Amehlo Esizwe

Amehlo Esizwe Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Amehlo Esizwe, Media/News Company, 14 appelblaar Street, Arboretum, Richards Bay.

Kuyalelwe amaphoyisa ukuthi angathathi hlangothi emibhikishweni ka-30 JuniIbamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa u-Firoz Cac...
28/06/2026

Kuyalelwe amaphoyisa ukuthi angathathi hlangothi emibhikishweni ka-30 Juni

Ibamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa u-Firoz Cachalia usenxuse abomthetho ukuthi bahlale 'baziphathe kahle futhi bangathathi hlangothi' njengoba iNingizimu Afrika ilungiselela imibhikisho ehlelelwe izwe lonke ngoJuni 30.

Imibhikisho, eholwa ngamaqembu okuhlanganisa nenhlangano, March and March, ifuna kuthathwe izinyathelo ezinqala kubantu bangaphandle abangenazo izincwadi. Lokhu kugqugquzelwa sekuphakamise ukukhathazeka mayelana nodlame olungase lubhekiswe kwabokufika, njengoba uhulumeni exwayisa ngokuthi noma yikuphi ukuqolwa kwabokufika ngeke kubekezelelwe.

Ekhuluma emcimbini wokuzilungiselela obuseThekwini ngeSonto, uCachalia uthe amaphoyisa ngeke avimbe imibhikisho esemthethweni kodwa azothatha izinyathelo zokugwema udlame neziyaluyalu.

“Indima yethu ukungathathi hlangothi kunoma iyiphi inkulumo-mpikiswano yomphakathi. Indima yethu wukugcina uMthethosisekelo, ukusebenzisa umthetho ngaphandle kokwesaba, ukuchema noma ukubandlulula kanye nokuqinisekisa ukuthi ukuthula emphakathini kuyagcinwa.”

Ungqongqoshe uthe amaphoyisa anomthwalo wokuvikela ababhikishi namalungu omphakathi angezukubamba iqhaza emibhikishweni, wathi lezi “kuyizibopho ezihambisana nomthethosisekelo”.

Bagwazane bafa abokufika bexabanabebuya ejoyintiniAmaphoyisa aseSundumbili aphenya amacala amabili okubulala ngemuva kok...
28/06/2026

Bagwazane bafa abokufika bexabanabebuya ejoyintini

Amaphoyisa aseSundumbili aphenya amacala amabili okubulala ngemuva kokuthi kutholwe abokufika ababili beshonile endaweni yaseSangweni Isithebe ezintatha zangeSonto mhla zingama-28 kuNhlangulana wezi-2026. Ulwazi olukhona kulesi sigaba luveza ukuthi laba ababili abashonile bebephuma endaweni yokucima ukoma bephuzile ngesikhathi kusuka ingxabano nokubikwa ukuthi baqale lapho ukugwazana.

Oyedwa oshonile utholakale lapho kwenzeke khona isigameko, kanti omunye utholwe amalungu omphakathi amamitha ambalwa ukusuka endaweni yesigameko. Kukholakala ukuthi naye ubenamanxeba amaningi okugwazwa. Umuntu wesithathu ozibonele lesi sigameko, nongowesizwe esifanayo nabashonile, usaqhubeka nokuphekwa ngemibuzo amaphoyisa ukuze athole eminye imininingwane.

Kolunye udaba okwenzeke KwaDukuza, amaphoyisa athi luyaqhubeka uphenyo mayelana namacala okushaya kanye nokucekelwa phansi kwempahla kulandela ukucekelwa phansi kwezakhiwo ezinhlanu zodaka endaweni yase-14 KwaDukuza ngoLwesihlanu ebusuku. Imibiko ikhomba ukuthi iqulu lamadoda liye kuleya ndawo lithungatha ifriji okusolakala ukuthi lintshontshiwe kanti kuthe lingalitholi, lashaya owesilisa elimthole lapha ongowokufika, bacekela phansi isakhiwo ezinhlanu.

Amaphoyisa Acela abantu bagweme ukufafaza noma yiluphi ulwazi olungaqondile mayelana nokuthi lezi zigameko ezimbili zenzeke ngenxa yezinkulumo eziqhubekayo lokuxosha abantu bangaphandle ngokungemthetho.

