24/02/2025
Sanibonani noke bafwethu nodadewethu namuhla sithi sithathe lelithuba sibonge ukuseseka kweni emizameni yethu. Namuhla sithe asinazise umlando eningawazi ngeZola films. Siyathe okuningi kuyophenduleka enihlezi nizibuza khona.
IZola films iproduction esazama ukukhulula, yasungulwa ngonyaka ka2020 isungulwa nguSphethelo Ngema oneminyaka engama-20 ubudala owazalelwa endawenu yasoSuthu kwaTejane wakhulela esigodini saseKushumayeleni. Ukuqala kwakhe leproduction wayefuna ukukhuphula ikhono lakhe nolwazi lwakhe kwezobuciko. USphethelo unothando nesifiso sokuba umlingisi. Kuleminyaka endlulileyo uzamile kuzona zonke izindawo eziseduze naye ukuze akwazi ukuthi aveze ikhono lakhe kwezokulingisa okubuhlungu babelokhu bemubambisa udonga.
Yilaphoke aphuma khona nesinqumo sokuthi aqale leproduction, okwabanzima namanje kusenzima ngoba abalingisi akubanga lula ukubathola kanye nezinsiza kusebenza azitholakalanga kuze kubemanje kodwa lokho akumuvimbanga ukuthi aqhubeke. Usebenzisa umakhalekhukhwini ukuqopha imidlalo yakhe eminye yayo etholakalayo ezinkundleni zokuxhumana. KuYouTube iyatholakala ubhala uZola films uyobe sewubathola.