiInhlangano ephehlugesi kuleli isimemezele ukuthi angeke kusaba khona ukucishwa kukagesi ng...
02/02/2025

Sekumisiwe ukunqamuka kukagesi

Inhlangano ephehlugesi kuleli isimemezele ukuthi angeke kusaba khona ukucishwa kukagesi ngenxa yokuwonga phecelezi (load shedding) namuhla. Imbangela yokumiswa kwalocimicimi ukuthi zonke iziphehligesi zakuleli zinogesi owanele.

Locimicimi uqale ngolwesihlanu ntambama.

Ukhala ngoHlophe omzingele esephethuswayi Umholi weqembu uMkhonto wesizwe Party eMpumalanga uNkosazane Marry Phad ukhala...
27/01/2025

Ukhala ngoHlophe omzingele esephethuswayi

Umholi weqembu uMkhonto wesizwe Party eMpumalanga uNkosazane Marry Phad ukhala ngoSekela Mongameli weqembu uMnumzane John Hlophe obemfuna ekhaya ezansi ngesikhathi kunomhlangano weqembu eNaspoti.

Ngokwesitatimende sika Nksz Phadi uJaji Hlophe waqhamuka esedondolozela nge AK ngobusuku bomhlangano weqembu nalapha amthumelela khona umlayezo ohumusheka ngokuthi ikhotha eyikhothayo engayikhothi iyayikhahlela, kwazise uselandelwa izinsolo eziningi u NKSZ Phandi ngenxa yokugqobha lowo owayengu Mongameli waJaji e Werstern Cape.

13/01/2025

Ziphinde zalwa izikole zasoPhongolo kwekamatikuletsheni

Sezizonke izikole zolumanzabomvu zisebenze kanje

Pongola Schools that have been able to achieve an overall percentage of 80+ in their 2024 Matric results :-

1.Sibumbene High School 100%
2.Victorious Independent School 100%
3.Vukanimazulu High School 100%
4. Pongola Akademie High School 100%
5. Dwaleni High School 99,5%
6. Siqalukubona High School 98,3%
7. Mtshekula High School 96,9%
8. Myekeni High School 96,8%.
9. Bonginhlanhla High School 96,2%
10.Ongane Combine 95,0%
11.Intonga High School 94,4%
12.Vusisizwe Independent School 94,3%
13.Bambanani High School 94%
14.Mpindiso High School 93,6%
15.Pongola Intermediate High School 92,5%
16.Langa High School 92,1 %
17.Sozama High School 91,9%
18.Khoza High School 91,8%
19.Landokwakhe High School 91.5%
20.Masiphula High School 91,3%
21.Sigqamise High School 88,2%
22.Khulumeluzulu High School 85.9%
23.Enhlanhleni High School 85,8%
24.Dingukwazi High School 84,0%
25.Umginamba High School 82,9%
26.Magwegwana High School 82,7%
27.Ophongolo High School 82,4%

Endololwaneni ngomgcagco we SiloUNdlunkulu weSilo uka Mayiselwa usefake amaphepha okuvimba umgcagco weSilo uMisuzulu ka ...
10/01/2025

Endololwaneni ngomgcagco we Silo

UNdlunkulu weSilo uka Mayiselwa usefake amaphepha okuvimba umgcagco weSilo uMisuzulu ka Zwelithini no ka Myeni obuzoba ekupheleni kwalenyanga okungu Masingana.

UNdlunkulu ukaMayiselwa emaphepheni awafake enkantolo kuvela ukuthi uthe nguyena uNkosikazi omdala nongungqoshishilizi endlunkulu ngakho iSilo asizoshayindesheni kuye ukuzesiikwazi ukuganwa ngumaMyena.

