Gibela Sport

Gibela Sport Sikwethulela ezemidlalo ngolimi lwakho. Ungaphuthelwa ezithinta iPSL, EPL, La Liga nezinye ezemidlalo
(1)

Abadlali be-Orlando Pirates sebezohudula izimoto okubalwa kuzo amaSuzuki Swift, Dzire nezimoto ezithandwa kakhulu abasha...
24/07/2025

Abadlali be-Orlando Pirates sebezohudula izimoto okubalwa kuzo amaSuzuki Swift, Dzire nezimoto ezithandwa kakhulu abashayela ama-Uber i-Ertiga ngemuva kokuxhaswa yiSuzuki South Africa.

IPirates isimemezele ukuthi isizoxhaswa abakwaSuzuki ngezimoto ngemuva kokuhlala iminyaka emithathu benganayo inkampani yezimoto ababambisene nayo kulandela ukuphela koxhaso lakwaFord ngo-2020.

Kubikwa ukuthi uThembinkosi Lorch angase engabuyeli kwiWydad AC ngoba akaneme ngezinye izinto azibona noma adlula kuzo n...
23/07/2025

Kubikwa ukuthi uThembinkosi Lorch angase engabuyeli kwiWydad AC ngoba akaneme ngezinye izinto azibona noma adlula kuzo ngesikhathi edlala eMorocco.

IWydad isazimisele ngokumsayinisa ngokugcwele kodwa ibingakavumelani neMamelodi Sundonws. Ngisho ingavuma, uma enqaba uLorch ngeke iqhubeke itransfer.

Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic uMark Mayambela uthi phambilini iBucs ibingelona iqembu elidayis...
23/07/2025

Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic uMark Mayambela uthi phambilini iBucs ibingelona iqembu elidayisela amaqembu aphesheya abadlali kodwa ubona sekuqala ukushintsha lokho.

Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic uMark Mayambela uthi phambilini iBucs ibingelona iqembu elidayisela amaqembu aphesheya abadlali kodwa ubona sekuqala ukushintsha lokho.

Umdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uTebogo Mokoena uthi kuningi abakufunde ngesizini edlule abafuna ukwenza kan...
23/07/2025

Umdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uTebogo Mokoena uthi kuningi abakufunde ngesizini edlule abafuna ukwenza kangcono kukho ngesizini ezayo, ikakhulukazi izinto abaziqaphe bedlala kwiFIFA Club World Cup.

Zibalelwa ku-90 izinkampani zokugembula ezisebenza kuleli ngaphandle kwemvume. Lokhu sekuphoqe uhulumeni ukuthi ubheke i...
23/07/2025

Zibalelwa ku-90 izinkampani zokugembula ezisebenza kuleli ngaphandle kwemvume. Lokhu sekuphoqe uhulumeni ukuthi ubheke izindlela zokuqinisa imithetho ethinta izinkampani zokugembula.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika usuthembise ukuqinisa imithetho ethinta ukusebenza kwezinkampani zokugembula kuleli njengoba sanda isibalo sabantu abanenkinga yakugembula ngokunjalo nesezinkampani ezisebenza ngaphandle kwemvume.

Umgadli omusha we-Orlando Pirates uYanela Mbuthuma uthi wazisa ugogo wakhe kuqala ngesikhathi eqeda ukusayina inkontilek...
23/07/2025

Umgadli omusha we-Orlando Pirates uYanela Mbuthuma uthi wazisa ugogo wakhe kuqala ngesikhathi eqeda ukusayina inkontileka nezinkunzi zaseSoweto athi ujabule kakhulu ngokuzijoyina.

Umgadli omusha we-Orlando Pirates uthi wazisa ugogo wakhe kuqala ngesikhathi eqeda ukusayina inkontileka nezinkunzi zaseSoweto athi ujabule kakhulu ngokuzijoyina.

IKaizer Chiefs isiveze ukuthi isaqhubeka nezinhlelo zokusayinisa abanye abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26...
23/07/2025

IKaizer Chiefs isiveze ukuthi isaqhubeka nezinhlelo zokusayinisa abanye abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26.

IKaizer Chiefs isiveze ukuthi isaqhubeka nezinhlelo zokusayinisa abanye abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26.

  FT | Nigeria 2-1 Banyana BanyanaKubhede ekugcineni kwiBanyana.
22/07/2025

FT | Nigeria 2-1 Banyana Banyana

Kubhede ekugcineni kwiBanyana.

Umqeqeshi omusha weMC Alger uRulani Mokwena uthi umsebenzi wakhe wokuqala kuleli qembu kuzoba wukuqinisekisa ukuthi bavi...
22/07/2025

Umqeqeshi omusha weMC Alger uRulani Mokwena uthi umsebenzi wakhe wokuqala kuleli qembu kuzoba wukuqinisekisa ukuthi bavikela isicoco seligi abasinqobe ngesizini edlule.

Umqeqeshi omusha weMC Alger uRulani Mokwena uthi umsebenzi wakhe wokuqala kuleli qembu kuzoba wukuqinisekisa ukuthi bavikela isicoco seligi abasinqobe ngesizini edlule.

Kubikwa ukuthi iManchester United isibheke ukusayinisa umgadli ongalibheki ipali ngemuva kokusayinisa obewumdlali weBren...
22/07/2025

Kubikwa ukuthi iManchester United isibheke ukusayinisa umgadli ongalibheki ipali ngemuva kokusayinisa obewumdlali weBrentford FC uBryan Mbeumo okulindeleke ukuthi asize iqembu phambili.

Kubikwa ukuthi iManchester United isibheke ukusayinisa umgadli ongalibheki ipali ngemuva kokusayinisa obewumdlali weBrentford FC uBryan Mbeumo okulindeleke ukuthi asize iqembu phambili.

Ukapteni weSekhukhune United uLinda Mntambo uthi ngesizini ezayo ubona ezakhe zingena embangweni wesicoco seligi, futhi ...
22/07/2025

Ukapteni weSekhukhune United uLinda Mntambo uthi ngesizini ezayo ubona ezakhe zingena embangweni wesicoco seligi, futhi bengalandela ezinyathelweni zeLeicester City eyanqoba isicoco sePremier League kungalindele muntu.

Address

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Gibela Sport posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Gibela Sport:

Shortcuts

  • Address
  • Alerts
  • Contact The Business
  • Claim ownership or report listing
  • Want your business to be the top-listed Media Company?

Share