U-R600 million awusetshenziswe ukubaphindisela emazweni abo'UMHOLI wenhlangano elwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho...
26/06/2026

U-R600 million awusetshenziswe ukubaphindisela emazweni abo'

UMHOLI wenhlangano elwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma ubuze ukuthi kungani uhulumeni engasebenzisi lo R600 million okuthiwa uzosebenza ukuqapha ezokuphepha ngoJuni 30, ukuhambisa abaseMalawi abaduve eThekwini.

Usho lokhu ngesikhathi enze isithangami sabezindaba eGoli, ukukhuluma ngamaphuzu ehlukene ngodaba lwabokufika, abakuleli ngokungemthetho.

Uthe kuyabakhathaza ukuthi akekho noyedwa umuntu ofuna ukubuza ukuthi yenzeke kanjani inhlekelele yokuthi kugcine kukhona izinkumbi zabokufika baseMalawi ezibonakala eThekwini.

“Ngalo R600 million kungani kungasheshiswa eyokuhanjiswa kwalaba bantu eMalawi,” kusho uJacinta.

Uthe ziyammangaza izexwayiso zokuthi uma kungaba khona okuphambene okwenzeka ngalolu suku, kuyosolwa bona bengabahleli bemibhikisho. Uthe akukwazi ukuthi kungaba nenkulumo ekanje ebhekiswe kubo.

“Uma uhulumeni ezokwazi ukuchitha u-R600 million, kufanele awusebenzele, asikhombise ukuthi uzokwazi ukuvikela izwe. Ngeke sifike sikhale ngemingcele evuzayo nsuku zonke bese uhulumeni ahluleke ukusivikela,” kusho uJacinta.

Ubuze ukuthi uma uhulumeni ethi uzosola bona uma kungahle kube khona umonakalo ozoba khona ngoJuni 30, ubani othatha umthwalo wezingane eseziphenduke imihambima ngenxa yezidakamizwa, abantu abashushumbiswayo nokunye?

“Uma kukhona umuntu ofuna ukuqala akhombe imimwe kwabanye, akaqale abheke labo ababa yimbangela yale nkinga esibhekene nayo njengamanje yabokufika abangekho emthethweni,” kusho uJacinta.

Ugcizelele eyokuthi kade becula iculo lokuthi bona abazokwenza ngalolu suku ukumasha ezitaladini zezwe.

Ephendula eyokuthi izinhlaka zikahulumeni, okufaka phakathi ngisho noMengameli Cyril Ramaphosa, zithi umnqamulajuqu wangoJuni 30 awukho emthethweni, uJacinta uthe ufuna ukukucacisa ukuthi nakuba waqhamuka noPhakel’umthakathi Ndabandaba, kodwa iningi lezakhamuzi zakuleli zakhombisa ukuweseka, nazo zashumayela ivangeli elifanayo.

“UJuni 30 usuku olwashiwo ukugqugquzela ukuthi abakwamanye amazwe, abakuleli ngokungemthetho, bahambe babuyele emazweni abo. Lokhu kweza njengoba uhulumeni wethu uhlale ekhala ngokuthi kuyizindleko ezinkulu ukubahambisa,” kusho uJacinta.

Uthe kuyammangaza ukuthi uhulumeni agqamise eyokuthi akukho emthethweni ukutshela abantu abakuleli ngokungemthetho, ukuthi abahambe baye emazweni abo.

“Yini engekho emthethweni ngalokho? Ngoba lolu wusuku olumenyezelwe ukuthi bagqugquzelwe ukuthi baye emazweni abo?,” usho kanje.

Uthe kuyamangaza nokuthi wonke umuntu useqala ukuba novalo manje ekubeni lolu suku lwamenyezelwa ngo-Ephreli.

Uthe balweseka lolu suku ngoba baseduze nemiphakathi okuyiyona ekhahlamezeke kakhulu ngalolu daba.

Uthe abazokwenza bona ngoJuni30 ukwenza imibhikisho njengenjwayelo ezindaweni ezehlukene. Uthe amamashi azobe esemthethweni njengoba izinhlangano abasebenzisana nazo, zizifakile izicelo ngokusemthethweni. Uthe basazomemezela kahle ukuthi amamashi azobe ekuziphi izindawo.

