14/03/2022
Ukuzigqaja ngendawo yangakini kukwenza ungakhohlwa imvelaphi yakho .
Besesivakashele ongumsunguli we Brand yase Mvoti odume ngelika Xolani Myeza , owasungula Ezasemvoti Brand ngo 2018 .
Ube esesilandisa ngomlando wale Brand Ezasemvoti .
Ezase Mvoti zaqala emva kokuba approached by uSamukelo Mavundla engicela ukuth since ngiwumunt okwaziyo okwenza izinto zenzeke uyafisa ngibe necebo lokuvela nezinto eziqhakambisa Umvoti okuyindawo encinyane esidabuka kuyo ezinjengezemidlalo since kuyinto engiyifundele nochitha sizungu since ngiwudj nokunye okuningi nathi sigqamise indawo esvela kuyo sizenzele thina ubumnandi eMvoti.
Ngaqhamuka necebo lokuthi sibe nemidlalo ezoba nochitha sizungu ngezikhathi zamaholidi kaZibandlela wonke umuntu ebuyile emakhaya, emva kokuthi liphumelele lelocebo ngabe sengicabanga into ezokhulisa amafunds for izihlelo zonke zemicimbi yomphakathi esizozenzela yona ngase ngicabanga iclothing brand ezogqamisa kakhulu indawo yakithi.
Ngase ngixhumana noSboniso Manqele ukungiqhamukela nelogo ngimupha ama instructions okuthi kmele ime kanjani silekelelana, sesiqedile sayikhangisa bayithakasela abantu bazicelela izimpahla kwaba ukudlondlobala kwayoke ngokuphazima kweso bevezelwe. Okwamanje sisanezimpahla zehlobo nobusika oye uthi mawuzigqokile kugqame ube nokuzigqaja ngokuth uphuma emvoti, siye sibe nasoke ismanga sokuthi zigqokwe nawumunt ongahlali eMvoti othande nje indlela ezenziwe ngayo omunye uthole ukuthi unomlando othile ngendawo yaseMvoti. Mayelana nophawu lwezasemvoti, abanye baye babuze ukuth silwane sini lesi esikuloluphawu futhi sichaza ukuthini, impendulo ithi isilwane esikuloluphawu yinja yasendle iwolf eyaziwa ngomsindo wayo eyaye iwenze ehlane nasemaqeleni phakathi nobusuku. Nathi sizifanisa naso emadolobheni esihlanganisa kuwo impilo, kukho konke okuhle esibatshazwa ngakho bese sithi singezaseMvoti.
Sicela niseseke mphakathi wakithi .
T-shirts and Vests R200 each
Golf Shirts R250 each
Hoodies, sweaters and trackpants R300 each
Caps