KZN news

KZN news kzn news uma kukhona la ofisa ukusizakala khona xhumana nathi kule nombolo 069 491 5350 Izindaba,Ezemidlalo,Politics,Football, Crime

Umincile u Cat akazi ikusasa limphatheleni...lokhu kuza emva kokuthi ofakazi ababili abebengofakazi benkantolo akade bef...
14/09/2025

Umincile u Cat akazi ikusasa limphatheleni...lokhu kuza emva kokuthi ofakazi ababili abebengofakazi benkantolo akade befakaza against yena sebejikile bobabili

Ufakazi wokuqala umawengane ka Cat kodwa ongasathandani naye uthi konke akusho ngaye yingoba wayephoqiwe esatshiswa amaphoyisa kuthiwa akabhale kabi ngo Cat

Ufakazi wesibili umnikazi we funeral parlour ... nizokhumbula ukuthi kuthiwa u Cat wafaka u 120k ekhokhela inkabi emva komsebenzi...kodwa yena u Cat wathi cha inkabi wayeyiboleka imali ngoba ishonelwe... amaphoyisa asuka aya kumnikazi wamakhaza abuza ukuthi yiqiniso yini ukuthi inkabi le ikhokhele amakhaza akhe lemali..waphendula wathi cha inamanga inkabi

Usejikile ke umnikazi wamakhaza uthi amaphoyisa amsabisa yikho wabhala amanga wakhuluma kabi ngo Cat ngoba kwathiwa if engasayini I statement kuyoboshwa yena

Kuthini ukuphawula kwakho ngalendaba... kungabe uzophunyuka lombhemu....labo fakazi kungabe baqinisile or sekukhuluma imali?

EZINGENAYO:Malahleni(Witbank)MPInzizwa yase Malawi igcwele izihlahla emva kokuba ibulale owase Bangladesh ngesibi isihlu...
14/09/2025

EZINGENAYO:Malahleni(Witbank)MP

Inzizwa yase Malawi igcwele izihlahla emva kokuba ibulale owase Bangladesh ngesibi isihluku

Kusolakala engathi laba bhemu bebe sebenza ndawonye estolo kuqale ukusolisa kuthi khona okungekho kuhle mase kutholakale lo munye eseshonile efakwe kwi fridge
Umbulali yena uthathe yonke imali ebikhona eshop wabaleka
KZN news

Mohau Nkota starts for Al-Ettifaq against Al Ahli 🇿🇦✨ Follow KZN news
13/09/2025

Mohau Nkota starts for Al-Ettifaq against Al Ahli 🇿🇦✨
Follow KZN news

Kunezintombi eziqulekayo esigodlweni eMashobeni ngenxa yokushisa kakhulu kwelanga. Abezimo eziphuthumayo bayazisiza ekun...
13/09/2025

Kunezintombi eziqulekayo esigodlweni eMashobeni ngenxa yokushisa kakhulu kwelanga. Abezimo eziphuthumayo bayazisiza ekunqashanqasheni. Lo mkhosi woMhlanga uthuthile eNyokeni KwaNongoma, uphuma okokuqala ngqa ngaphandle.
Please follow KZN news 📸

Uhulumeni wase North Korea usubulale abantu ababanjwe bebuka imibukiso yangaphandle (foreign media, movies, etc) 🎥 Kulel...
13/09/2025

Uhulumeni wase North Korea usubulale abantu ababanjwe bebuka imibukiso yangaphandle (foreign media, movies, etc) 🎥

Kulelizwe akuvukelekile ukubuka izinto eziphuma outside their country, ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka uhulumeni wakhona wavala wonke ama foreign Social Media platforms such as Facebook, Instagram, Twitter, TikTok, WhatsApp, Telegram, etc.

