Zithokozele ngezindatshana

Zithokozele ngezindatshana ngibhala izindaba for ukuxwayisa abantu ukuxwayisa nokuqwashisa ngezimo esibhekana nazo empilweni.szithokozele

05/07/2022

Impilo🥰😘

Izolandela

10/11/2019

Icala livula ingubo lingeneisiqephu seshumi nantathu

Isiqephu sokugcina

Kukwa RADEBE umhlengi no bhiza
Bayazixoxela

Bhiza=kuyowuphumuza umoya wami ukuziphindiselela kulezazinsizwa

Kungene umenzi

Menzi=nenzeni bafana
Mhlengi=Baba bekumele sikwenze lokhu Noma ngingaboshwa akunankinga
Menzi=nenzeni
Bhiza=sibabulele Baba
Menzi=bekumele ngibe khona nami

Siphela lapho

09/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isiqephu seshumi nambili

Kukwa RADEBE abantu bayaphithizela kwazise kusasa usuku lomngcwabo Ka andiswa
Ubhiza ulala Kwa Radebe ngoba izibona engaphephile Kubo

Umhlengi nobhiza bahlezi bayaxoxa yize besosizini

Mhlengi=kwandlula lomngcwabo bazongbona kahle u spirit no mxo
Bhiza=angeke sibayeke kanjalo ngizobathingatha ngize ngibathole

Ngakusasa umgcwabo inkonzo iyasha ethendeni kubonakale u spirit no mxo bengena esangweni aye kubo umhlengi

Spirit=kunjan mhle
Mhlengi={emngena emlonyen)ungabe usaliqedela igama lami nifunani la
Spirit=syaxolisa mhlengi
Mhlengi=cela nihambe kunalokho ngizomemezela lonke ibandla ukuthi yin enibulale udadewethu

Bajike omxo sebexabana bodwa manje

Uqhubeke umngcwabo uze uyophela

Sekudlule izinsuku ezine ugcwatshiwe u andiswa umhlengi no bhiza bahlela ukuyothungatha o spirit

Nakhu sekungena amaphoyisa

Menzi=ngethemba ziboshiwe lezizigilamkhuba
police=ngebhadi asitholi lutho
Aphume ahambe ama phoyisa

Menzi=kuyacaca kumele ngizithathele umthetho ngeke kubulawe ingane yam kuthuleke kanjalo ngalesosikhathi ubhiza no mhlengi babheke ekhaya kwa spirit ngenhlanhla bafice wonke umndeni wakhona idla isidlo kakusihlwa

Mhlengi=knock knock
Spirit=ngena Bo
Kungene umhlengi no bhiza inhlanzi ishelwe amanzi ku spirit

Mama kabhiza=sanibonani bafana bami
Bazithulele nje bame omhlengi

Kulomuzi umndeni wakhona u spirit no mama kaspirit no neli usis wakhe

Athi athatha ifoni u spirit amphuce umhlengi ayijikijele laphaya phansi Ife

Mama=kwenzenjan bafana
Bhiza =thula uthi du(bathathe izintambo bebafasele isetulweni bebavale ngomlomo

Bhiza=lalela la wena mama uyazi ingane yakho yenzeni
Mama enikina ikhanda
Bhiza=lo ubulale intombi Yami
Mhlengi=uyazi ukuthi izono zabadala ziwela ebantwaneni namhlanje ziwela ebadaleni

Bhiza akhahlele u spirit kabi aze eyowela phansi

Mhlengi=awuthi ngiyidubule lenja nebala adubule u mhlengi

Bese beyithela NGO petrol indlu ishe ishe no spirit nomndeni Ka spirit phakathi

09/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isiqephu seshumi nomuvo

Kusesibhedlela kiqamuka udokotela eya ku mhlengi uphethe izindaba ezimbi

Dokotela=zinsizwa
Mhlengi=siphuthume dokotela
Dokotela=empeleni ngiphethe izindaba ezingezinhle neze
Bhiza{esukume ebamba ikhanda) khuluma dokotela
Dokotela=isimo sibucayi ku andiswa singalindela Noma yini ngoba inhlamvu yone kakhulu ngaphakathi

Mhlengi=awu nkosi ungasilahli
Ahambe udokotela
Ubhiza ukhala ezimathonsi

Mhlengi=ay akusizi athi ngifonele umama ngimaziSe

Umhlengi ukhuluma nefoni

Mazungu=ufunani mhlengi ngoba ngisemsebenzini mhlengi=mama mama(ekhala)
Mazungu=ngathi uyakhala nje mhlengi kwenzenjan
Mhlengi=mama phuthuma esbhedlela u andiswa udutshuliwe
Mazungu=ini?ngyeza manje

Mhlengi=lalela bhiza sothi kumama simthole edutshuliwe
Bhiza=kulungile

Kutheleke umenzi no wakwakhe

Mazungu=iphi ingane Yami iphi
Menzi=yehlisa umoya sthandwa Sam

Mhlengi=ungaphakathi odokotela abavumi singene
mazungu (ekhala)kodwa ngengane yam
Menzi=kodwa sinjani isimo
Bhiza=ayi kubi baba
Menzi=Jehovah kanti kwenzakalani
Mhlengi=asimazi simthole e Street edutshuliwe asazi kwenzakalani
Bhiza=kodwa lo owenze lento uzokhokha ngimfunge Ubaba esemathuneni

