Dolphin Media

Dolphin Media Voice of The People

Uzikhotha amanxeba esibhedlela oka ASSOCIATION ozame ukuvimba abagibeli bezimoto ukuba basebenzise amatekisi aboImoto eq...
12/12/2025

Uzikhotha amanxeba esibhedlela oka ASSOCIATION ozame ukuvimba abagibeli bezimoto ukuba basebenzise amatekisi abo

Imoto eqapha isimo samatekisi endaweni yase Oorkmaar, eTembisa ushaywe ephethe isibhamu sakhe eshaywa amalungu omphakathi abesekhathele ukwehliswa ezimotweni egitsheliswe ngenkani amatekisi abo , njengoba umthetho wabo omusha uthi emotweni kumele kube khona uMshayeli ne Passenger elilodwa kuphela uma ama Passenger esengaphezu kwamathathu sekuyicala elibomvu lelo ngokwabo. Lemoto ibimile emgwaqeni u-N11 eduze kwase Harry Oppenheimer iqaphe isimo sokusebenza kanti uMshayeli wayo uzobhozonyelwa abantu bafike bamphuca isibhamu bamshaya qede bacekela phansi imoto asebenza ngayo ka Association. Amaphoyisa avule icala lokushaya kanye nokucekela phansi impahla

22/11/2025

Ezihamba phambili kwezamanje

Iloli elilayishe amalahle seliphaphalaze laze layongena endaweni yokudla nokuqeda ukoma eseduze nomgwaqo uN2 eMadanyini ebizwa ngokuthi kuseQedusizi.

Sekuphuthume abezicimamlilo kanye nabezimo eziphuthumayo oPhongolo eMadanyini kulandela ukuphaphalaza kweloli elilayishe amalahle laze layongena eQedusisi. Leliloli lishayise maqede lavutha okuyimanje ilangabi alikakacimi kanti nomshayeli weloli ubengakatholakali.

Amaphoyisa eSAPS athi awakayazi imbangela yengozi kodwa futhi bayasola ukuthi ilona leliloli eliqale ngokudlula nomphefumulo womshayeli wemonto ewuhlobo lwe Polo VW eMdonini ngaphambi kokuba izodala inhlekelele eMadanyini

Amaphoyisa eSAPS kanye namaphoyisa omgwaqo asaphenya futhi basathungatha umshayeli weloli

Kuthiwa ilona lelindiya elixoshe uMsebenzi webala lakithi ngoba ecikwa ukuthi uthenge imoto Usematheni kulezinsuku uShir...
03/07/2025

Kuthiwa ilona lelindiya elixoshe uMsebenzi webala lakithi ngoba ecikwa ukuthi uthenge imoto

Usematheni kulezinsuku uShiraaz Patel ongumnikazi wegalaji lika Petrol eMaitland, Cape Town okhombe indlela uAseza Limelintaka ngoba enyanyanyiswe ukuthi uthenge unyanyavu lwemoto.

Kubikwa ukuthi lowesifazane ubeyibeka imali waphinde wayoboleka iMali ebhenki wase eyithenga imoto ngisho nerikhodi lokuboleka imali likhona ebhenki , lelindiya limxosha ngelithi uyithathephi imali lona ngoba phela liyamazi ukuthi uhola ikinati.

Ubesanda kuqashwa kamaspala obulewe zinkabi ngemuva kokuvimba inkohlakaloMPho Molefe (47) usocongwe ngabantu abangaziwa ...
03/07/2025

Ubesanda kuqashwa kamaspala obulewe zinkabi ngemuva kokuvimba inkohlakalo

MPho Molefe (47) usocongwe ngabantu abangaziwa ephuma kumhlangano oshubile nezikhulu zomaspala Ekhurhuleni, ngokwemithombo kuthiwa wayefuna incazelo ngezimali ezidliwa bhusende nenqwaba yama invoice akhokhela izinkampani kabili ngomsebenzi owodwa. Isidumbu sakhe sitholwe emotweni namanxeba amaningi okudutshulwa kumgwaqo R23 Kempton Park ngomsombuluko ngabo six ntambam.

Molefefe ubenezinyanga ezintathu aqashwa njengesikhulu sokuphenya amacala athinta ukukhwabanisa kwezimali ngaphakathi kulomaspala, phambilini ubesebenza kwihovisi lomcwaningi mabhuku beseneminyaka engango 14 years esebenza khona.

Ushiye emuva izingane ezintathu ezincane zamantombazane, okhulumela umndeni uTebogo Maphuti uchaze umufi njengomuntu ozithulelayo akakaze athi impilo yakhe isencupheni kodwa wayehlala esho ukuthi lomsebenzi awenzayo manje unzima sibeka konke kumdali.