Waphinde wavala ama-devices akhandwa ngaphandle njengama-Phones, TVs, Laptops, Computers, etc. Abantu bakhona basebenzisa ama-devices akhandwe khona kuphela 🔒

UMzimba okukholakala ukuthi kungowe Pilot eyaphahlazeka nebhanoyi olwandle ngenyanga eyedlule eThekwini sewutholakele. K...
13/09/2025

UMzimba okukholakala ukuthi kungowe Pilot eyaphahlazeka nebhanoyi olwandle ngenyanga eyedlule eThekwini sewutholakele. Kuthiwa ukhishwe ulwandle izolo ebsuku. Nakube sewonakele kodwa siyethemba ukuthi umndeni usuzokuthola ukuphumula
Please follow KZN news 📸

Isidumbu se Pilot elaphahlazeka nebhanoyi e North Beach eThekwini sesituolakele. Kuthiwa isidumbu sika Andrew Blackwood-...
13/09/2025

Isidumbu se Pilot elaphahlazeka nebhanoyi e North Beach eThekwini sesituolakele. Kuthiwa isidumbu sika Andrew Blackwood-Murray sikhishwe ulwandle namhlanje ekuseni, lokhu kwenzeke emva kwenyanga kwaphahlazeka ibhanoyi olwandle.

UMCULI kamaskandi uLethukuthula Mhlongo (24), owaziwa ngoMafikizolo emculweni, uthi uthinteke emoyeni ngendlela abantu a...
13/09/2025

UMCULI kamaskandi uLethukuthula Mhlongo (24), owaziwa ngoMafikizolo emculweni, uthi uthinteke emoyeni ngendlela abantu abayemukele ngayo ingoma yakhe eshisa izikhotha kulezi zinsuku, esihloko sithi, “Uyoncengwa Unyoko”.

Uthathe isinqumo sokulekelela ngomfaniswano wesikole abafundi ababili baseSingama Primary, eVryheid, abayingxenye yabantu abakhombise ukuyithakasela kakhulu le ngoma, bayixhasa. Utshele leli phephandaba ukuthi ubone laba bafundi bedansela ingoma yakhe, wabe eseya esikoleni abafunda kusona, okuyilapho efike wabona isimo sabo ‘singagculisi’.

“Ngizohambisa umfaniswano wesikole, ngibalekelele ukuze nabo bagqoke kahle njengabanye abantwana. Ngisenzile isethembiso kuthishanhloko, sengiluhlonzile usuku engizoya ngalo.

“Lokhu engikwenzayo kusuka othandweni ngoba nabo abantwana bangesekile ngokubonakala kwabo ezinkundleni zokuxhumana, bephonselana inselelo yomdanso (wale ngoma),” kusho uMafikizolo.

Ibonakele inkabi esolwa ngokususa uCharlie Kirk, the Donald Trump influencer and the leader of conservative youth emhlab...
12/09/2025

Ibonakele inkabi esolwa ngokususa uCharlie Kirk, the Donald Trump influencer and the leader of conservative youth emhlabeni. Ibonwe kumacamera iyafunwa nje, ikhona la iyafunda futhi.

Inkosi Iqinisa isandla kwabokufika abakuleli ngokungemthetho, KwaMpumuza ePMB.Inkosi yesizwe sakwaMpumuza ePMB uSK Zondi...
12/09/2025

Inkosi Iqinisa isandla kwabokufika abakuleli ngokungemthetho, KwaMpumuza ePMB.

Inkosi yesizwe sakwaMpumuza ePMB uSK Zondi isinqume ukuthi, bonke osomabhizinisi bakwamanye amazwe abahweba endaweni yayo mababe namaphepha abagunyaza ukuba kuleli nawobubhizinisi. Le nkosi ehlelekile ikusho lokhu kwimbizo yomphakathi yokuhlola bonke abokufika ukuthi basemthethweni yini. Sikhona isibalo sabo ngoba bawu 3000 abokufika KwaMpumuza. Bawu 121 abokufika abakwaze ukuhambela lo mhlangano. Bawu 18 kuphela abakwaze ukukhipha izimvume esisemthethweni zokubhizinisa nezokuba kuleli ngokusemthethweni.

