10/06/2024
Amazwi Esilo uSimakade Ka
Zwelithini Ngokhetho Lomhla Ziwu
29 KuNhlaba 2024
Usuku: 09 kuNhlangulana 2024
MaZulu Amahle!
Onqeqe no Nqondonkulu bayihlabe esikhonkosini nxa bechaza
ukhetho esibuya kulo njenge nqophamlando esizweni sakithi,
ikakhulukazi njengoba liqondene neminyaka engama shumi
amathathu (30), kwaba khona ukhetho lokuqala lwentando
yeningi, olwalungo nyaka ka 1994. Ngiyethemba ukuthi abantu
bakithi bazinike ithuba lokucabanga bajule, bebheka uhambo
esesilihambile njengesizwe kuleminyaka engamashumi
amathathu. Lokhu bakwenzele ukuba babesesimweni esiyiso
ngokomqondo ukuze bavote ngokuqonda nangendlela esa izwe
nesizwe sakithi phambili.
Izinqapheli zokhetho ebezivela ezindaweni ezahlukene zibike
ukuthi ukhetho belungolukhululekile futhi lusingethwe
ngokungachemile. Umbuzo omkhulu ngothi, ingabe lokhu
okushiwo izinqapheli zokhetho kuyikho ngempela yini
ngokubona kwabantu bakithi emazingeni aphansi, abebeshaye
ujenge beyovota kwaze kwaba sezinzulwini zobusuku
bengavotile, abanye
bagcine bengavunyelwe ukuvota
ngezizathu ezahlukene ezibekwe yinhlangano eyengamela
ukhetho ezimele u IEC? Umbuzo wesibili ngothi, ingabe
amaqembu ezepolitiki abebambe iqhaza kulolukhetho nawo
abona ukuthi lolukhetho lusingethwe ngendlela ekhululekile
nengachemile na? Umbuzo wesithathu ngothi, ingabe
imiphumela yalo ngempela iyiyo eveza ngobuqotho
nokwethembeka lokhu okuyizifiso zabantu bakithi, nalokho
abakuvoteleyo na?
Okuqaphelekayo ukuthi kuningi ukushayisana kwemibono
ngalolukhetho. Kukhona abashaya amakhala ikakhulukazi
ngemiphumela yase Mpumalanga Kapa, kanye neyalapha
kwele Ndlovukazi uMthaniya. Sikhuluma nje kunezikhalazo
ezingaphezu kwamakhulu amahlanu (500) ezifakwe amaqembu
angaphezu kwamashumi amabili. Lezikhalazo zithela ngodaka
umsebenzi we IEC. Nokho ngifisa ukuncoma lamaqembu
ngokuba athathe ukungeneliseki kwawo akuse eNkantolo
yezoKhetho, kunokuba azwakalise ukungenami kwawo
ngokususa udlame emphakathini wakithi.
Okusiphathe kabi kakhulu:
Indlela uHulumeni abonakala ezimisele ukuba abhekane nalabo
abanganelisekile iyethusa, futhi empeleni yiyo engasusa udlame
olungenaso isidingo. Into emqoka kakhulu ukuba labo
abangamele ukhetho u IEC kufanele basebenze ngobuqotho,
abantu bazisholo bona
ukuthi nembala ukhetho
belungolukhululekile
nolungachemile. Uma
kunjalo,
kuyangabazisa ukuthi besingabakhona yini isidingo sokutshalwa
kwezinkumbi zamaphoyisa ukuzoqapha
udlame
olwesatshelwayo, ikakhulukazi lapha kwelika Mthaniya.
Kuvamile ukuthi kucindezelwe abantu bangakwazi ukukhalaza
ngendlela ekhululekile, nokuyilungelo labo. Iziphathi Mandla.
zikujwayele ukusasazela abantu abakhalela izinto ezikhona
ngamaphoyisa, egameni lokuqinisekisa ukuqina komthetho
nokuba izwe lingaphumi ngaphansi kwe nkambiso yokubusa
komthetho. Lokhu kuyishwa ezweni lethu.
Ukusebenza komthetho kanye nomthethosisekelo akukwazi
ukusetshenziswa ukucindezela abantu, empeleni kufanele kube
umthetho sisekelo nemithetho yonke yezwe esetshenziselwa
ukuvikela amalungelo abantu, ikakhulukazi izinkumbi zabantu
bakithi abangenalo izwi, nabangashaywa mkhuba nguhulumeni.
Kufanele umthetho ube ihawu nompheme abantu abavika
ngawo futhi abazimelela kuwo nxa befuna izimpendulo kulabo
abasezikhundleni, ngemisebenzi abaqokelwe ukuba bayenzele
abantu kanye nezwe lakithi.
Akukho okungiphazamise ukwedlula ukubona uZulu ehlaselwa
eboshwe izandla ngemuva ngabathile abasezikhundleni
eziphezulu, nabanye abangonxiwa nkulu. Esikhundleni sokuba
bazinuke amakhwapha ngezizathu ezenze ukuba bangavotelwa
njengoba bebelindele ukuvotelwa, ikakhulukazi kuleli ele
Ndlovukazi uMthaniya. UMnumzane u Gwede Mantashe
akazange akwazi nokuzibamba nxa ebuzwa ukuthi kuthini
ukuphawula kwakhe ngokwehluleka kwe Qembu lakhe
okhethweni; wamane wagadla waphindelela ku Zulu, ethi abantu
baka baba bavota ngobuhlanga, ngenxa nje yokuba uZulu ethe,
kwanele sikhathele ukunceliswa umbele ongaphumi lutho.
