16/02/2025
Laluve lungeluhle uthando lwethu luhlobile kuhle kwezimbali,selokhu wahamba angiphindanga ngathola umuntu ofana nawe.😔
Uthando lwakho lungilalisa kabi angisalali nakahle ebusuku ngicabanga izinsuku zethu esezedlula inhliziyo ebese ishaya kancane.😔
Khona lento owawuyenza ongasekho Oyenzayo eyayingikhombisa uthando sasithi uma sxabene uvele ukhale mii izinyembezi kodwa ubuye ungithande into engingayazi akasekho owenza njalo ngimfunge umama.😔
Ukhula ludla lubi ensimini mama nabake bazama ukuyihlawula emva kwakho abenzi njengawe,buya uzothatha leligeja lami lilingene wena wedwa mntanomuntu.😔
Zyafika izinto zyedlula kodwa azidluli lezansuku,
Ngicela ubuye noma ngabe ukude kangakanani ngisakuthanda🤞🥺.
Uma ngaba nephutha kuwe ngiyalivuma buya sihlale phansi Mama sililungise🤞🥺,
Ikhona nenkantolo yamacala elawini Nala esingawathetha khona sisobabili Mama ngivume amacala ami🤞🥺,
Ngiyabona cishe ngangidalelwe wena ngoba akekho ofana nawe nokwazi ukungenza ngizizwe ngiyindoda njengawe,wobuya mntanomuntu uthando lwakho lukhona la likulindile🤞🥺.
Ngaphenduka udwende olusina lizibuke buya Dali wami sizoqhuba uthando lwethu 🥺,
Buya sizophefumula umoya owodwa ngaphansi kwamashidi Nuh ngithi phenduka ubheke ngakimi🥺.
Walibamba walijukujela walilahla le kude uthando lwethu nah?😔
Musuvala amehlo angisaveli, inhlansi yothando lwethu ayisekho nah?😔
Mangibona abantu bejabule othandweni ngincamele ukufaka ikhanda phakathi kwamadolo zehle zilandelana izinyembezi kimi ngoba nami kwakunjeyana nginawe awusekho manje ngalutheka ngalahla wena ngixolele😔😥,
Empeleni iNkonyane yayisathunga isisinga Mtakwethu,ngisathatha ngibeka,sengikhulile manje iqhaza nokubaluleka kwakho ngiyakubona kweyami impilo😔😥.
Ngikufanisa nekhubalo uNdlelazimhlophe ngoba ngesikhathi ngisasenawe empilweni yami izinto zami zazikhanya ungibonisa ngiboniseke wena wawuyisisekelo sempilo yami😔😥.
Ukubuya kwakho empilweni yami kuyoba injabulo ephindaphindiwe engenamkhawulo ithuba engolibamba ngazo zombili ngikuphathise okwezikhali zamantungwa Ngicela uBuye😔😥...
NGICELA UBUYE😔😥
By Kingdanone Ft Magwazucaca Mdluli
©️2025