IKHALELWE AMASONGO KaSgonyela Inkosi yesizwe sabaKhwan**i uNtokozo ngosuku lwangesonto.Sihoshe ngabasondelene nobukhosi ...
27/05/2025

IKHALELWE AMASONGO KaSgonyela Inkosi yesizwe sabaKhwan**i uNtokozo ngosuku lwangesonto.

Sihoshe ngabasondelene nobukhosi ukuthi uphiko lwe-NIU lwagasela endlunkulu lwafike lwayoshaqa inkosi lwemuka nayo. Loludaba luphathiswe okwezikhali zamantungwa, lufihlelwe ngisho izinduna kazazi lutho. Le NIU yayiyisa eKokstad inkosi okuyilapho esaphekwa khona ngemibuzo. Nephoyisa lakwaMsane liqinisekisile lathi singaliphathi. Nasemkhehlweni ebilindeleke kuwo ngesonto ibekelwe nesklabhu ayibange isafika.

Amabibi asebukhosini vele into efihlwayo, engani nangenkathi inkosi itholwe ne AK-47 akaze n**i. Yithi esize sanembululela le case number engezansi engeyecala lenkosi.

Ujesu emuhle agade abakhwan**i kulesikhathi.

Ngomhla ka-28 January 2021 kuyisabatha izinkabi zadudula inyanga uNhlanhla 'SBUSHEBUSHE' Cele ngentululwane yezinhlamvu ...
27/05/2025

Ngomhla ka-28 January 2021 kuyisabatha izinkabi zadudula inyanga uNhlanhla 'SBUSHEBUSHE' Cele ngentululwane yezinhlamvu e-Yellow Lounge kwa-A eMlazi, uCele lo we-prank call kwi-Gagasi fm.

Kwakuzithuba zabo 06:20 am UCele edudulwa ngezulu lezandla amabhungu ayengu-5 ayekade ephuza endaweni yakhe i-Yellow Lounge. Zathi maziqeda ukumdudula sekumhlophe inkungu zithi ufile zabaleka zangena ku-Etios emhlophe, yize wayenamanxeba angu-27 kodwa wasinda emva kokuphuthunyiswa esibhedlela. Lemoto eyi-Etios kusuka phakathi neviki yayilokhu ifika ipake kuma-parking aseduze ne-Yellow Lounge, babefika bethenge utshwala baphuze, kodwa babengaziwa abakuphi.

Phezu kwama-cartridges namabhodlela ayenama finger prints abasolwa atholakala, amaphoyisa ase-GG athi lezo zinto zalahleka kwa "Ballistic" icala laphelela emoyeni. Wahamba waze wamncane uCele elwa leyondaba ngoba kwakubonakala ukuthi umseshi uHlangu "walidokotela" . Kwala noma uCele esebike kumphathi wabaseshi uNgidi no station commander uNkabinde ukuthi abasolwa bayamsongela kuwhatsapp abanye bayabonakala ku-footage yasegaraje lakwaShembe beshutha imoto yakhe, noma kunjalo abaseshi base-GG bayishaya indiva. Abasolwa uCele abadalula baboshwa usuku olulodwa umseshi uHlangu wabadedela engamazisanga uCele nangosuku lwecala, uCele wahletshelwa elinye iphoyisa ukuthi icala lichithiwe ngoba yena uCele akafiki enkantolo. Umseshi wesibili owanikwa lecala uSparks Mhlongo naye wayebaleka, abuye avike ngokuthi ubhizi. Ustation commander uNkabinde akaphendulanga izincwadi ezazivela kwa-NPA! Uthe ezwa uCele wezwa ukuthi icala selinikwe omunye umseshi uSparks Mhlongo, naye wenza njengoHlangu wayelokhu ebeka izaba ethi usabhizi namacala, kokunye angatholakali efonini. Yonke lento yenzeka between March 2021 and January 2024.

Ugcine uCele esezame ukuxhunyaniswa ne-office lika-Provincial Commissioner General Mkhwan**i, ngeshwa uCele washona bengasabonananga noMkhwan**i.

Ukubulawa kukaCele.

Kwabe sekuyisonto lomhlaka- 27 May 2024

30/10/2024

Ezihamba phambili

SEZIPHUTHUNYISWE ESIBHEDLELA IZINGANE EZIGULE ESIKOLENI EMCA KOKUTHENGA KO MY FRIEND

OPhongolo eMhlenkeni esikoleni iSmunye Primary School izingane seziphuthunyiswe esbhedlela iTshelejuba Hospital emva kokuba zithenge esitolo sabo My Friend egedeni laso lesikole.

Othisha bakulesikole izingane bavele baziphuthumisa eMtholampilo waseNcotshane okuyilapho amanesi udaba alidlulisele esibhedlela esikhulu sasoPhongolo iTshelejuba Hospital.

