Izindaba ZaseJele

Izindaba ZaseJele Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Izindaba ZaseJele, IZINGOLWENI, Port Shepstone.
(1514)

Ingakanani ingoma la kulengqwele?Ikuthathe kunjengoba kunjalo yangashintsha ngisho i-coma.Iyangithanda lengqwele 😃
05/12/2025

Ingakanani ingoma la kulengqwele?

Ikuthathe kunjengoba kunjalo yangashintsha ngisho i-coma.

Iyangithanda lengqwele 😃

Sedro amakhehla aphila kanjani ejele?Ejele umuntu ona-60 years uma efika ejele akahlali neziboshwa ezejwayelekile, kuba ...
05/12/2025

Sedro amakhehla aphila kanjani ejele?

Ejele umuntu ona-60 years uma efika ejele akahlali neziboshwa ezejwayelekile, kuba ne-section la abahlala bodwa abantu abagugile. Zigange kabi iziboshwa zingamnyusisa amafoni umuntu omdala afe.

Laphayana eWestville bahlala kwi-section yabo la abagcwele khona. Kuthiwa isemakhehleni. Kunuka amaphilisi nemboza nomchamo. Amakhehla ke ejele aboshelwe into eyodwa ukusebenzisa into ecijile ngokungemthetho kuphela.

Akhona kodwa lawa agugela ejele uthole ukuthi liyigunya noma lafika ejele liseyinsizwa. Lelo ke lihlala nazo iziboshwa ezisencane. Amakhehla anjalo awafuni ukuyohlala nontanga wabo ngoba iwona abhebha iziboshwa. Manje malizovalelwa namanye amakhehla okusho ukuthi ngeke libhebhe.

Anakele ke amakhehla ungawathathi kancane. Mawungaboni kahle ungaphelela emdiyadiyeni walo. Kanti ikhehla uma liqonyiwe ejele limemezela kwazi wonke umuntu. Likumemeza uhamba le kude lithi "uyambona lowamfana, intombi yami leya"

Lento kodwa yenzeka ebhantshini kuphela, ezitokisini ikhehla likhohlela phakathi kwezingane.

Nangu umfana ethandaza eshaya umthandazo obheke ezulwini.Lomfana ngendlela athandaza kahle ngayo uyabonakala ukuthi ujwa...
05/12/2025

Nangu umfana ethandaza eshaya umthandazo obheke ezulwini.

Lomfana ngendlela athandaza kahle ngayo uyabonakala ukuthi ujwayele ukuphatha inkonzo ebandleni akhonza kulona. Usemncane futhi unamandla uthandaza kuvuke umoya kusuke amadimoni.

Abafana abancane baphatha uhlelo emabandleni amadala ngoba obhuti bagcwele emajele amasonto ayabadinga abefundisi.

05/12/2025

Ubuhlungu bokubhala izindaba zasejele 😢

Ezinsukwini ezedlule ngike ngabhala i-post ngicela ukufuniswa umqasho, akekho ofisayo ukungisiza ngoba akekho ofuna ukufuya isigebengu. Wonke umuntu ucabanga ukuthi ngiwumgulukudu akangifuni eduze kwakhe.

Ngisho kuthiwa kunentombi engiyibonile meke ngangena kwi-Inbox ivele ingi-block(e) ngoba ayimfuni umgulukudu owake waboshwa. Shuthi nifuna ngishaye indlwabu impilo yami yonke 😢

Noma ngithi ngiyaphawula kwamanye ama-page ngibeka umbono njengesakhamuzi sase-South Africa kuvele kuthiwe "Thula wena akusikhona ejele la". Kanti ngazalelwa ejele yini mina?

Nangasekhaya meke ngabonakala ngihlezi negenge kuthiwa ngifundisa izingane ubugebengu noma imikhuba yasejele. Ejele kade ngaphuma kodwa kubukeka sengathi emehlweni abantu ngiyohlezi ngiyisiboshwa.

Uma ngexwayisa abantu ngezindaba zasejele ngisuke ngifuna bangayi ejele ngoba meke waboshwa, abantu bakubuka ngenye indlela impilo yakho yonke. Ingakho abanye begcina bebuyela emajele ngoba ayibekezeleleki lento.

By the way; My name is Sedro Scott, I just want to be given a chance to be free ❤️

Wonke umuntu o-Gay ngicela angiphendule, yini ngempela inkinga yakho?Ngempela ngempela uyayidela lento 🍑 ufuna kudliwe w...
04/12/2025

Wonke umuntu o-Gay ngicela angiphendule, yini ngempela inkinga yakho?

Ngempela ngempela uyayidela lento 🍑 ufuna kudliwe wena? Buka nje lapha ezithombeni amantombazane mahle kanjani. U-Jehovah uwadalele wena. Why wenze lento oyenzayo?

Iphutha lakho elilodwa lingakuletha kulendawo uzohlala iminyaka ubulawe isizungu impilo yakho yonke unye.Kwesinye isikha...
04/12/2025

Iphutha lakho elilodwa lingakuletha kulendawo uzohlala iminyaka ubulawe isizungu impilo yakho yonke unye.

Kwesinye isikhathi akulona iphutha kodwa ukuthatha izinto ngamawala nakho kungakuletha lapha.