Menzi=ningenzi.into ezonibuyisela ejele

Bhiza=Mina ngizokwenza Noma yiphi into ezongiphindise lela kulaba

Kuqhamuke udokotela umbona nje ugcwele usizi

Dokotela=sanibonani
Menzi=siphuthume iphi ingane Yami
Dokotela=u andiswa akasekho emhlabeni
Mazungu=(ekhala kakhulu)jehova usishiyelani ngomntanami

Sekuqhuma isililo nje yize laba besilisa bengamemezi kodwa wawubona ngezinyembezi

Mhlengi {uspirit no mxo bamlandela udadewethu ngyazi yibo ebenze lento)

Menzi=(ekhala) kulungile.nkosi
Dokotela=sizomhambisa thina emakhazeni

Menzi=kulungile

Baphume bahambe isimo simuncu abazi benzeni

Kukwa RADEBE sekufike wonke amalunga omndeni

09/11/2019

Icala livula ingubo lingene

Isigcawu seshumi

Kusejele kuhleli u mxo no spirit

Spirit=ey mxo kwenzeka kanjani batholwe bengena cala u mhlengi no bhiza
Mxo=nami ileyo into engididayo

Spirit=kubekuhle nje ukuthi angeke bayithinte leyamali singekho thina ngoba impela bazofa
Mxo=impela bengalenzi lelophutha ngeke ngibhadle ejele bese bengasiniki imali

Ki Kwa bhiza kukhona umhlengi

Mhlengi=ey lezizintwana sozinikani imali
Bhiza=Angeke ziyinuke lemali azibhayize ejele
Mhlengi {ayi kulungile ayidliwe lemali

******"*"***************"

Uspirit no mxo sebephumile ejele

Spirit=ndoda asambe siyekulezi zintwana siyofuna okungokwethu

Bahambe bafike kwabhiza ubhiza uhlezi no andiswa bayazixoxela njengezithandani

Bangene bengasa kokotanga

Bhiza=ey nangena engathi ningena emanzini nje Nina
Spirit=ayi nawe ndoda uyazi sizofunani la

Bhiza=bbe cela uye ekameren ngzokuthola khona

Ahambe u andiswa afike adonse umakhalekhukhwin wakhe

Andiswa =hey mhlengi phuthuma Ia kwabhiza sekukhona o spirit
Mhlengi=ay bafike Nini lapho
Andiswa=basanda kufika
Mhlengi=kulungile ngyeza manje

Bhiza=nifunani
Mxo=imali yethu niyazi ukuthi sasisebenzile nathi
Bhiza=ouk

Kungene umhlengi

Mhlengi=awu senibuyile kunjani ejele
Spirit=ungazobheda la sifuna imali yethu thina
Mhlengi=asiyazi leyo mali yashonaphi
Mxo=usho ukuthin
Mhlengi=njengoba sengishilo nje
Spirit=ningazo ngihlanyisa Nina(ekhipha isbhamu)ebakhomba ngaso
Mhlengi=dubula mawufuna kodwa Angeke kushintshe ukuth imali ayikho

Kuqhamuke u andiswa
Andiswa=animeni udlame
Bhiza=andiswa buyela ekameren

Athi wehlisa inhlamvu kudubuleke u andiswa esiswini

Mhlengi=uyabona wenzen spirit
Bhiza=uzokukhokhela lokhu wena njaa
Baphume bebaleke u mxo no spirit

Basale beshayela I ambulance ifike ngokushesha abantu sebe gcwele Kwa bhiza namaphoyisa

Ifike I ambulance ithathe u andiswa bahambe mayo obhiza
Befike esbhedlela bemxhume imshini u andiswa ngoba wayengasa kwazi ukuziphefumulele isimo sesisibi

Basalindile ngaphandle o bhiza no mhlengi

08/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isigcawu sesishiyaga lolunye

Umhlengi uhleli no andiswa bayaxoxa

Mhlengi=khululeka sis ubhiza uzophuma ejele
Andiswa=Nini mhlengi ngoba bengakaqedi ngisho izinyanga ezintathu besejele
Mhlengi=themba Mina andiswa uzophuma maduze ubhiza thula ubheke

Andiswa=ok

Aphume ahambe asale umhlengi ekhuluma yedwa

Mhlengi=yha ubhiza uzophuma Noma yinini lezizinja ezingo spirit zizoyigcina ngendaba lemali nxaa

Ngakusasa kukhale ifoni Ka mhlengi

Mhlengi=khuluma sbiya
sbiya=yha ithathe engathi sengiyenzile leyanto ksasa nje ngoba kuyothethwa I cala uzophuma ubhiza

Mhlengi=kuhle makunjalo

Lucime ifoni

Ejele umhlengi uxoxa no bhiza

Mhlengi=yey zonke izinto seziqondile bhiza
Bhiza=ay Thani uyadlala
Mhlengi=thula uzobona awuzangazi manje Mina
Bhiza =ay thoko lathemba amathunzi ayewukelA

Ngakusasa enkantolo kuzothethwa Icala lo bhiza

Jaji=all rise in court
Basukume abantu lingene ijaji eliwusibiya lihlale phansi

Jaji=eh icala lalaba basolwa ababhekene nalo eloku gqekeza nelokweba

Umhlengi uyamamatheka lokhu egqolozele usbiya

Jaji=spirit manyathi inkantolo ikuthola ubandakanyeka kulelidaba futhi nguwe obu hola lento ugwetshwa iminyaka eyi shumi nesikhombisa
kanti wena mxo ugwetshwa iminyaka eyi shumi kuphela

