Ikwekwezi Newspaper

Ikwekwezi Newspaper "Our Newspaper is all about putting the light on the nation and serving them with the breaking news"

Ezingenayo!!Sekudutshulwe u deputy principal ngoyaba lwezinhlavu washonaSekudutshulwe kwabulawa ngesihluku u deputy prin...
09/10/2024

Ezingenayo!!

Sekudutshulwe u deputy principal ngoyaba lwezinhlavu washona

Sekudutshulwe kwabulawa ngesihluku u deputy principal ongowesilisa ona 48 ubudala wasesikoleni i Revoni Secondary School e Daveyton abantu abangaziwa washonela khona lapho..lothisha kuthiwa bamlalele unyendle ngenkathi eya kwi meeting yecala lomunye wothisha kulesikole.. imbangela yokubulawa kwakhe ibingakaziwa umnyango wezemfundo e Gauteng uzwakalise ukudumala ngalesenzo wathumela namazwi enduduzo emndenini.


Umalume obehambisa izingane esikoleni kubikwa ukuthi iginqikile itekisi inezingane zabantu phakathi ku-Longacres Drive E...
03/10/2024

Umalume obehambisa izingane esikoleni kubikwa ukuthi iginqikile itekisi inezingane zabantu phakathi ku-Longacres Drive Emanzimtoti khona namuhla [ngoLwesine] ekuseni.

Kunezingane ezilimele kulesi gameko ziphuthunyiswe emtholampilo oseduze ukuze zelashwe. Kuxwayiswa abazali ukuthi baqikelele ukuthi lezimoto ezithwala izingane zabo zikulungele ukuba semgwaqeni kanye nabo abashayeli bazo.



Owesilisa obesanda kuthenga imoto yohlobo lwe Audi A5 behamba nomngani wakhe bejabulile bathole ongozi bangena ngaphansi...
02/10/2024

Owesilisa obesanda kuthenga imoto yohlobo lwe Audi A5 behamba nomngani wakhe bejabulile bathole ongozi bangena ngaphansi kwe truck bashona bobabili

Sekusabalale i video owesilisa obejabulela ukuthenga imoto ebizayo i Audi A5 ngalolo suku eyithenga uthathene umngani wakhe obekudala besokola naye baya ezindaweni zokujabula bathe besajabulile ebusuku bathola ingozi emgwaqeni bangena ngaphansi kwe truck bashona bobabili.



Akasekho emhlabeni ubaba uSolly Moholo. Kulandela ukuwa waphuthunyiswa esibhedlela ngenkathi ebelingiselela album yakhe ...
02/10/2024

Akasekho emhlabeni ubaba uSolly Moholo. Kulandela ukuwa waphuthunyiswa esibhedlela ngenkathi ebelingiselela album yakhe ebuzophuma maduze.



Ulale ebaliwe owesifazane izolo edolobheni eThekwini obezenza iphoyisa ebamba abantu inkunzi.Ubonwe yiphoyisa elilodwa l...
25/09/2024

Ulale ebaliwe owesifazane izolo edolobheni eThekwini obezenza iphoyisa ebamba abantu inkunzi.Ubonwe yiphoyisa elilodwa lacela ukubona izinto zakhe wenqaba wathi lihlanganaphi. Iphoyisa libe selibiza ibackup uthe masebona amaphoyisa amaningi waqala wakhuluma evuma ukuthi akalona iphoyisa kodwa ubamba inkunzi. Uboshwe eBerea police station.

Kuqothwe umndeni abantu abangaziwaIzolo ntambama kudutshulwe kwabulawa ubaba wekhaya nomama nezingane ezimbili bahlaselw...
23/09/2024

Kuqothwe umndeni abantu abangaziwa

Izolo ntambama kudutshulwe kwabulawa ubaba wekhaya nomama nezingane ezimbili bahlaselwe emzini wabo bahlaselwe amadoda amabili afike avulela ngenhlavu bashona bonke ababulali basagcwele amathafa lesigameko senzeke eMarikana.



