16/06/2025
LLM 📰U MALEMA UTHI AKADEDE U ZUMA;Njengendodana enentukuthelo ufuna ifa likayise. Izitoyitoyi zibungaze usuku lwentsha ekZN nazo laphaya kwinkudla yeNgonyama I King Zwelithini Stadium. Umholi we EFF umfoka Julius Malema uthi 'lesi isikhathi sokuthi intsha iphathe hayi amakhehla anjengoZuma akutshele ngekusasa leli ahlulekile ukulakha'. U Malema uphethe ngelokuthi u Zuma waba usekela mengameli waze waphatha njengoba manje esenenhlangano athi izokwenza umlingo ngomhlaba. Kantike u Malema naye wayesenhlanganweni eyodwa I ANC ngalesisikhathi akhuluma ngaso engumengameli wentsha akukho okuphathekayo akwenza ukufukula intsha kambe ayitholela Amandla noma ukuthi kube umthetho kwinhlangano ababekuyo ukhongolose ukuthi mawusuka ekwengameleni uhlaka lwentsha ube usekela mengameli wobuholi obuphezulu, ngisho kwi EFF imbala lokhu ubengakwenza ukuthi usekela wakhe kube intsha. Ngakhoke umbuzo olengayo uthi akumele yini azinuke amakhwapha ingabe Inhlangano ye EFF yona ibhekephi izofana nezinye izinhlangano ezaziwayo lapho abaholi bakhona bephatha ingunaphakade njengoba sekuyiminyaka eyishumi nanhlanu ephethe I EFF kangeke yini yena egcine enumholi omdala njengo Zuma!
Kusenjalo u Malema uthi gede indaba Ka Elon Musk nama 'Starlink' kangeke isebenze leyonto kuleli laseNingizimu Africa okungamazwi ahambiselana naka Zuma ongomunye ongafuni nakuyibona kuleli. Mhlawumbe inkinga iphakathi kokucwaswa ngeminyaka kodwa kokunye kuyavunyelwana. Indlela ibuzwa kwabaphambili ngoba yaziwa umhambi... Ngeso leNgabade.