Uthe indaba yokukhala ngabokufika abakuleli ngokungemthetho, isikhalo seminyaka.

Uchithe eyokuthi banabaxhasi ababeseka ngemali esithe, wathi kuyakhathaza ukuthi kucatshangwe ukuthi umuntu omnyama ukwazi ukusukuma amele into ethize ngoba nakhu ekhokhelwe.

“Ukhona yini oseke wasicela izitatimende zasebhange, ukuze azibonele ukuthi lawa amampunge? Imali siyinikelelwa abantu. Yishoni sininike izitatimende khona namuhla, nizibonele,” kusho uJacinta.

Uchithe eyokuthi balwa nabokufika ngokungemthetho abanebala elimnyama kuphela. Wathi lokhu kuyabaxaka ngoba iningi lezipaza emalokishini liphethwe abaseBangladesh. Wathi nakhona odabeni lwezipaza, babonakele belwisana nalokhu.

Ebhekise ezinhlanganweni ezibasolayo ngokulwa eyabokufika abakuleli ngokungemthetho, uthe leli yithuba lokuthi ziyeke ukubanika ukudla, kodwa zikhokhele amabhasi okubahambisa emazweni abo.



I-March and March ibhekene ngeziqu zamehlo nomasipalaUMHOLI weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthe bazoqhubek...
26/06/2026

I-March and March ibhekene ngeziqu zamehlo nomasipala

UMHOLI weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthe bazoqhubeka nombhikisho uma uMasipala weTheku ungabacaciseli ngezizathu zokuvimba imashi

INHLANGANO elwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho, iMarch and March, isifunge yagomela ukuthi izoqhubeka nombhikisho ohlelelwe uLwesibili, uma iMenenja kaMasipala weTheku ingayibhaleli phansi izizathu eziphathekayo zokunqaba ukuthi kube khona lo mbhikisho.

Umholi weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, utshele umphakathi ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu ukuthi sebethole imbibizane kuMasipala weTheku ngombhikisho osekunesikhathi eside wamenyezelwa.

Encwadini ayinameke nesimemezelo, uNkk Ngobese-Zuma uveze ukuthi abanye abahamba phambili kule nhlangano engenzi nzuzo, babizelwe emhlanganweni nezikhulu zikamasipala, obekukhona kuzo nezamaphoyisa.

Uveze ukuthi ngoJuni 24, okuyisikhathi esingangezinsuku ezintathu zokusebenza ezisele ngaphambi kokuthi kube khona umbhikisho, amalungu abo abizelwe emhlanganweni, lapho etshelwe khona ngomlomo ukuthi imenenja kamasipala iyanqaba ukuthi imashi ibe khona.

“Unqabe ngelithi imashi iyingozi enkulu ekuphepheni kwezwe. Usho lokhu ngale kokuletha ubufakazi obuphathekayo ukweseka inkulumo yakhe,” kusho uNgobese-Zuma.

Uthe bafuna ukuwukhumbuza umasipala ukuthi ukuhlangana kwabantu kanjalo nokubhikisha kuyilungelo elivunywe uMthethosisekelo.

Uthe okubamangazayo wukuthi bakwenze konke okuqondene nomthetho olawula imibhikisho. Phakathi kwakho, uthe isicelo basifake ngesikhathi, kwathi sekuba nezingxoxo lapho bebeka khona imigwaqo abafuna ukuhamba ngayo uma sebebhikisha, umasipala waphakamisa eminye, nokwaba yizinguquko abazivumela.

“Ngokwenza lokhu besikhombisa ukuthi siyasebenzisana futhi sibambisene ezingxoxweni,” usho kanje.

Ube esexwayisa ngokuthi uma umasipala uqhubeka nokubanqabela ukuthi babhikishe, okuyilungelo labo elikuMthethosisekelo, imenenja kamasipala kufanele ukunqaba kwayo ikubhale phansi.

“Sifuna ibhale phansi izizathu zokunqabela umbhikisho, isho ukuthi isinqumo isithathe icaphuna kumuphi umthetho ovimbela abantu ukuthi bahlangane bese iletha nobufakazi obutholwe yisikhulu esenze ucwaningo oluveze ukuthi imashi izoba yingozi ekuphepheni kwezwe,” kusho uNkk Ngobese-Zuma.

