04/05/2024
UKUGANISA UMALOKAZANA:
These are the steps to be followed. . .
1st step.
1. umkhehlo. . .
la kusuke kubongwa ey’dalweni zekhaya ukuba ingane bayibusise ngomendo, so ke kuhlatshwa imbuzi kuyiwe emsamo kubongwe bese icelelwa ixhama ezalukazini ezagana lay’khaya ezakha lomuzi ukuba nayo la eyokwendela khona ayihambe naloyomoya wokugugela ize ifele kwayo, afakwe isiphandla sakhe okuba isiphandla sakhe sokugcina salay’khaya asifakwayo kwabo from here asophinde afakwe isiphandla salay’khaya, bese ethweswa inhloko, lezizimpawu zikucacisa bha ukuthi lomuntu usethathiwe sekungomkamuntu, yikho inhloko yakhe ifakwa insoyi, uzohlalake nalenhloko until aze aphume eselandwe udwendwe esephumela ukuyogana, umkhehlo kuba umsebenzi olandelwa ingqibamasondo/umbondo beseke enzelwa umkhehlo.
2nd step.
umncamo. . .
lomsebenzi wonake umela ukungcwatshwa kwentombi kwabo kuba umsebenzi wokubulala intombazane kwabo isiyoze ivuke emzini ngosuku lwesigodo or udondolo, lanake intombazane uyise uyakhela uhlaka lolu manje osekwaba ikist olusuke lumele ibhokisi lokungcwaba, angithi kudala engakafiki amabhokisi kwelakithi umuntu wayekhishwa ngohlaka ayke on that day uyise uzomenzela uhlaka ngokuthi athengelwe ikist, la emsebenzini womncamo kuhlatshwa inkomo okuzomele kuthathwe inyongo yayo nomswane wayo kuyobikwa ngakho emsamo ukuba lengane akuseyona eyaley’khaya iyangcwatshwa namhlanje kulelikhaya nasesibongweni salay'khaya isiyothatha igama lomnomzane la esiyokwendela khona, kukhulunywa nje uguqile la eduze kwebhokisi lakhe ikist from lapho sebeyoze aphume ngalekist ngosuku lodwendwe mhla selimlandile, the reason why kumele akhe indlu kwabo before aphume ayogana or iyogana intombazane ingoba kumele uma esekhehliwe kumele engabe esahlala endlini kayise but kumele ahlale endlini yakhe nekist yakhe isinqindi sakhe nembatha lakhe right from ngosuku lomncamo wakhe “lomngcwabo wakhe” this is one of the reasons why unina can’t go to her wedding.
3rd step.
udwendwe.
Luyafikake usuku lodwendwe