Jaji =inkantolo ixolisa kakhulu ku bhiza masondo kutholakala ukuthi akanacala

Kube engathi uyaphupha u andiswa kanti no bhiza uyajabula lokhu ejeqeza u spirit emthole embuka kabi

Nebala bamkhiphe ubhiza bejabule endlelen ebheke emakhaya

08/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isigcawu sesishiyaga lombili

Kuse jele lapho okugcinwe khona obhiza kukhona umhlengi uzobabona

Mhlengi=sanibonani majita
Spirit=yha mhlengi uyajabula hhe
Mhlengi=ngani spirit
Mxo=usholo ukuthi awuboni nje wena

Ubhiza uzithulele nje

Mhlengi=nikhuluma ngani ngempela madoda
Spirit=kumnandi uyatetemuka ngaphandle thina singapha ekubeni saganga sonke
Mhlengi=kwakumele ngithin nginqabe ukuphuma ejele ngoba ngithi sigange sonke?

Spirit=mhlengi yazini gcina NCI namhlanje ukuza la(basuke no mxo bahambe

Kusale u bhiza no mhlengi

Mhlengi=bhiza mpintshi nginesu lokuthi ngikukhiphe lapha
Bhiza=kanjani
Mhlengi=ngizothenga ijaji khululeka
Bhiza=kanjani mhlengi
Mhlengi=kuyekele Kimi lokho and lalela ngzokwenza Noma yin ukukukhipha lapha
Bhiza=sho njayam pho omxo sithin ngabo
Mhlengi=khohlwa yilabo bazoyibona
Bhiza=ok ntuana imali usebenzise Yona leya
Mhlengi=ok ngzofika ngzokbheka akwe ngiphuthume
bhiza=sho bro

Umhlengi usekamereni lakhe ukhuluma nejaji ocingweni

Mhlengi=sawubona Mr sbiya
Sbiya=yebo ngingakusiza ngan
Mhlengi=ukhuluma nomhlengi
Sbiya=awu mhlengi kunjani ndoda
Mhlengi {kuyancengeka khona)
Sbiya=ikhala ngani indoda
Mhlengi=eh sbiya bengicela ungenzela into eyodwa zwi
Sbiya=eh ngilalele
Mhlengi=ngfuna ungikhiphele ubhiza ejele
Sbiya=awu ngeke kulunge ndoda asisebenzi kanjalo nawe uyaz
Mhlengi=ngizokunika okuncane
Sbiya=imali nginayo ndoda
Mhlengi=ngyakwazi lokho ngaphandle mawufuna ngicule kusisi wakho ukuth wenzan enganen yakhe yentombazane

Mr sbiya=oh..oh nginike iskhathi sokucabanga lento oyishoyo ndoda
Mhlengi=kulungile kodwa ksasa ngdinga impendulo

Avale ucingo lwakhe umhlengi ancume yedwa kuwo lowomzuzu kungene u andiswa

Andiswa=(emahlo abomvu kuhle komuntu okade ekhala)hey mhlengi
Umhlengi evuka ehlala eduze kwasisi wakhe ebeke esandla sakhe emahlo emahlombe ka andiswa

Mhlengi=hey cc angikuthandi unjena (emsula izinyembezi)thula sis Sam
Andiswa=ay mhlengi kunzima ngyamdinga u bhiza
Mhlengi {emamatheka) khululeka sis wam

08/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isigcawu sesikhombisa

Kukwa RADEBE

Menzi=yebo nginganisiza madoda
Police=sicela umhlengi Radebe

Ashaywe uvalo umhlengi

Mhlengi=(esukume)yimi loyo
Police=usuboshiwe ndoda ngecala lokugqekeza .
Mazungu=iqiniso lelo
mhlengi=mAh angiyaz lento Mina
Police {limgaxe ozankosi}asambe ndoda

Baphume bahambe .umazungu u menzi u andiswa baphume bebuka imonto ize iyosithela

Menzi=kodwa senziwani
Mazungu=icala livula ingubo lingene sthandwa Sam (bebambane bobathathu)

Kuse stokisini samaphoyisa kuhlezi u mxo no spirit no mhlengi bagcinwe endaweni eyodwa ngoba abakabi nawo ubufakazi obujulile ngalento

Mhlengi=ey madoda ngithandazela ukuthi bengabutholi ubufakazi
Spirit=ey lisishonele madoda

Kungene I phoyisa libize umhlengi

Mhlengi Radebe

Aphume umhlengi alandele iphoyisa afice u mndeni wakhe afike ahlale phansi abingelele
Mhlengi={ebheke phansi} sanibonani
Menzi=kunjani ndodana
Mhlengi=ay syancenga baba
andiswa=mhlengi ngicela ungitshene ukuthi akusilo iqiniso leli obushelwe Lona(ekhala)

Mhlengi=sisi wam njengoba usho nje ngiyasukelwa Mina)esenga ezimithi

Mazungu=impela baqinisile mabethi icala livula ingubo lingene

Menzi=sokubona ngomsombuluko ngosuku loluthethwa kwe cala

Mhlengi=esukume(ngzonibona)ahambe

Ngomsombuluko enkantolo kugcwele phama kukhona imndeni yababoshwa

Imantshi=mhlengi RADEBE inkantolo ikuthola umsulwa ungenacala

Bakike umazungu no andiswa
Nomhlengi ebonakale ejabula

Mantshi= ngakho inkantolo iyakudedela futhi uzonxephezelwa for ukuboshelwa amahhala