Ugcizelele eyokuthi uma kungekho into ebhalwe phansi wumasipala ngokusemthethweni ukuthi imashi yenqatshiwe, bazoqhubeka nayo njengokwezinhlelo.

Kwenzeka lokhu nje, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke osabambile, uSolwazi Firoz Cachalia uveze ukuthi kukhishwe u-R600 million wezinhlelo zokuphepha ngosuku lwemibhikisho.

Kushaye isikhathi sokushicilela izolo ebusuku umasipala ungakaphenduli ngalolu daba.

26/06/2026

URamaphosa nesexwayiso ngekaJuni 30

ZIQAPHE ngelokhozi izinhlaka zokuphepha kuleli ukunamizamo yokudala udugunyane ezweni njengoba kunomnqamulajuqu wangoJuni 30, wokuthi babe bengasekho abantu bakwamanye amazwe abafohlile kuleli.

UMengameli Cyril Ramaphosa, uxwayise abahlela ukudala udungunyane ukuthi abezomthetho bazobe bengasineki. uthe ngalolu suku abantu bazobe beziqhubekela nempilo njengokujwayelekile njengoba isimo siqashwe ngelokhozi.

"Abezinhlaka zokuphepha bazobhekana nazo zonke izinto ezingadala udungunyane ngamamashi achitha abafohlile. ULwesibili oluzayo luwusuku olujwayelekile, asifuni kube nokuphazamiseka kwamabhizinisi kanjalo nabantu. Sixwayisa abafuna ukudala udungunyane ukuthi abomthetho bazobe beqaphe isimo ngelokhozii. Leli akulona izwe elinenzondo kwabokufika, elicwasayo kanjalo nelicwasa ngokobuzwe," usho kanje izolo ephendula imibuzo eNdlini yoMkhandlu weziFundazwe ePhalamende.

Uxwayise nabantu bokufika ukuthi bahloniphe imithetho yakuleli.

"Wonke umuntu okuleli kumele ahloniphe imithetho yezwe. Akekho umuntu onelungelo lokuzijezisela abantu. Yonke into kumele yenziwe abomthetho ngoba akekho onelungelo lokumisa umuntu amsolayo ukuthi akuyena owakuleli, amfune umazisi," kusho uRamaphosa.

Uthe inqwaba yabantu bakwamanye amazwe seyilifulathele elakuleli wathi indaba yabantu abakuleli ngokungemthetho kumele isetshenzwe ngokuthula. Unxuse abaholi ukuthi bashumayele ivangeli lokuthula noma kuphi lapho bekhuluma khona.

"Sonke singabaholi, asizona izibukeli. Sinesibopho sokuthi sishumayele ivangeli lokuthula ezweni ngalesi sikhathi."

Ubongele neqembu iBafana Bafana, edlulele esigabeni samazwe angu-32 emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba emuva kokubhaxabula iSouth Korea, ngegoli elilodwa eqandeni entathakusa izolo. URamaphosa ofike egqoke ijezi leBafana, uxolisile kumalungu eNdlu wathi akagqokanga isudi ngenxa yokuwina

Naba abazoqala kwiBafana Bafana emdlalweni onguwafawafa neKorea Republic ozoqala ngo-3am.WilliamsMudau, Okon, Mbokazi, M...
25/06/2026

Naba abazoqala kwiBafana Bafana emdlalweni onguwafawafa neKorea Republic ozoqala ngo-3am.

Williams

Mudau, Okon, Mbokazi, Modiba

Sithole, Mbatha

Maseko, Mofokeng, Appollis

Makgopa

AMI NGOMUMO AMASOSHA UMA BETHI PE NGOJUNE 30UNGQONGQOSHE wezokuVikela, uNkk Angie MotshekgaAZOTSHALWA uma kunesidingo am...
24/06/2026

AMI NGOMUMO AMASOSHA UMA BETHI PE NGOJUNE 30

UNGQONGQOSHE wezokuVikela, uNkk Angie Motshekga

AZOTSHALWA uma kunesidingo amasosha ukuqapha izibhelu ezingaqubuka ngosuku lomnqamulajuqu wokuxosha abokufika abafohlile, uJuni 30. Kuzodla uhulumeni uR600 million, ukutshala amaphoyisa azoqapha noma yini engase yenzeke ngalolu suku.

