22/09/2025
UMasipala waseMfolozi oholwa umhlonishwa iMeya uKhansela uXolani Bhengu uhlonipha ingqalabutho uDr B V Mthethwa owayeyiMeya yasoThungulu ngokuqamba imidlalo yeMeya ngegama lakhe. IMeya uBhengu namuhla ngoMsombuluko mhlaka 22 September 2025 , umemezele ngokusemthethweni igama elisha lale midlalo esizobizwa nge-Dr BV Mthethwa Mayoral Tournament.
Uthe ngokuqamba le midlalo ngoNyambose, bakhumbula iqhaza lakhe kwezemidlalo, entuthukweni kanye nakwezemfundo njengoba wayegqugquzela ukuthi abantu bazibandakanye nezemidlalo nezemfundo.
Uthe bayafisa ukuthi intsha yaseMfolozi ivelele kwezemidlalo, ibonanakale isidlala emaqenjini amakhulu njengoba bekhona asebephambili. Le midlalo izodlalwa kusukela ngo-26 September kuze kube u28 September 2025 kanti kule midlalo kuzohlungwa nabazodlala emidlalweni yama-SALGA eKing Cetshwayo.