Imantshi=bhiza no spirit nawe mxoli nizodonsa iminyaka emihlanu nibhadla ejele ngamacela lokugqekeza

Kube umkikizo ejele

Imantshi=all rise in court

Bathathwe obhiza beyongeniswa e jele ebabuke umhlengi inhliziyo yakhe ibe buhlungu afikelwe izinyembezi

Bangene emontweni Ka menzi behambe beye Kubo bengakafiki bandlule e town bazijabulise bathenge nokudla abazokudla ntambama behambe kufikwe Kwa Radebe bejabule

Ngakusasa umhlengi esejele eyobona abangani bae

08/11/2019

Icala livula ingubo lingene

Isiqephu sesithupha

Asukume u mhlengi aye ekameren lakhe athathe isbhamu sakhe nejazi lakhe elimnyama Nama gilavu akhe aphume ahambe ebheke Kwa bhiza afice u spirit no mxo no bhiza

Mhlengi=sho majita sengfikile
Spirit=ai asimasheni madoda seku late

Baphume bahambe bebheke estolo sika sya
Nebala bafike bagqekeze bathathe imali
Kanti kunama camera estoro baphume bahambe beye kwa bhiza
Spirit=asiyishiyeni la lemali sofika ksasa sizohlukanisa
Bhiza=ok majita

Baphume bahambe

Ngakusasa usya eya estoro sakhe mayefika ku gqekeziwe
Usya ukhuluma yedwa

Sya=mmmh umhlola loh ngenziwani kodwa jesu akwe ngingene ngaphakathi ngibone akukhoni okusolisayo

Angene afike abheke EMA camareni akhe

Sya=mmm ngyawazi lama jita athi ngfonele ama phoyisa

Police=kusemaphoyiseni ngingakusiza
Sya=bengicela usizo ngigqekezelwe futhi nobufakazi nginabo
police=sisendleleni mfowethu

Avalelise
Kungakapheli amahora mangaki Abe esethelekile amaphoyisa estoro sika sya

Sya =ngibonge ukufika kwenu
Police=senza umsebenzi wethu mfowethu
Sya=asingeneni ngaphakathi

Nebala bangene ebakhombise I camera

Sya=ngybazi lababantu
Police=usho nje aaingabe sisananaza asibabopheni sezikhethe ilezizinswela boya
Police=asihambe sohamba nawe mfowethu
Sya =kulungile
Bangene emontweni bephikelele Kwa bhiza ngenhlanhla bebathole ndawonye kodwa u mhlengi engekho

Police=Knock Knock
Mxoli=yey awungene wena mhlengi
Police=yithi ama phoyisa
Bafihle imali ngokushesha

Bhiza=ngenani

Police=bhiza spirit mxo seniboshiwe ngecala lokugqekeza

Lisho bagaxa ozankosi
Police=ninelungelo lokuthula ningasho lutho onizokusho manje kuyosebenziswa njengobufakazi enkantolo

Ishushulize imonto ingakafiki nakuphi
Bhiza=khona oshodayo lah
Police=khuluma nsizwa
Bhiza=u mhlengi Radebe
Police=kukuphi lapho
Bhiza=kuloyamuzi onendlu enkulu

Ibheke khona imonto

Kwa RADEBE behlezi nje bayazixoxela njengo mndeni

Police=knock knock
Menzi=ngena
Kungene ama phoyisa amabili abingelele
Police=sanibonani

07/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isiqephu sesihlanu

Kukwa Radebe bahlezi badla isidlo sakusihlwa

Kulalwe kuvukwe ekusen umenzi nowa kwakhe baye emsebenzini kusale u andiswa no mhlengi
Mhlengi=andiswa cela ukukuthuma plZ
Andiswa=kuphi khona
Mhlengi=estoro
Andiswa=ouk kulungile ke
Mhlengi emnika imali
Mhlengi=uphathe I atm Ka 28 bese ithenga okwakho ke
Ahambe u andiswa
Asale angene ekameren lababa wakhe afike acinge isbhamu ngenhlanhla asthole bese eyaphuma eyozenza umuntu olele

Endleleni u andiswa uhlangana no bhiza

Bhiza=hey sthandwa Sam kunjani
Andiswa=ngyphila angsakwazi bhiza
Bhiza=eish benginamahloni okukhuluma nawe
Andiswa{emamatheka}hau ke ayi soxa xa efonini ke
Bhiza=ukhona yini u mhlengi
Andiswa=yeah ukhona
Bhiza=ok

Bahlukane ubhiza ebheke Kwa Radebe ukuyobona umgani wakhe

Bhiza=hey ntuana kuhambani
Mhlengi=ku Masha grand ntuana
Bhiza=uyitholile leyanto
mhlengi=yha ikhona ngiytholile

Kuloyomzuzu kungene u andiswa

Mhlengi=usubuyile cha bengithi awusabuyi
Andiswa=hau bengizoshonaphi kodwa
Athathe I atm yakhe u mhlengi aphume u andiswa

Basale bexoxa u bhiza no mhlengi

Mhlengi=so ithi I plani namhlanje
Bhiza=yha besihlela ukuthi siye estoro ezansi sika sya
Mhlengi=ay kuhle ke ngobani iskhathi
Bhiza=ngo7 ebusuku
Mhlengi=ok ntuana
Bhiza =akwe ngihambe cela ukukhuluma no andiswa
Mhlengi=akunankinga skhokho {andiswa ememeza)
Andiswa=ngyeza
EFike
Andiswa=Kade ungbiza
mhlengi=ufunwa ubhiza

