
14/09/2025
Umincile u Cat akazi ikusasa limphatheleni...lokhu kuza emva kokuthi ofakazi ababili abebengofakazi benkantolo akade befakaza against yena sebejikile bobabili
Ufakazi wokuqala umawengane ka Cat kodwa ongasathandani naye uthi konke akusho ngaye yingoba wayephoqiwe esatshiswa amaphoyisa kuthiwa akabhale kabi ngo Cat
Ufakazi wesibili umnikazi we funeral parlour ... nizokhumbula ukuthi kuthiwa u Cat wafaka u 120k ekhokhela inkabi emva komsebenzi...kodwa yena u Cat wathi cha inkabi wayeyiboleka imali ngoba ishonelwe... amaphoyisa asuka aya kumnikazi wamakhaza abuza ukuthi yiqiniso yini ukuthi inkabi le ikhokhele amakhaza akhe lemali..waphendula wathi cha inamanga inkabi
Usejikile ke umnikazi wamakhaza uthi amaphoyisa amsabisa yikho wabhala amanga wakhuluma kabi ngo Cat ngoba kwathiwa if engasayini I statement kuyoboshwa yena
Kuthini ukuphawula kwakho ngalendaba... kungabe uzophunyuka lombhemu....labo fakazi kungabe baqinisile or sekukhuluma imali?