Kwesinye isikhathi ukuhluleka ukulawula imizwa yakho noma intukuthelo nakho kuyakunikeza ithikithi elikuletha lapha.

Okunye ke ilento yokuthanda izinto, ukuhamba nabangane otshelwa kahle ngabo ekhaya kini ukuthi abalungile ngenxa yokuthanda istayela nigange nigcine senifike lapha.

Kanti ke isikhathi idlozi lakho uma lisaye elantshini liyakukhohlwa kuthiwe ubulale umuntu ongamazi uboshwe uze ugwetshwe uze kohlala kulendawo ungenacala.

Okokugcina, uma usacabanga ngemizwa uthatha imizwa ngoba uqhanyelwe nawe ungagcina lana kulendawo.

Ayikho into emnandi kulendawo uma usufikile ugcine usuzibuza nokuthi wawungafi ngani mhlazane uzalwa. Iyodwa nje into enhle ngalendawo ukuthi yonke into imahhala, awukhokhi lutho ngokugcinwa lapha. Lenkani onayo uphuma iphele yonke

Loshuni ungayilamula lento yokudlwengulana kweziboshwa emajele.Nicabanga kanjani?
04/12/2025

Loshuni ungayilamula lento yokudlwengulana kweziboshwa emajele.

Nicabanga kanjani?

Kudlalwe ngo-Samuel la. Okokuqala nje umuntu oyedwa angamdlwengula kanjani omunye umuntu endlini kukhona ezinye iziboshw...
04/12/2025

Kudlalwe ngo-Samuel la.

Okokuqala nje umuntu oyedwa angamdlwengula kanjani omunye umuntu endlini kukhona ezinye iziboshwa. Labantu nje bavumelene, uSamuel ibimqomile lentwana eyondla shuthi yabhebheka kabuhlungu kwagcina kufika emaphoyiseni. Phela ijele siyalazi madoda, angeke abezindaba badlale ngathi sonke.

Okokuqala nje umuntu ona-20 years uhlala kanjani endlini nomuntu ona-57. Lo omunye kufanele ukuthi use-Juvenile. I-NPA ayazi lutho ke yona. Isahlulwa ukushishisa abantu ababulala uSenzo Meyiwa ingena ezakwa Correctional Services manje.

Intwana nje bayishaye ngeskeperi, yaqoma!!

Baphinde basengezela abanye bodilikaJele ababili isiboshwa esidlwengule isiboshwa eJele

Sesiphinde sangezelwa amanye odilikaJele ababili isiboshwa esineminyaka engu-57 ubudala esidlwengule esinye isiboshwa eJele , laba baboshwe ejele iGrootvlei Correctional Centre. uThabo Samuel, owaziwa ngokuthi u “15” udlwengule isiboshwa esineminyaka engu-20. U Samuel ubegwetshwe odilikaJele ngamanye amacala afuze leli alenzile. Uphiko lwezokushushisa I NPA ithi lomuntu uyingozi akumele aphumele emphakathini kumele afele khona

03/12/2025

Niyayikhumbula lensizwa eyake yagadla kunina kwazwela? But ngathi yayikhuluma iqiniso nje 😆

Bruce Mhlongo - Njoms Security.Izigebengu zase-PMB zijabule ziyafa njengoba zizobe zigcaluza uDecember wonke njengoba ku...
03/12/2025

Bruce Mhlongo - Njoms Security.

Izigebengu zase-PMB zijabule ziyafa njengoba zizobe zigcaluza uDecember wonke njengoba kuboshwe isitha sazo esikhulu uBruce Mhlongo futhi inkantolo imnqabelile i-bail.
Lensizwa kulele inqwaba yesinsizwa eWestville nase-PMB ezitokisini nasebhantshini eziboshwa yilendoda.

Lendoda iwulwele kakhulu umphakathi wase-PMB kodwa namuhla umthetho ubophe yona. Kuthiwa inqatshelwe i-bail isiyoze ivele enkantolo mhlala 26 January 2026. Okusho ukuthi ukhisimusi izowudlela ejele.

Ningakhathazeki umuntu ofana no-Bruce Mhlongo akahlali neziboshwa uhlala yedwa ngoba iziboshwa eziningi akaphephile kuzona njengoba ebelwisana nazo. Angeke ahlale neziboshwa uzohlala yedwa noma bahlale nga-two endlini but khululeka yena u-safe.

Uqine Makhedama

Mawufuna ukudonsa kahle isigwebo sakho ejele nesimo sakini uma usazi kahle kufunela mawufika nje ebhantshini ubacele bak...
03/12/2025

Mawufuna ukudonsa kahle isigwebo sakho ejele nesimo sakini uma usazi kahle kufunela mawufika nje ebhantshini ubacele bakuthengele loshuni.

Lana ke bafana kudilika ijele, abagugi kwakona ejele. Angithi uhamba kusimende zonke izinsuku. Iziboshwa zisuke zizokuhleka phela angithi zona zigqoka ama-Adidas wena kumele ungabanaki ngoba uyasazi isimo sakini.

Mangabe unalabophara nalesicathulo ekuthiwa i-Parabellum ungawushaya uwuqede u-10 years ungakaze uhluphe abantu basemnyango ngezicathulo.

Ngyabonga

Address

IZINGOLWENI
Port Shepstone
4240

Telephone

+27729511932

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba ZaseJele posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share