Baphume u andiswa no bhiza

Andiswa=hau bhiza wangbiza kukhona umhlengi
Bhiza=phela bengikudinga nje {esho embamba emqabula}
Andiswa=bhiza awume uzothini umhlengi
Bhiza=hhay bengzokubona akwengihambe ngzokfonela
Andiswa=ok uhambe kahle sthandwa Sam
Bhiza=ngybonga awuze ngicabuze phela

Bacabuzane iskhathi eside beqede badedelane bahambe
Angene endlini u andiswa

Sebebuyile abazali izikhathi o6 ntambama bayadla beqede bakhale ngokukhathala bahambe beyolala

Andiswa=ayi ngsayolala nami
Mhlengi=ok mka bhiza...(ehleka}
Andiswa=cha uyaphapha Bo
Ahambe u andiswa asukume

06/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isiqephu sesine

Kukwa RADEBE abazali no mhlengi no bhiza bahlezi bayaxoxa

Menzi=kwenzakaleni ke aningichazele
bhiza=Mina bengithandana naye u andiswa nhamcela ukuba ezovakasha kwenzeka iphutha wangabuya kwaze kwahlwa
Mazungu=kwase kwenzakalani
Bhiza=kwangena umhlengi wasewadubula kodwa waqondise Kimi
Mhlengi=impela kunjalo kodwa kwakungeyona inhloso yam ngangenziwa ukucasuka
Menzi=mhlengi wasithathaphi isbhamu?
Mhlengi=ngi...ngi
Menzi={etheth)ngyabuza mhlengi khuluma
Mhlengi=ngasithatha ku bangani bami
Menzi=umhlola ke lo wasthatha uthi uzosenzani
Mhlengi=bebengibambise Sona
Menzi=bhiza iqiniso leli
Bhiza=yebo Baba kunjalo{ezithoba ungafunga uyahlonipha)
Menzi=lesisibhami ngeke nisasithola niyabona sessnzeni.sengiqedile Mina(asukume angene endlini ekameren labo)
Mazungu=ayi ngsayolala ngikhathele
Asuke ahambe kusale ubhiza no mhlengi
Bhiza=njayam ngyxolisa kakhulu futh
Mhlengi=khululeka bro amanzi phansi kwe brigde
asukume axhawule ku bhiza avalelise ubhiza ahambe

Ngakusasa esebuyile u andiswa esbhedlela bahlezi njengo mndeni

Mazungu=asiyibonge inkosi uyaphila mntanami
Andiswa=ay mama yize nje nginiphoxile
Menzi=sekwendlule lapho asijabuleni nje siyeke usizi
Mhlengi=ngyxolisa sisi wam
Andiswa=ay akunankinga bhuti wami Mina Kade ngaxola

Umhlengi ukhuluma no bhiza efonini
Mhlengi=ndoda kunjan
Bhiza=ngimnandi phela awushayise la
Mhlengi=oryt ntuana ngyeza manje

Mhlengi=

06/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isiqephu sesithathu
Kusendlini Ka bhiza

Mhlengi=bhiza lekelela
Bhiza=(etatazela ubala}ngenzeni mfowethu
Mhlengi nxaa. (adonse ucingo lwakhe Baba phuthuma Kwa masondo la okuhlala khona umfana yedwa phuthuma nemonto isimo sibi

Avale ucingo

Menzi=ngsaphuthuma sthandwa Sam
Mazungu=kuyiwaphi
Menzi=ngybuya

Ahambe aze afike kwabhiza ehle angene endlini ebone igazi ligcwele phansi

Menzi=kwenzenjani
Mhlengi=u andiswa...
Menzi =hawu asimthathe simfake emontweni

Iphume imonto Ka menzi ino andiswa no mhlengi

Iphuthume ize iyongena esbhedlela bafike bamphuthume kwazise isimo sibucayi

Nurse =bengicela nilinde khona la
Mhlengi=ngeke ngyangena MN
Menzi=cha hlala phansi ndodana
Ahlale phansi umenzi

Sekuyoshaya ihora leshumi nambili omenzi ababuyi

Mazungu=aybo kwangabuya muntu kuze kushaye lesisikhathi athi ngizame ukufona

Afonele u menzi ifoni ivaliwe afonele u mhlengi naye ivaliwe neka andiswa ivaliwe ajumeke esahlezi kusofa

Ekuseni ngakusasa
Ubhiza usendlini yakhe usula igazi
Bhiza=ngaze ngazilaya ngzothin khona ku mhlengi mmh cishe wafela endlini Yami(ziyazehlela izinyembezi)athi ngiyekhona

Esbhedlela

Bhiza=sanibonani
Mhlengi=ufunani wena la?hhe
Bhiza=mhlengi nginike ithuba
Mhlengi=ithuba Lani phuma la ngaze ngiku....
Menzi=kwenzenjan

Kusenjalo kuqhamuke udokotela
Basukume name ngezinyawo

Dokotela=ayi sikwazileukukhipha inhlamvu kodwa akakavuki
Menzi=syabonga dokotela
Dokotela=ngizon**isa mayephaphama

Ahambe udokotela

Mhlengi ekhomba ubhiza
Mhlengi=wena bhiza thandazela ukuthi avuke u andiswa

Umenzi ukhuluma no mazungu efonini
Mazungu=menzi bbe nikuphi kanti
Menzi=sisesbhedlela syaxolisa ukungakwazisi
Mazungu=kwenzenjan
Menzi=phuthuma uze esbhedlela manje