I-Dolphin Media ithe mayibuza uMy Friend odayisa egedeni lalesikole uvele waphendula ngokuthi yena akazilutho futhi akukho angakuphawula ngoba uthenge edolobheni eF3 khona oPhongolo maqede wazivalela ngaphakathi.

Abazali babantwana abafunda eSmunye Primary School sebememezele umhlangano eGroup(ini) yaseNcotshane yaku Facebook abazowubambela khona eskoleni ukuze bazobonisana ngaloludaba.

Kushone owesilisa ngemuva kokulala nowesifazane endaweni yabaqwayizi.Owesilisa utholwe eshonile endaweni yokudayisa ngom...
28/05/2024

Kushone owesilisa ngemuva kokulala nowesifazane endaweni yabaqwayizi.

Owesilisa utholwe eshonile endaweni yokudayisa ngomzimba e-Extension 10, eBurgersfort, ngeSonto ntambama. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi lomlisa engaphakathi kwelinye lamagumbi nowesifazane.

Imibiko iveza ukuthi lo mlisa ubevakashele endaweni yabadayisa ngomzimba ezofuna ubumnandi. Ngemva kokukhetha owesifazane ofanelana nezifiso zakhe, wangena ekamelweni ukuze anelise izidingo zakhe. Ngemva kwalokho, wanquma ukuthatha isihlwathi, kodwa lesi sithongwana saphenduka ubuthongo obunzima angavukanga kubo.

Uvalelwe ema frijini eShoprite waze washona owesilisa owebe ushokolediUshaqekile umphakathi waseRatanda eHeidelburg kula...
21/05/2024

Uvalelwe ema frijini eShoprite waze washona owesilisa owebe ushokoledi

Ushaqekile umphakathi waseRatanda eHeidelburg kulandela ukutholakala kukaWandile Shabalala oneminyaka engu-33 ubudala, oshonele esitolo sakwaShoprite ngemuva kokuvalelwa efrijini ebusuku bonke ngoba kuthiwa webe ushokoledi.

U Tira ubopha owesifazane othi wamdlisa ama drugs wase emdlwengulaU Tira usekhiphe incwadi eshisayo eyibhekise lowesifaz...
13/05/2024

U Tira ubopha owesifazane othi wamdlisa ama drugs wase emdlwengula

U Tira usekhiphe incwadi eshisayo eyibhekise lowesifazane u Luke Nzombela owathi wadliswa u Tira ama drugs wase emdlwengula...ngokwencwadi yabameli baka Tira ba phoqa ukuthi avele esidlangalaleni axolisa lo wesifazane zingakapheli izinsuku eziwu 7 kusukela namuhla

UPHENDUKE U-VAN DAMME UMROZA FAKUDE ESHAYA INTOMBI NGESPANELAUmculi owahlukanisa unyaka ngengoma ka Van Damme uMroza Fak...
21/04/2024

UPHENDUKE U-VAN DAMME UMROZA FAKUDE ESHAYA INTOMBI NGESPANELA

Umculi owahlukanisa unyaka ngengoma ka Van Damme uMroza Fakude kuthiwa naye usephenduke uVan Damme washaya intombi yakhe uNosipho Mhlongo ebikade imuboleke imoto yena wathatha imoto wase eyitshela ukuthi akasayifuni. Ithe mayifuna imoto wathi isayopendwa, kuthe uma behlangana la okupendwa khona imoto wadonsa iSpanela esikhulu esibizwa nge Shifting uMfoka Fakude wagadla kulona wesimame emlenzeni, wamcoboshisa ngetshe ekhanda eselele phansi.

uMroza ke kuthiwa ufunwa amaphoyisa aseGoli eTsakane ngecala lokushaya elivuliwe. Kubikwa ukuthi uMroza wenze ama VN etshela khona uNosipho Mhlongo ukuthi yena akakwesabi ukuboshwa uyigunya.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuvulwa kwecala kanti ke noma Nini zizomkhalela uMroza Van Damme.

Sekukhale Inganono ePiet RetiefSekudutshulwe abesilisa ababili ngase Sgodiphola eThandukukhanya eMkhondo kwandlula oyedw...
19/04/2024

Sekukhale Inganono ePiet Retief

Sekudutshulwe abesilisa ababili ngase Sgodiphola eThandukukhanya eMkhondo kwandlula oyedwa emhlabeni kwathi oyedwa wasinda uphuthunyiswe esibhedlela abezimo eziphuthumayo imbangela yokudutshulwa kwabo ayaziwa ungwaqo okwamanje usavaliwe

Address

Magengeni Area
Pongola

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Dolphin Media posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share