03/07/2026
IFRESHLYGROUND IZIGQAJA NGOKUBA IQEMBU LOMCULO ELIQHAKAMBISA I-AFRIKA EHLANGENE
IFRESHLYGROUND eyaduma ngezingoma ezithi "Doo Be Doo", "Nomvula" nethi "Waka Waka (This Time For Africa)" abayenza no Shakira ngemidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola ngo-2010, isizwakalise ukuzigqaja ngokuba iqembu elihlanganiswe amalungu avela emazweni amathathu ase-Afrika okuyiNingizimu Afrika, Mozambique ne Zimbabwe.
Isanda kufaka ekhasini layo le-Facebook isithombe esiveza amalungu ayo kanye namazwe ehlukene ase-Afrika avela kuwo. Lesithombe sihambisana nombhalo othi: "Abaculi abayisithupha. Amazwe amane. Umculo owodwa. Besingeke sibe iFreshlyground ngaphandle kwalenhlanganisela, neNingizimu Afrika ibingeke" obekuwumyalezo ocacisa ngokusobala ukuthi iqembu limi ngaphi odabeni lokuxoshwa kwabokufika eNingizimu Afrika.
Kuzokhumbuleka phela ukuthi ngoLwesibili, mhlaka-30 Nhlangulana (June) 2026 bekuhlelwe ukhukhulelangoqo wamamashi ehlukene ezweni lonke abelwa nabokufika abahlala eNingizimu Afrika kodwa bengenazo izimvume zokuba kuleli.
Leli qembu elenza umculo we-Afro-fusion lisungulwe eCape Town ngo-2002 linamalungu ayisi-7 okungoZolani Mahola (South Africa), Peter Cohem (South Africa), Kyla-Rose Smith (South Africa), Josh Hawks (South Africa), Seredeal Scheepers (South Africa), Julio Sigauque (Mozambique) no Simon Attwel (Zimbabwe).
Ngonyaka olandelayo u-2003 libe selikhipha i-album yokuqala ethi "Jika Jika"
Like lashiywa ngo-Aron Turest-Swartz obedlala i-Keyboard phakathi kweminyaka u-2002 kuya ku-2009 no Chris Bakalanga obedlala i-Lead guitar phakathi kweminyaka u-2016 kuya ku-2019.
UBakalanga uthole ubuzwe obuphelele baseNingizimu Afrika ngo-2004 njengoba ezalwe futhi wakhulela e-DR Congo.
Emuva kweminyaka emihlanu iFreshlyground inyamalele endimeni yomculo ibe seyibuya ngo-2024 seyinamalungu ayisi-6 futhi seyiholwa uMbali Makhoba ocula phambili.
Abakhona manje uyena uMbali Makhoba (SA), Simon Attwell (Zim), Chris Bakalanga (SA), Josh Hawks (SA), Peter Cohen (SA) no Julio Sigauque (Moz).
Ngo-2007 bakhiphe i-album ethi "Ma'Cheri" enqobe i-Album of the Year" kuma-SAMA's kwathi ngo-2008 banqoba indondo ye-"Best Africa, Southern" kuma Channel O Music Awards ngengoma ethi "Pot Belly".
Umculo we-Freshlyground uxube izigqi ezihlukene kuhlanganisa i-kwela, folk, jazz, pop nomculo othandwa emalokishini futhi bawenza ngezilimi ezihlukene kubalwa IsiXhosa, IsiZulu, French kanye ne-English.
📷Facebook/Freshlyground