Akasekho emhlabeni u Doc ShebelezaKuphinde kwagadla ukufa endimeni yomculo njengoba sekudlule emhlabeni u Voctor 'Doc Sh...
09/01/2025

Akasekho emhlabeni u Doc Shebeleza

Kuphinde kwagadla ukufa endimeni yomculo njengoba sekudlule emhlabeni u Voctor 'Doc Shebeleza' Bogogane eneminyaka engama 51 esibhedlela emva kokuxinwa ukugula isikhathi eside .

U Doc Shebeleza baziwa ngokuqhulula amanoni omculo we Kwaito afana ' Ebumnandini', 'Ingagara' namanye amaningi. U Doc Shebeleza ulandela omunye uzakwabo kwezomculo uWunnie Khumalo oshone kusombulula leliviki.

Uselaxaze ukuba ilunga le Phalamende uNdloziUDokotela Mbuyiseni Ndlozi usesulile ukuba yilungu le Phalamende ngaphansi k...
09/01/2025

Uselaxaze ukuba ilunga le Phalamende uNdlozi

UDokotela Mbuyiseni Ndlozi usesulile ukuba yilungu le Phalamende ngaphansi kwe qembu le EFF.

UDkt Ndlozi usule kulesikhundla kanye nelinye ilunga layo i EFF uYazini Tetyane. Ukusula kuka Ndlozi akuthusanga njengoba miningi imibiko ebikhomba ukuthi usehleli ngesinqa esisodwa kuleliqembu eliholwa ngu Julius Malema.

UNdlozi ubengasabonakali nangalukhalo ezintweni zaleliqembu kwazise nenkomfa yokukhetha ubuholi wayeyibukela kude okwenja kuhlinzwa.

08/01/2025

Amaphoyisa acela ukusizwa ngalabolopholo abashaya intombazane. Noma ubani owazi lemidlwembe eshaya lowesifazane kuyacelwa ukuba athinte amaphoyisa ku 10111.

Uyayivuma intuthu equbuka ku Royal AM umaMkhize UMnikazi weqembu lebhola i Royal AM  uShaun Mkhize uvumile ukuthi iqembu...
08/01/2025

Uyayivuma intuthu equbuka ku Royal AM umaMkhize

UMnikazi weqembu lebhola i Royal AM uShaun Mkhize uvumile ukuthi iqembu lakhe lithe shii ezinkingeni zezimali.

UmaMkhize ukhiphe isitatimende esiqinisekisa amahlebezi abesesabalele izwe lonke ukuthi abadlali nabasebenzi baleliqembu babenoKhisimuzi omnyama kwazise abakaze bawuthi mbhibi umholo ka Disemba.

Leliqembu elaliyi Bloemfontein celtic linezinkinga eziningi njengoba lagwetshwa yinhlangano ye FIFA ukuthi alizukuthenga mdlali kuze kuphele amahlandla amathathu okukhwebelana kwabadlali, njengoba likweleta owayengumgadli walo u Nirkovic imali engu 12 Million.

Laphinde lagibekelwa yifu lokushaqwa kwezinto zika maMkhize yinhlangano yentela kuleli (SARS).

Sekukaningi kunamahlebezi okuthi leliqembu lingahle lidayiswe akwazi noma amanhlonhlo azogcina ekhongimpandla ngabafana be Thwihli Thwahla.

Iyadiliza inkampani yensimbiBabalelwa ku 3500 abasebenzi benkampani endala yezinsimbi i Arcelormittal neyayidume ngokuth...
08/01/2025

Iyadiliza inkampani yensimbi

Babalelwa ku 3500 abasebenzi benkampani endala yezinsimbi i Arcelormittal neyayidume ngokuthi yi Iscor ngeminyaka yama90s nezinze e Newcastle nase Vereeniging abazophelelwa umsebenzi .

Lenkampani ibike ukuthi izodiliza labasebenzi nje ngenxa yokudonsa kanzima kwezezimali.

07/01/2025

Ugola izintethe umfula uPhongolo

Address

Kwashoba
Pongola
3170

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umphongolo - wezindaba posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share