Kuvaleku ucingo

Kusesbhedle u mazungu usevukile sebemlandisile ngokwenzekile elandiswa ubhiza no mhlengi

Mhlengi=u andiswa udibulwe yimi(ekhala)ngenxa yalo
Mazungu=kahle ndodana akusiso iskhathi sokukwebhana lesi
Kuqhamuke udokotela

Dokotela={emamatheka}ngphethe indaba

06/11/2019

Icala livula ingubo lingene

Isiqephu sesibili

U andiswa ukhuluma no bhiza kumakhalekhukhwini

Bhiza=hau phela awushayise la
Andiswa =eish angazi kukhona u mhlengi nje
Bhiza=Zama nje amaplani nawe kodwa ngikudinga la manje siyezwana?
U bhiza usevele washintsha eskhaleni

Andiswa=bhiza ngyasho nje
Bhiza=ngizokulanda lapho kini ke
Andiswa=kulungile ngyeza
Bhiza=nazoke ngzobona ngawe

Luvaleke ucingo

Andiswa uya la okuhlezi khona u mhlengi endlini yokuphumula uzibukela umabona kude

Andiswa=bhuti wami ngsayo ku mbali ngzobuya
Mhlengi=ok sisi wam

Ageze u andiswa ahambe afike kwabhiza

Andiswa=knock knock
Bhiza=ngena kivuliwe
Angene u andiswa
Bhiza=hey bbe usufikile
Andiswa=yes I am here bbe

Kukwa RADEBE selishonile ilanga nabazali sebefikile kodwa u andiswa akekho

Menzi=wahlala wedwa nsizwa uphi u andiswa
Mhlengi=usebanganini bakhe
Menzi=kuze kube yilesisikhathi
mhlengi=angazi ke Baba
Mazulu=athi kwengimfonele ngizwe
Afone kodwa ingangeni aphinde azame kodwa ingangeni

Mazulu=ayi akayibambi ifoni engabe ikuphi lengane
Mhlengi=athi ngfonele umngani wakhe
Mhlengi=hey mbali kunjani
Mbali=ngyphila mhlengi unjani
Mhlengi=ay siyancenga uphi u andiswa
Mbali=ay kaze ngimbone akekho lah
Mhlengi=ay ngybonga mbali avale ifoni

Mhlengi=akekho ke kwambali uthe uyakhona Kim
Mazulu=izingane zalayikhaya zingenwe yini kanti?
Menzi=ay asazi
Mhlengi aye ekameleni lakhe afike athathe isbhamu sakhe athi ngsayomthungatha
Menzi=ngihamba nawe
Mhlengi=ay khululeka Baba ngzocela ubhiza angphelezele
menzi=kulungile uphephe ke

Aphume ahambe ebheke kwabhiza kukhala ingoma kwabhiza abezwa nomuntu onokhayo avele avule umnyango angene abone u andiswa no bhiza beqabulana
Mhlengi=yey Nina kwenzakalani la
Andiswa=mhle....
Umhlengi usephethe isbhamu ngesandla
Mhlengi=awuthule wena wena bhiza uyenzani ingane yasekhaya yazi ngzoksakaza ngenhlamvu manje
Bhiza=uxola mhlengi(esephakamise izandla)

Adubule u mhlengi ngebhadi kudubuleke u andiswa esiswini

Mhlengi egijima eyaku andiswa

06/11/2019

Icala livula ingubo lingene

Isiqephu sokuqala siyaqhubeka

U mhlengi athathe umshini woku cleana phansi awudumise a cleane ube uyacula ngapha

Andiswa=engabe ukuwaphi ama plani mhlengi namhlanje ke
Mhlengi=ama plani ani wena andiswa
Andiswa =ayi angisho lutho(aqhubeke nokuwasha izintsha kusinki)

Sebevukile u menzi no mazungu
Menzi=kutheni savuswa ngomsindo nje ubani lo o clenayo manje
Mazungu=ngabuye kube wubani ngaphandle kwa andiswa phela ngiyazi umhlengi akekho phela uvukayibambe loyo

Avuke agqoke I gown aphume ayekhishini bayefika ufica umhlengi uya cleana uze wafaka Nama headset

Afike ame nje emnyango u mazungu ebukela kwazise abamboni babhizi omhlengi

Mazungu=ayi kwakuhle kwethu

Baphenduke Kanye Kanye umhlengi no andiswa

Mazungu=ibhunguka lami madoda
Mhlengi=hau mah
mazungu =ninjani ke kodwa
Andiswa=syaphila ma.uphi ubaba ngabe useye emsebenzini?
Mazungu=cha usekhona uyageza mangicabanga
Mhlengi=awuyini emsebenzini pho ?
Mazungu=ngiyaya
Kukhale ucingo luka mhlengi aluphendule

Bhiza=sho mjita
Mhlengi=sho kuhambani
Bhiza=yah sengixhumanile ke na na jita athi ayikho inkinga ungakhululeka
mhlengi=ay kwancono ke ayi ndoda ayithintane late ngsa cleana la (ehleka)
Bhiza =oryt nkunzi
Luvaleke ucingo
Kulowo mzuzu kungene umenzi eselungele ukuya emsebenzini kodwa usalinde isidlo sasekuseni

Menzi=awu mhlengi nganenhlanhla yokukuthola akwesithi ukuphuma phandle ngfuna sixoxe njengamadoda