Okumangazayo ukuthi akasho ukuthi kwenzekani ngonyaka ka
2004, lapho khona abantu bakwaZulu ngobuningi bakhipha
iqembu le IFP elalikade lisezintanjeni zombuso esifundazweni
kusukela ngokhetho lwango 1994. Futhi akasho lutho ngabantu
baka baba abavotele yena u Khongolose ngomhlaka 29 ku
Nhlaba 2024, ngoba lengxenye engu 17% ayivelanga
emaZulwini, iningi lalabo abanike uKhongolose abanye benu,
abanye bavotele I EFF ne DA njalonjalo, besebenzisa ilungelo
labo lokuzikhethela.
Futhi akasho lutho ngokuvota kwabantu base Mpumalanga
Kapa, abakhuluma isiXhosa oselokhu kwathi nhlo bavotela
uKhongolose. Kufanele embulwe izinqa uMnumzane
uMantashe, ngoba ukuphawula kwakhe kuveza yena uqobo
ukuthi unhloboni kapende. Kufanele uMnumzane uMantashe azi
ukuthi abantu balapha KwaZulu abazona izingane, futhi
kabakweleti qembu ivoti. Liyasetshenzelwa ivoti kwelika
Mthaniya. Futhi abantu balapha kwa Zulu uma bezwa ijoka
lishisa entanyeni bayabhukula bazikhulule bona.
Okungisukumise phansi ukuthi uMnumzane Mantashe akayena
owokuqala ukubheca uZulu ngobubende inyama engayidlanga.
Kuzokhumbuleka ukuthi emva kwezibhelu zango Ntulikazi ku
2021, ezadlula nemiphefumulo yabantu bakwa Zulu
engaphezulu kwamakhulu amathathu (300), bebulawa imigewu
yemigulukudu yamandiya eThekweni. UMengameli wezwe
wafika wathi uZulu nguye onochuku futhi uqhuba imp yobuhlanga. Esho simanxebanxeba,
sihlezi emanzini
kungaboshwe muntu.
Angazi nokuthi ngiphawule ngithini kulokwedelela okwenziwe
ngomunye wezinjinga zaba Mhlophe u Rob Hersov, othi
uMnumzane uZuma kanye noZulu wonke abaxoshwe ezweni
laseNingizimu Afrika. Kusho umuntu esisazikhotha amanxeba
ngenxa yezenzo zokhokho bakhe abasephuca umhlaba
basephuca nomnotho wethu. Namuhla unesibindi sokuba
ampongoloze axhaphe uZulu ngenhlamba engaka. Abangani
bakhe kufanele bamtshele ukuthi lingasha libe umlotha, angeke
akubone lokho. Empeleni vele kuncane kabi abantu bakithi
abangakukhomba abakwenzelwe intando yeningi, ngakho uma
sekufanele ihlome, akukho okuyosilahlekela ngaphandle
kwezimpilo zethu.
UZulu angeke ube izicela nkobe ezweni lokhokho bakhe;
singabantu abazaziyo, abazethembayo, abangesabi futhi
abangahlonizi ngobuzwe babo. Futhi njengoba sithule nje
asikwenziswa ubugwala, thina asesabi ukulwa sife uma
kufanele; njengoba okhokho bethu babhekana nempi yamangisi.
Indima ye Khomishana Ezimele yoKhetho IEC:
Umsebenzi obhekene ne Khomishana Ezimele yoKhetho
ubucayi; futhi uyingozi esabekayo uma iKhomishana Ezimele
yoKhetho ingawusingathi njengoba ithunywa uMthetho Sisekelo
, isigaba 190 (1). Kufanele njalo isingathe ukhetho ngendlela
ekhululekile nengachemile. Kufanele iKhomishana iqonde ukuthi
ayisebenzeli nje kuphela ukuba inconywe izinqapheli zamazwe,
noma izikhondlakhondla zamabhizinisi; kufanele umsebenzi
wabo unconywe mgamaqembu ezePolitiki nabantu bonke nje
jikelelele ngokufanayo.
Kulula kakhulu ukuba izwe lingazithola libhekene nenkanankana
uma kukhona abanomuzwa wokuthi ikhomishana ichema
nabathile kumbe icindezela amaqembu athile. Lokho
kungasidalela izinkinga esingeke sikwazi ukuphuma kuzo.
Ngakho ngiyanxusa ukuba abasebenzi bonke bakwa IEC
abakuqonde lokhu, obasi babo izinkulungwane zabavoti,
okufanele zizikhethele uHulumeni wazo ofunwa yizo, ngendlela
ekhululekile nengavuni qembu.
Ukwakhiwa kuka Hulumeni:
Kalikho iqembu elinikwe amavoti enele ukuba lakhe uhulumeni
ngaphandle kokuba libambisane nelinye noma amanye
amaqembu. Lokhu kucace kakhulu kuHulumeni kaZwe Lonke,
esifundazweni sakithi kwa Zulu, Gauteng kanye nase Ntshonalanga Kapa. Lokhu kuyawaphoqa amaqembu ukuba
azehlise athobele lokhu okube izifiso zabavoti, asebenzisane.
Njengoba kusankankanywa ukuthi kuyomiswa kanjani, nginxusa
ukuba amaqembu abeke uzinzo lwezwe, intuthuko kanye
nezidingo zabantu phambili.
Kuyisifiso sethu ukuba kungasetshenziswa inzondo
namagqubu, ukuba kube namaqembu akhishwa inyumbazane
uma sekwakhiwa umbimbi oluzokwakha uHulumeni, noma
evotelwe ngabantu. Nginxusa ikakhulukazi amaqembu
azokwakha uHulumeni lapha kwa Zulu ukuba, azihlonishwe
izifiso zabantu abavotile.
Ikhishwe;
Ngu Mntwana uMxolisi Ka BhekuZulu
Egameni le Silo uSimakade ka Zwekithini