1kzntv News

1kzntv News Sikwethulela zinjengoba zinjalo kasichemile futhi kasigwazelwa,sizifikela qathatha kasithumeli!Ch 261
(7)

Usuku oluhle lokuzalwa namuhla lukaNdlunkulu weSilo okaMdolomba.Khula ube ngangezintaba zOndi noKhahlamba.
01/01/2026

Usuku oluhle lokuzalwa namuhla lukaNdlunkulu weSilo okaMdolomba.Khula ube ngangezintaba zOndi noKhahlamba.

Useyawuphonsa umbalane esibhedlela umculi odabuka eLimpompo uMakhadzi emva kwengozi emehlele esendleleni ebheke eGoli.
01/01/2026

Useyawuphonsa umbalane esibhedlela umculi odabuka eLimpompo uMakhadzi emva kwengozi emehlele esendleleni ebheke eGoli.

31/12/2025

Sesibala amahora singene onyakeni omusha nimatasa nenzani lapho?

Umasipala uMhlathuze usingathe inkonzo yokubonga unkulunkulu ngokuthula,uzinzo nenqubekela phambili eMpangeni enyakatho ...
30/12/2025

Umasipala uMhlathuze usingathe inkonzo yokubonga unkulunkulu ngokuthula,uzinzo nenqubekela phambili eMpangeni enyakatho nelikaMthaniya namuhla.

Lenkonzo ibihanjelwe amahlelo ahlukene ezenkolo,amakhosi nabaholi abaqavile emphakathini.

Ukubonakala kwezimboma/mvubu ezimbili muva nje  endaweni yokubhukuda ngaseBay Hall eyaziwa ngokuthi kusemapools eRichard...
30/12/2025

Ukubonakala kwezimboma/mvubu ezimbili muva nje endaweni yokubhukuda ngaseBay Hall eyaziwa ngokuthi kusemapools eRichardsbay kakuyona into okumele ithuse abantu kakhulu ngoba vele lesilwane singamathe nolimu namanzi.

Okubalulekile ukuthi abantu bangazami nakancane ukusondela eduze kwalesilwane noma bathathe izithombe eduze naso ngoba siyingozi kabi baningi asebadlula emhlabeni behlaselwa yilesilwane saloluhlobo ngakho abantu bayelulekwa ukuba bahambele kude naso.

Lezimvubu zike zibonakale nasezindaweni ezihlala abantu ko Merensee,St Lucia nezinye ezigudle ulwandle noma lapho kunamanzi khona amaningi eduzane.

Kanti kwisigameko esenzeke kwiminyaka embalwa eyedlule owesimame waseDukudulu owayeyokha incema eSimangaliso Wetland Park wahlaselwa yilesilwane samqoba ngamazinyo kwamenela ukufa ujuqu.

Kulicala elibomvu elihambisana nenhlawulo ka R20 000 wamarandi noma bagqunywe izinyanga ezikhindini abazoqhumisa okhilik...
30/12/2025

Kulicala elibomvu elihambisana nenhlawulo ka R20 000 wamarandi noma bagqunywe izinyanga ezikhindini abazoqhumisa okhilikithi ezindaweni ezingaphansi komasipala uMhlathuze enyakatho yelikaMthaniya bengenazo izimvume.

Ngokwesitatimende esikhishwe yilomasipala kumele abafuna ukuqhumisa okhilikithi ngabe babhiyozela imicimbi yokujuxuza noma yezenkolo bafake kumasipala isicelo sokugunyazwa kusasele izinsuku ezingamashumi amathathu kufike lolosuku lokuwaqhumisa.

26/12/2025

Buka;Igosa laseMsinga eNadi eMabomvini kwingoma yehlahla likaDecember.

Uvalelwe esikiti sasesiteshini samaphoyisa eScottburgh Police Station maphakathi nelikaMthaniya oyisikhulu somunye wemin...
23/12/2025

Uvalelwe esikiti sasesiteshini samaphoyisa eScottburgh Police Station maphakathi nelikaMthaniya oyisikhulu somunye weminyango kaHulumeni wakulesifundazwe oboshwe ngamaphoyisa omgwaqo ase Park Rynie obanjwe emva kokuhujwa ngamaphoyisa ebaleka lapho ebemiswa khona.

Kuthe uma sibanjwa lesikhulu satholakala sishayela ngesivinini eseqile,sibuhlabile futhi sinezicethe zotshwala obehlukene sihamba nowesilisa oneminyaka elishumi nesikhombisa obebukhile naye.

Ngaphezu kwalokhu lesikhulu sitholakale nesibhamu kanye nezinhlamvu okungavumelekile ukuba ukuphathe uma wenqiwe yinkezo.Wenqatshelwe ibheyili wabuyiselwa ezitokisini.

23/12/2025

Ungqongqoshe wamaPhoyisa obambile uProffesor Firoz Cachalia, ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral uFannie Masemola, ukhomishana wamaphoyisa KZN uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi befika eHoy Park eThekwini namuhla.

Laba bazokwenza izinhlelo ezahlukene okubalwa nezivimbamgwaqo ukuqinisekisa ukuthi abantu baphephile njengoba kuqhubeka isikhathi samaholide okuphela lonyaka.

23/12/2025

Buka:Umunyu wodwa seliphuma esontweni i Rosebank Catholic Church eGoli ibhokisi lika Warrick "Dj Warras" Stock lapho bekubanjwe khona inkonzo yomngcwabo wakhe.

Umasipala uMfolozi usingathe umkhuleko omfishane ngenhloso yokunxusa ukungenelela kukaNkulunkulu kuphele izingozi zomgwa...
23/12/2025

Umasipala uMfolozi usingathe umkhuleko omfishane ngenhloso yokunxusa ukungenelela kukaNkulunkulu kuphele izingozi zomgwaqo eMposa emgwaqeni owuthelawayeka uN2 enyakatho nelikaMthaniya.

Kulomgwaqo esikhathini esingaphansi kwesonto kwenzeke izingozi ezimbili ezinyantisa igazi enye yazo edlule nomphefumulo wabantu abahlanu.

23/12/2025

Empangeni Hardware and Tiles isiteleka bakhala ngamaholo nokucwaswa ngumphathi wasePakistan.

Address

71 Dollar Drive
Richards Bay
3900

Opening Hours

Monday 08:00 - 17:00
Tuesday 08:00 - 17:00
Wednesday 08:00 - 17:00
Thursday 08:00 - 17:00
Friday 08:00 - 17:00

Telephone

+27357899567

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when 1kzntv News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share