Ngokwalobu bukhosi kuvela ukuthi bawu 850 osomabhizinisi abahweba KwaMpumuza, bawu 310 abendawo bese abakwamanye amazwe bawu 540. Bawu 10% ababhalise kwa CIPC. Awu 209 ama turkshops esewonke endaweni. Awabokufika awu 129 bayarenta bese eba ngu 80 awabantu bendawo. Kulobu bukhosi kuwumthetho ukuthi makufika usuka kwelinye izwe uya enduneni ubike uveze namaphepha. Le mbizo inqume ukuthi bonke abokufika abangenamaphepha mabahambe. Zonke izitolo ezidayisa ukudla okuphelelwe isikhathi zivalwe ngqi. Kucelwe amaphoyisa no Home Affairs ukuba basize masinyane

INDLUNKULU kaZulu ithi ikulindele ukuthi kungenzeka kube nobuhixihixi eMkhosini woMhlanga  sesigodlweni eMashobeni, oPho...
12/09/2025

INDLUNKULU kaZulu ithi ikulindele ukuthi kungenzeka kube nobuhixihixi eMkhosini woMhlanga sesigodlweni eMashobeni, oPhongolo, kusasa.

Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe kungenzeka kube khona izingqinamba njengoba kuzokuba kuqala ukuthi uMkhosi woMhlanga ubanjelwe esigodlweni eMashobeni.

Eminyakeni ewu-40 eyedlule, uMkhosi woMhlanga ububanjelwa esigodlweni eNyokeni.

"Ziningi izinkulumo ezibe khona ngokususwa komhlanga eNyonkeni. Indlela abantu abakhuluma ngayo ungathi eMashobeni, akukhona esigodlweni. Abantu kufanele bazi ukuthi zonke izigodlo ezeSilo. Kungenzeka kube nezinselelo ngenxa yokuthi kuzokube kuqala ukuba uMkhosi woMhlanga ube seMashobeni. Sizohlala phansi emva komkhosi, sibuke ukuthi ikuphi okungahambanga kahle, bese sibona ukuthi singakulungisa kanjani. Indawo esiqalayo ukuya kuyo, sonke sisayijwayela. Sinethemba lokuthi yonke into ilungisiwe."

Ekhuluma ngamalungiselelo, uMntwana uThulani uthe konke sekumi ngomumo.

"Sijabule kakhulu. Izintombi kuzo zonke izingxenye zeKwaZulu-Natal nasezweni jikelele ziyaviva. Izintombi zivivela uMkhosi woMhlanga. Sikulungele ukwamukela Izintombi. ISilo sizokube sikhona, sizokhuluma nezintombi. ISilo sizoyala Izintombi, sigqugquzele ukuziphatha kahle ezintombini. Imbiza izobe iziwa ngothi, bayaye bathi ke abanye intaka ibekelwe amazolo."

UMntwana unxuse ukubekezelela kubashayeli abazokube belibhekise eMashobeni.

UMntwana uThulani uthe kunamabhuloho amabili aseduze nesigodlo okuwela imoto eyodwa ngesikhathi.

"Uma siyalapha engathi ukuhamba kwethu kungaba nokubekezelelana. Uma uqhamuka ngasoPhongolo kunebhuloho eliwumncingo, okulindwanayo kulo. Sifisa ukuthi kube nokubekezelelana kubashayeli. Noma uqhamuka ngaKwaKhangela nakhona kunebhuloho eliwumcingo okufuneka ukuthi kube nokubekezelelana. Ngiyathemba ukuthi sizobambisana namaphoyisa omgwaqo. Uma kuthiwa mana, kuyobe kusalindwe omunye ukuthi awele. Nawe ungabe usuwenza ngendlela yakho ezokwenza ukuthi kube nenkinga."

  is trying to fix the problems we have South Africa. Everyone is trying to make enough money so the problems don't appl...
13/05/2025

is trying to fix the problems we have South Africa. Everyone is trying to make enough money so the problems don't apply to them.Once you understand that then you sail accordingly. No one is coming to save you. Save yourself!!!!! one got you like you got you,the answer is in the mirror

Address

Umkomaas
4170

Telephone

+27810001564

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when KZN news posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to KZN news:

Share