Bakhahlamezekile abanye abalimi basala dengwane ngapha eMajuba District. Bafelwe imfuyo yabo ngenxa yeqhwa elinamandla e...
22/09/2024

Bakhahlamezekile abanye abalimi basala dengwane ngapha eMajuba District. Bafelwe imfuyo yabo ngenxa yeqhwa elinamandla ebelihlasele kusuka ngoLwesihlanu nayizolo.



ONgumsakazi weJozi fm uPenny Ntuli, Uphuthuniyswe esibhedlela emveni kokuba ungenwe kakhulu amakhaza wahlalselwa isifo e...
22/09/2024

ONgumsakazi weJozi fm uPenny Ntuli, Uphuthuniyswe esibhedlela emveni kokuba ungenwe kakhulu amakhaza wahlalselwa isifo esaziwa ngokuthi "ihypothermia"

Lokhu kulandela ukuthi bechithe ubusuku obubili ku N3 bengatholi sizo, Emveni komkhithiko onamandla ogcine udlule nempilo yomunye umshayeli.



Abezimo eziphuthumayo Maphakathi nesifundazwe i KwaZulu-Natal sebeqinisekise ukuthi kushone umuntu ngenxa yamakhaza. Lom...
21/09/2024

Abezimo eziphuthumayo Maphakathi nesifundazwe i KwaZulu-Natal sebeqinisekise ukuthi kushone umuntu ngenxa yamakhaza. Lomuntu ubesuka eGoli egibele ikhumbi kanti kubikwa ukuthi uquleke ngesikhathi ikhumbi isamile abantu beyothenga ukudla emgwaqeni onguthelawayeka u N3.

UMhlonishwa  uMeya wesiFunda uMzinyathi Ald PMS Ngubane unxusa izakhamizi ukuba zigweme izindlela njengoba imigwaqo  emi...
21/09/2024

UMhlonishwa uMeya wesiFunda uMzinyathi Ald PMS Ngubane unxusa izakhamizi ukuba zigweme izindlela njengoba imigwaqo eminingi ivaliwe ngenxa yeqwa elilokhu liqhubeke njalo nokukhithika ezingxenyeni eziningi zesifundazwe. Unxusa abantu ukuba baphephe uma kukhona izimo eziphuthumayo eziyingozi bathinte ithimba loMzinyathi kwaDisaster enombolweni ethi: 034 212 2222.
Isimo semigwaqo yethu okwamanje besimi kanje ngo7:30 ekuseni

- N11 - Ladysmith to Newcastle CLOSED
- N11 AMAJUBA PASS CLOSED
- R33 - Vryheid to Dundee OPEN
- R34 - Newcastle to Bloodriver/Vryheid OPEN
- Lindela ukuthi lokhu kungashintsha noma inini njengoba izulu liqhubeka nokuba libi imigwaqo ishelela.


Umshayi wenduku obedume ngelika Bhejane obencoywa kakhulu lapha ezingqweleni udubule intombi yakhe maqede wazidubula nay...
09/09/2024

Umshayi wenduku obedume ngelika Bhejane obencoywa kakhulu lapha ezingqweleni udubule intombi yakhe maqede wazidubula naye, yena ushonele khona lapho endaweni yesigameko kanti intombi yakhe yona yashonela esibhedlela. Ayikaziwa Imbangela yalokhu.

Kwaito legend Mapaputsi, igama lakhe langempela lingu Sandile Ngwenya, udlulile emhlabeni emvakokugula Umphefumulo wakhe...
06/09/2024

Kwaito legend Mapaputsi, igama lakhe langempela lingu Sandile Ngwenya, udlulile emhlabeni emvakokugula
Umphefumulo wakhe ulale ngokuthula 🕊

Address

Rosettenville

Telephone

+27680126643

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ikwekwezi Newspaper posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ikwekwezi Newspaper:

Share