Baphume balandelane
Menzi=ndoda lento yokufika layikhaya ebusuku angiyifun layikhaya nalendaba katshwala angiyifun
Mhlengi(ebheke phansi)ngiyezwa Baba
Menzi=kube kuhle ukuba ungizwa ngempela
Asuku umenzi angene endlini
Badle isidlo sasekuseni umenzi nomazungu baqede babalelise bahambe

Andiswa=hey bhuti uyakuphi namhlanje emini
Mhlengi=angiyindawo why
Andiswa=no bengizibuzela nje

Kungene ucingo ku andiswa mayethi u bhiza oyi boyfriend yakhe okungumngani Ka mhlengi

Bhiza=hey bbe unjani
Andiswa eyongena ekameren lakhe
Andiswa=ngyphila love wena unjani
Bhiza=ngyaphila nam

06/11/2019

Icala livula ingubo lingene
Isiqephu sokuqala

Kukwa RADEBE kusihlwa u menzi uhlezi no mkakhe Uma zungu ekameren labo bayaxoxa

Mazungu=yazi baba iyangikhathaza lendaba Ka mhlengi yokubuya ebusuku layikhaya aphinde ahambe sisale
Menzi=ayi ungakhathazeki sthandwa sami laba suke behlezi kubangani babo phela nam ngakengabangangabo
Mazungu=ayi ngyakuzwa Baba asilale

Bacime balale
Kuthi bungakafiki nokufika u buthongo ku mazungu kuvuleke isicabha kungene umhlengi ungena nje udakiwe afike avulele iradio kakhulu ekameren lakhe abuye aze ekhishini ezokwenza ukuya ngasethunjini

Mazungu=ayi lengane izosbangela umsindo ebusuku kangaka akwe ngiye kuyo

Avuke aye ekhishin
Mazungu=yeyi wena mhlengi ubuyaphi ebusuku kangaka futhi awuyocima leyo redo
Mhlengi=hau mAh kusukela nini uzikhathaza ngami
Mazungu=mhlengi imizi yabantu iyagqekezwa ebusuku kudlwengulwa izalukazi nezingane
Mhlengi=pho Mina mama ngihlangana kanjani nalento
Mazungu=akukho okufihliwe ongeke kuvele
Isuke intombi Ka ncwane ibuyela ukolala

Asale u mhlengi ekhuluma yedwa
Mhlengi=ayi umama uyangisola yazi ngathi kuzomele ngime kancane kulomshikashika athi ngazise amajita(adonse ucingo lwakhe ashaye u bhiza,)
Bhiza=eyi mfanomdala zithini
mhlengi=ayi kubi ndoda umama la uyangisola ukuthi yimi engenza lezizinto ezehlela umphakathi
Bhiza(ehleka)nguwe nje pho?
Mhlengi=bhiza ndoda awube serious bro
Bhiza=ok mfanomdala
Mhlengi=ngicabanga ukuthi ukuma kancane kuzothi lapho esekholwa ukuth akumina engenza lento bese ngiya buyela e gamini
Bhiza=ay ngykuzwa ntuana ngzotshena amajita ke.awusho I taima Lona lithini
mhlengi=ayi itaima alingibuzi nikx
Bhiza=ay kuncono ke
Mhlengi=kulungile mpintshi sobuye sixhumane
Luvaleke ucingo

Ahambe nomhlengi eyolala

Umhlengi avuke unina noyise bengakavuki athi uyekhishini efice u andiswa ecleana

Andiswa=hey big brother long time hey
Mhlengi=ay andiswa awume ukuqina ubhizi ngani lapho ngizokusiza
andiswa=ngiya cleana njengoba ubona nje
Mhlengi=athi ngiku size

05/11/2019

Ubuhlungu bokuba yintandane
Part 4

Kusemzini kamambatha

Nganezami angazi ngithini kini nginamahloni umanginibona ngicabanga indlela enganiniphatha ngayo🤞ayi malumekazi asazi ukuthi lokhu owawukwenza waqukwenzelani kusho u lihle Mina ngyabonga lokhu owakwenza kithi ngoba kwasikhulise ngokwengqondo nanokithi kwasikhumbuza ukuthi asinabazali kumele sifunde siphumelele kusho uxolani inkukhu yayinqunywe umlomo kobuhle nakuye umambatha lo kodwa izinyembezi ziyehla yize lokhu esikushoyo kuwuthunuka umphefumulo wam kodwa asibambe magqubu ngalokho kusho ulihle ngikhumbula ngesikhathi aondliwa u thisha umyeza ekubeni engawazi umsuka wakhe kodwa uthando saluthola kuye kusho u xolani nhgiyanizwa bantabam ningixolele nami ngangenziwa ukungazi ningixolele ayi khululeka mAh phela thina owethu Uma wasifundisa ukuthi uboxolela lapho sinemyaka emine nemihlanu khululeka malumekazi thina sesandlula lapho kusho u xolani zamani cela nikhiphe izinto ezisebhuthini kuleyomonto uzibeke endlini nebala bakwenze lokho ntambama kujantshulwe layikhaya malumekazi bengicabanga la ukuthi ngakhele umama umuziwakhe but ngaphambi kwalokho bengithanda ukumenzela umsebenzi kusho uxolani hau mfowethu awusangixoxeli nje Mina kusho ulihle ay wena sisi wam bengsacabanga.ay xolani uqinisile lapho kumele kwenziwe lokho mfo kusho u zamani impela xolani kusho u mambatha. Nebala wenziwe umsebenzi Ka khanyo okungunina Ka xolani no lihle wathi ungendlula nje umsebenzi bakhanda ikhaya likamama wabo bakhanda I rondo elilodwa no 12 room bahlala kuwo lomuzi Uma bebuyile emsebenzini wabo