Sekuxwayiswe nabazomasha ukuthi bangafiki behlome ngezinto ezifana nezinduku, izagila noma izimvubu ezingalimaza abanye kule mibhikisho. Isexwayiso sikhishwe yibamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSolwazi Firoz Cachalia, emva kokuhlangana nozakwabo waseMnyangweni wezokuVikela, uNkk Angie Motshekga.

"Asikho isidingo sokuthi abantu ababhikishayo, baphathe noma yini engaba yisikhali esingasebenza ukulimaza omunye. Izikhali zendabuko ezifana nemikhonto, izinduku izagila nezimvubu ziyingozi, kanti zingalimaza abantu. Sizotshala amasosha uma kunesidingo njengoba silungiselela uJuni 30," kusho uCachalia.

Uthe lo-R600 million ungaphandle kwesabelomali sabo wathi le mali ibingasebenza kwezinye izinhlelo.

UNkk Motshekga, uthe kulokhu bayazi ukuthi babhekene nani njengoba ngo-2021 babengazelele.

"Siyazi manje ukuthi sibhekene nani, siyabazi nabantu abahlela imibhikisho. Ngo-2021 sasingazi ukuthi sibhekene nobani kanti manje sizilungiselele. Asilindele ukuthi isimo sidlebeleke kodwa uma kwenzeka lokho amaphoyisa azosimema ngoba asikwazi ukumane singenelele singabiziwe," usho kanje.

Uthe bayasebenzisana beyithimba longqongqoshe ababhekele ukuphepha njengoba bethola ulwazi ngokwenzekayo.

"Amaphoyisa anolwazi ngokuzokwenzeka, nokuthi yimiphi imizila okuzobe kuhamba kuyona abamashayo. Sixoxa nawo wonke umuntu, sixoxe ngisho nabahlela imashi ngoba siyabazi. Ziyazwakala izikhalo zabo ngoba zikhuluma ngezinto ezithinta abantu," usho kanje.

UCachalia uthe abantu ababhikishayo kumele bakwenze lokhu ngaphansi komthetho. Usho lokhu nje abaholi balawa mamashi asabalele ezweni lonke okubalwa kubona uNgizwe Mchunu, Jacinta Ngobese-Zuma noPhakel'umthakathi, bahlale beshumayela ivangeli lokuthula begcizelela ukuthi akukho okubi okuzokwenzeka ngoJuni 30. Bahlale bekuveza ukuthi akekho umuntu ofohlile ozoshaywa.

"Abazophambana nomthetho bazoboshwa. Okwethu wukuthi kube nokuphepha ezweni. Okubalulekile wukuthi abafohlile, babuyiselwa emazweni abo," kusho uCachalia.

Uthe bahlangana nondunankulu bezifundazwe, okhomishana bamaphoyisa ezifundazweni kanjalo nezinye izinhlaka ukulungela noma yini.

Uqinisekise umphakathi ukuthi uzobe uphephile njengoba benezinhlelo abazenzile. Ngempelasonto ithimba longqongqoshe bezokuphepha lihlangane neNdlunkulu kaZulu, ebiholwa uNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi. Inhloso bekuwukuyinxenxa ukuthi ifake isandla ekushumayeleni ivangeli lokuphepha nokubekezelelana uma kunemibhikisho efuze le.

ISilo samaBandla uMisizulu kaZwelithini sishumayele ivangeli sakhuza ukuthi bangashaywa abantu abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho. Izifundazwe eziqashwe ngelokhozi abezomthetho yiKwaZulu-Natal, Eastern Cape, Western Cape neGauteng. Zevile ku-170 iziteshi zamaphoyisa ezweni lonke ezithathwa njengalezo eziqashwe ngelokhozi ukuthi kungase kuqubuke udlame. Nsuku zonke kunolwazi lwezobunhloli olutholwa amaphoyisa ukulungiselela uJuni 30.

