Umkhaya

Umkhaya Ziyashisa bhe ku - www.umkhaya.co.za

NAMUHLA kulindeleke ukuthi babize ofakazi babo abameli babasolwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa elibuyela enkantolo...
22/09/2025

NAMUHLA kulindeleke ukuthi babize ofakazi babo abameli babasolwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa elibuyela enkantolo i-Pretoria High Court. Umkhaya.co.za

CAPE TOWN: Sekutholakale usana olusanda kuzalwa lubulewe lwaqotshwa lwaba zincucu lwase lufakwa kwi-container e-Cape Tow...
22/09/2025

CAPE TOWN: Sekutholakale usana olusanda kuzalwa lubulewe lwaqotshwa lwaba zincucu lwase lufakwa kwi-container e-Cape Town. Imilenze yalo ibifakwe kushekhasi. Amaphoyisa asefikile kulendawo futhi aseqalile ukuphenya. Umkhaya.co.za

AMAPHOYISA aphenya amadoda amathathu okusolwa ukuthi angosayitsheni Ekurhuleni Metro Police Department ngokufuna ukugwaz...
22/09/2025

AMAPHOYISA aphenya amadoda amathathu okusolwa ukuthi angosayitsheni Ekurhuleni Metro Police Department ngokufuna ukugwazelwa abasebenzi bendawo yokudla, i-Benoni café ngoba ingenayo ilayisense yokudayisa. Umkhaya.co.za

NAMUHLA kuzofakaza umkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, u-General Fanie Masemola kwiMadlanga Commission. Oke waba isikhulu em...
22/09/2025

NAMUHLA kuzofakaza umkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, u-General Fanie Masemola kwiMadlanga Commission. Oke waba isikhulu emaphoyiseni, u-General Jeremy Vearey uthe kulindeleke ukuthi uMasemola achaze ukuthi wayeyithumelani i-Task Force ukuthi iyovikela ifemu i-Richards Bay Minerals okuwudaba oluvezwe umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natali, Nhlanhla Mkhwanazi. Umkhaya.co.za

EZASEMGWAQENI | Kuxwayiswa abashayeli bezimoto ngengozi elaphaya ku-M4 Northbound ngase-Broadway. Umkhaya.co.za
22/09/2025

EZASEMGWAQENI | Kuxwayiswa abashayeli bezimoto ngengozi elaphaya ku-M4 Northbound ngase-Broadway. Umkhaya.co.za

NGENA ku: www.umkhaya.co.za ufunde izindaba zakamuva ungase uzibeke ethubeni lokuwina imiklomelo econsisa amathe emncint...
20/09/2025

NGENA ku: www.umkhaya.co.za ufunde izindaba zakamuva ungase uzibeke ethubeni lokuwina imiklomelo econsisa amathe emncintiswaneni we-Vicks. Umkhaya.co.za

UZONGCWATSHWA namhlanje umholi we-ANCYL, uNkateko Mbhoma owabulawa unogada ehamba namanye amalungu alolu phiko e-Bloemfo...
20/09/2025

UZONGCWATSHWA namhlanje umholi we-ANCYL, uNkateko Mbhoma owabulawa unogada ehamba namanye amalungu alolu phiko e-Bloemfontein ngesonto eledlule

Ngokombiko wamaphoyisa lonogada wahubha imoto eyayithwele amalungu e-ANCYL eyiphambanisa neyezigebengu ezazintshontshe i-cable endaweni eyayifana nse nayo.

Lonogada wayidubula lemoto inhlamvu eyodwa yangena kuNkateko wafa ujuqu.

Amaphoyisa athi atshelwa ngemoto yonogada, ayibheka aze ayithola. Ababephakathi bawatshela ukuthi kwenzakaleni. Kwabe sekubonakala ukuthi onogada balandele imoto okungesiyo. Umkhaya.co.za

BEZIKHALA ngapha nangapha ku-M4, eMhlanga Rocks Interchange ngase-Oceans Mall lapho amaphoyisa abevale khona thaqa, esop...
20/09/2025

BEZIKHALA ngapha nangapha ku-M4, eMhlanga Rocks Interchange ngase-Oceans Mall lapho amaphoyisa abevale khona thaqa, esopha abaphula umthetho emgwaqeni. Lo mkhankaso obizwa nge-multidisciplinary operation ubuhlanganise amaphoyisa e-SAPS, eThekwini Metro Police, KZN VIP Protection, Blue Security ne Marshal Security.

Umphathiswa womnyango wezokuthutha esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMnuz. Sboniso Duma ubonge amaphoyisa ophiko lwe-Road Traffic Inspectorate (RTI) ngokwenza umsebenzi oncomekayo njengoba kusukela ngomhlaka-15 Ncwaba (August) selubophe abashayeli abaphula umthetho abangu-200. Umkhaya.co.za

Address

Macambini
Sundumbili

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umkhaya posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Umkhaya:

Share