Iphela lapha lendaba ngyabonga kakhulu

05/11/2019

Kunzima ukuba yintandane
Part 3
Amaholide kazibandlela u Mr myeza uhambile waya Kubo washiya u xolani no lihle ebathengele nokudla wabanika nemvumo yokuthi Uma beshoda ngokuthile bengaya ukuyoyikhipha imali bahlezi endlini bayaxoxa ey sisi ngaze ngajabula ngoba siphasile sesizoyokwenza umatikuletsheni kusho uzamani ay ufananami bhuti wam ngifuna Uma sengisebenza ngenzele into enhle u thisha umyeza yha khona uqinisile sisiwami phela usisizile lomuntu

Ekhaya umambatha uhlezi no zamani ubuhle akekho u sazulile
Mama yazi ngempela kwakungamele uphathe o xolani ngaleyandlela yey awungiyeke wena zamani ngalononsese wakho avuka ngolaka mAh iqiniso liyababa okuyimanje asibazi nokuthi baphi zamani cela uvale umlomo wakho mawungazi ukth uzothini kulungile mAh asukume ahambe

Iminyaka iyahamba oxolani baphase kahle kumatikuletsheni babo sekumele beyo emfundweni yamabanga aphakeme u xolani uya unisa kanti u lihle u Dut ulihle wenza ubuthishela kanti uxolani wenza u budokotela nebala baphumelelekahle bawuthole nomsebenzi bazikhiphile u xolani no lihle no Mr myeza ayi ngiyanibongela zingane zami lihle ayi sir kujabula Mina kodwa ke maingaqedi isikhath akwesithi shelele kancane bahambe beze beyofika e garage suprise bekhombisa u Mr myeza imonto lohlobo lwe Ferrari F1 awu zingane zami ngyabonga kakhulu sir yithi esbongayo

Banqume ukuyovakasha ko malumekazi wabo bahamba nje izimonto zabo ziyalandelana umambatha uhlezi phandle phansi kwesihlahla amehlo uwathe njo kulezizimonto ezizongena esangweni lakwakhe zamani no buhle wozani la
Nebala baphuthume aningibukise n**i izimonto ezizela
Zifike zize zizoma eduze kwabo kuphume u xolani kwenye kuphule u lihle baze bafike bahlalephansi babingelele eskhundleni sokuthi avume wavele basikhihla isililo yize u zamani engakhali kakhulu kodwa wawubona ngezinyembezi nje

05/11/2019

Kunzima ukuba yintandane
Part3

Kusemqashweni Ka Mr myeza kulendlu kuna makamelo amane ikhishi, namagumbi okulala amabili nelokugezela bese kuba yidaning room
Akwenginenzele into yokudla bedle beqede xolani uzolala nami ekameren lami bese wena lihle uzolala kuleyandlu syabonga sir nebala kulalwe

Kuvukwe ekuseni as usual umambatha athi uyovusa o xolani afice kukhala ibhungane mayethi uyabheka izimpahla zabo azikho aybo Zamani wozani nizongibonisa nawu umhlola ma kwenzenjan kuphendula uzamani zithi lezizingane kushuthi zibalekile phela nansi umthwalo yazi ingekho kuphendula u buhle awu cha engabe zibhekephi engani yiyona nto obuyifuna mAh kusho uzamani bengifunani zamani?indlela ebenibaphethe ngayo bebengeke besayimela zamani ungenwe yini ke wena kubuza u buhle ayi akwe ngiye eskoleni Mina bahambe nobuhle

Kusendlini Ka Mr myeza
Khululekani nizohlala layindlini until niqede eskoleni ngeke ngivume ukuthi ningasqedi iskole syabonga thisha inkosi ikubusise kusho ulihle ayi asambeni singashiywa iskhathi bangene emontweni kufikwe eskolen ngesikhathi sekhefu u lihle ebonwe u buhle ambuke kabi maqede ehline avele azithulele nje u lihle uzamani aye kulihle hey cc kunjani ngyazama kuhle ke ngiyaxolisa ngempatho kamama kusho uzamani angfuni ukukhuluma ngalekho plz khona nilifihlephi ikhanda nje asikho isdingo sokwazi zamani cela ukuhamba manje

Ekhaya umambatha ukhuluma yedwa lezizingane sezikhethe ukubaleka layikhaya sengizondle kangaka

Siphume iskole kuyiwe emakhaya bafike endlini Ka Mr myeza babeke izincwadi bese beya e town ebathengele umfaniswsno weskole nezinye izimpahla nokudla babuyele endlini

Ekhaya umambatha ukhuluma nezingane zakhe buhle yazi mAh ngbone u lihle eskolen hau utheni nje bathe bahlaphi cha angikhulumanga naye wena zamani awubabonanga cha mama angikaze asukume aphume ahambe uzamani

Endlini Ka Mr myeza bahlezi bajabule bayazixoxela thisha ngempela siyabonga angazi ngithin angazi ngabe sizula kuziphi izinkalo kusho uxolani ayi akunankinga xolani

Address

Sunnyside

Telephone

0637065519

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Zithokozele ngezindatshana posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category