18/12/2025
ISAHLUKO 2 ✍️🏼❤️ UMONGO KA ZULU
INgonyama u Malandela kwaNkomonye
ISilo uMalandela sizalwa iNgonyama uluzumane kaMnguni 11 kaGumede kaLubololwenja kaMnguni 1. Lendlu yoHlanga IwaMakhosi yayithakazelwa ngokuthi; "Gumede! Lubololwenja! Mnguni! Wena wohlanga!"
Ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uMalandela isibongo eyavibizwa ngaso kwakunguMnguni. Isizinda sokudabuka kobukhosi balendlu yoHlanga kusendaweni yaseSihlungu namuhla eyaziwa ngokuthi kuseBabanango.
INgonyama uMalandela yayiganwe iNdlovukazi uNozinja intombi yakwaGwabini. ISilo uMalandela sazala abafana ababili kuNdlovukazi uNozinja.
Umfana wokuqala kwakunguMntwana uQwabe elanywe uMntwana uZulu. Ngakho uMntwana uQwabe waba yinkosana yeSilo uMalandela kanti uMntwana uzulu yena kwakuyithunjana leNdlovukazi uNozinja. Kuyaziwa ukuthi ngokosiko IwabeNguni ingane yokugcina yomfana ibizwa ngokuthi inkosana kanina. Ngakho iyona edla konke okuqondene nonina. NoMntwana uZulu wayeyinkosana ohlangothini IweNdlovukazi uNozinja.
ISilo uMalandela sakha isigodlo saso sakwaNkomonye endaweni ebizwa ngokuthi kuseDulini. Isigodlo lesi sasakhiwe phakathi kwezintaba ezintathu iThala, iBabanango kanye neCacane. Inxiwa leli likakwe imifula emibili uMhlangeni kanye noBhunu. Le mifula ihlangana ezansi kwenxiwa lakwaNkomonye bese ingenisa emfuleni iGolokodo.
Umfula iGolokodo wona ungenisa eMhlathuze. Umthombo womfula uMhlangeni usuka phansi kweBabanango wehle njalo wedlule ngaseMpumalanga yenxiwa lakwaNkomonye uze uyohlangana noBhunu ezansi kwalo. Kuyacaca ukuthi
amanzi ayesetshenziswa esigodlweni ayekhiwa kulo mfula uMhlangeni.
Isigodlo sona sasakhiwe simi sibheke
eMpumalanga. Intaba iBabanango iseNyakatho Ntshonalanga yesigodlo. Inxiwa lakwa Nkomonye lisabonakala ngomthangala wesibaya esikhulukazi.
Khumu!! Iyaqhubeka!!!