BAZOTHWALA  KANZIMA  ABANTU KUNYUKA UGESIukuthenga ugesiBAZOTHWALA kanzima abantu bakuleli abasebenzisa ugesi njengoba o...
24/06/2026

BAZOTHWALA KANZIMA ABANTU KUNYUKA UGESI

ukuthenga ugesi

BAZOTHWALA kanzima abantu bakuleli abasebenzisa ugesi njengoba omasipala bezowunyusa ngenyanga ezayo. Lokhu kunyuka kukagesi kufike ngesikhathi lapho abanye ososeshini bamatekisi, bezonyusa imali yokugibela KwaZulu-Natal ngenxa yokunyuka kwezindleko.

Iqembu iMKP likhwele ladilika kuhulumeni ngokuqonga kwezindleko ezibhekene nabantu bakuleli. Okhulumela iMKP, uMnuz Sifiso Mahlangu, uthe abantu badonsa kanzima ngenxa yokunyuka kwezindleko nxazonke.

"Liphezulu izinga lokungasebenzi kwabantu, nomnotho awukhuli ngakho abantu basazothwala kanzima. Lokhu kunyuka kungenxa yokuntenga kobuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa," usho kanje.

Ugxeke i-ANC nohulumeni wokubambisana iGNU ngokuhluleka ukulungisa izinselelo ezibhekene nezwe.

"Uhulumeni uyahluleka ukulungisa inkinga yokungasebenzi kwabantu. Uhluleka nawukubhekana nenkinga yendlala ebhuqa abantu bakuleli. Izinga lokuphila liphezulu kanti abantu bakuleli sebezobhekana nokunyuka kukagesi."

Uthe bayakuchitha ukunyuswa kukagesi okuzokwenziwa kusuka ngenyanga ezayo.

"Sekwanele. Abantu bakuleli kumele bakhumbule ubuhlungu obulethwe yi-ANC uma sebevota ngoNovemba 4."

Inhlangano iNational Energy Regulator of South Africa (Nersa), yashicilela amaphesenti omasipala abakhulu ama-Metro, abazonyusa ngawo imali kusuka ngoJulayi 1. Labo masipala yiTshwane, eThekwini, Cape Town neJohannesburg.

Kwenzeka lokhu nje inkampani ehlinzeka ngogesi kuleli i-Eskom, iyaqhubeka nohlelo lokufaka ama-smart meter ezindaweni ezehlukene. Le nkampani ithe ifuna ibe isiphelile inkinga yokucima kukagesi kwezinye izindawo ngonyaka ozayo. Angu-1.7 million ama-smart meter asefakiwe ezifundazweni ezehlukene.

Le nkampani isanda kunconywa ngokuqeda uhlelo lokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Sekuphele unyaka ungacishwa ugesi kuleli, okuyinto enconywe nangumengameli Cyril Ramaphosa muva nje.

24/06/2026

Molweni zihlobo 👋

Sivule ngokusemthethweni i-Amehlo eSizwe. Indawo yenu yezindaba ezenzakalayo e-Eastern Cape naseMzantsi Afrika wonke.

Sizimisele ukuletha:
1. Izindaba eziqinisekisiwe, hhayi amahuhu
2. Sibika ngaphandle kokukhetha icala
3. Siphakamisa izwi lomphakathi

Ungasiza kanjani?
- Like le Page
- Share namaqembu akho
- Comment ngemibono yakho
- Thumela izindaba ku-inbox

Masibambisane ukwazisa isizwe. Enkosi ngokusithemba.



Siyakwamukela e-Amehlo eSizwe

Siyi-Page yezindaba egxile ekuletheni ulwazi oluyiqiniso, olusheshayo, noluqondakalayo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

Sibika ngani?
Izingcupho, ezombusazwe, ezemfundo, ezamaphoyisa, ezemidlalo, kanye nezindaba zomphakathi zasekhaya.

Umthetho wethu: Qinisekisa kabili ngaphambi kokushicilela. Asisakazi amahemuhemu.

Une-tip noma isithombe sendaba? Sithumele ku-inbox. Asidaluli umthombo wakho.

Address

14 Appelblaar Street, Arboretum
Richards Bay
3900

Opening Hours

Saturday 09:00 - 17:00
Sunday 09:00 - 17:00

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Amehlo Esizwe posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share