LLM

LLM LANDELA I LLM🌍UKUZE UZOHLEZI UTHOLA ULWAZI OLUNZULU

16/06/2025

LLM 📰U MALEMA UTHI AKADEDE U ZUMA;Njengendodana enentukuthelo ufuna ifa likayise. Izitoyitoyi zibungaze usuku lwentsha ekZN nazo laphaya kwinkudla yeNgonyama I King Zwelithini Stadium. Umholi we EFF umfoka Julius Malema uthi 'lesi isikhathi sokuthi intsha iphathe hayi amakhehla anjengoZuma akutshele ngekusasa leli ahlulekile ukulakha'. U Malema uphethe ngelokuthi u Zuma waba usekela mengameli waze waphatha njengoba manje esenenhlangano athi izokwenza umlingo ngomhlaba. Kantike u Malema naye wayesenhlanganweni eyodwa I ANC ngalesisikhathi akhuluma ngaso engumengameli wentsha akukho okuphathekayo akwenza ukufukula intsha kambe ayitholela Amandla noma ukuthi kube umthetho kwinhlangano ababekuyo ukhongolose ukuthi mawusuka ekwengameleni uhlaka lwentsha ube usekela mengameli wobuholi obuphezulu, ngisho kwi EFF imbala lokhu ubengakwenza ukuthi usekela wakhe kube intsha. Ngakhoke umbuzo olengayo uthi akumele yini azinuke amakhwapha ingabe Inhlangano ye EFF yona ibhekephi izofana nezinye izinhlangano ezaziwayo lapho abaholi bakhona bephatha ingunaphakade njengoba sekuyiminyaka eyishumi nanhlanu ephethe I EFF kangeke yini yena egcine enumholi omdala njengo Zuma!

Kusenjalo u Malema uthi gede indaba Ka Elon Musk nama 'Starlink' kangeke isebenze leyonto kuleli laseNingizimu Africa okungamazwi ahambiselana naka Zuma ongomunye ongafuni nakuyibona kuleli. Mhlawumbe inkinga iphakathi kokucwaswa ngeminyaka kodwa kokunye kuyavunyelwana. Indlela ibuzwa kwabaphambili ngoba yaziwa umhambi... Ngeso leNgabade.

LLM 📰ABAZUKULU ABAKAMKHULU;Isipho so MK wesizwe kuwusuku lwentsha; Alusekho uhlaka olungekho kuMkhonto weSizwe njengoba ...
16/06/2025

LLM 📰ABAZUKULU ABAKAMKHULU;Isipho so MK wesizwe kuwusuku lwentsha; Alusekho uhlaka olungekho kuMkhonto weSizwe njengoba yethule uhlaka lwentsha kwaba umlando ngokundelisana kokusungulwa koMk kuwuZibandlela usuku lweSilo uVezi. Ingabe u MK yimvuselelo! Ukusungulwa kohlaka lwentsha ngokuphelele kwiyizi 16 Nhlangulana kukhomba khona ukuthi uMkhonto weSizwe ukhetha amalanga anomlando mawuhlela okuthile.

Namuhla, u MK iholwa umhlonishwa UMongameli wayo u Zuma wethule inkulumo yosuku emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni koPhiko Lwentsha Yophiko Lwentsha yoMkhonto weSizwe, oluholwa nguMgqugquzeli uQiniso Cibane kanye noMdidiyeli uNkateko Mkhabela. Lo mcimbi obuseChristianenburg Sports Stadium, eClermont, KwaZulu-Natal, uhanjelwe nangamalungu eNational High Command (NHC), Women’s League, KZN Detachment, nesiShayamthetho.

KZW➕IMPI YE IRAN NE ISRAEL : AMAPHESHIYA SEKULOKHU KWATHI NHLO AWUMGXALA ENTANYENI YAMA YULOPHA KUSUKELA EKUQALENI. Njen...
15/06/2025

KZW➕IMPI YE IRAN NE ISRAEL : AMAPHESHIYA SEKULOKHU KWATHI NHLO AWUMGXALA ENTANYENI YAMA YULOPHA KUSUKELA EKUQALENI. Njengoba I Iran ibhodloza ithumbu emswaneni we Israel ikhwifa imicibishilo yamalangabu kwahluleka isivukeli se Israel ukuwavimba phecelezi I 'Iron dome' akumangazi. Lokhu konke kulandela ukugadla kwe Israel iguqisa abadidiyeli bombutho abane base Iran. Kanti lempi yona isaphehlwa yiyo iMelika esijike yathi ngeke iyilekelele I Israel kulempi. Umsuka wayo kwaba iMelika isongela I Iran ithi ayivale iziphehli mandla zamanukliya konke ekudingayo izokuthola kwi Melika. I Iran yathi gede ngeke ikubone lokho kufana nokuthi utshele iNingizimu Africa ukuba iyeke ilahle ithathe imalimboleko kubo ukuze bezokhanyisa ngesidonsimandla selanga. Nempela I Iran ayisiyo I INingizimu Africa ayiculi ithi ngeke ixhashazwe amabhokolo kepha imela amagamayo. Namhlanje njengoba sibona usibhicongo esiqhubekayo emaphakathini nempumalanga kungenxa yombango yemibuso. Kuhamba emagameni encwadi engwele ethi 'ekugcineni imibuso iyovukelana'. Esikubona kulemihla kusezingeni kwalokho okwaguqisa imibuso yase Africa eKemet le esibizwa 'Egypt' mhla ingenelwa amaYulopha kubulawa abantu abayizigidi kanjalo nezakhiwo kakhulukazi ezigcina ulwazi. Ingabe sekuyileso sikhathi futhi lapho kuhohloka konke emhlabeni!

Yini emqoka emhlabeni ngoba izakhiwo ziyobhidlika ngempi kanye ngezimo zezulu, abantu bayoshabalala ngezimpi kanjalo nangezinhlekelele. Kanti injongo yempilo iyini kahlekahle! Konke kusezandleni zikaMdali... Ngeso leNgabade.

LLM 📰IZITOYITOYI ZIHAMBELE IBANDLA LAKWA SHEMBENgeso lengabade, LLM ingenhlaAbaholi be EFF namhlanje bakhonze kanye noNy...
14/06/2025

LLM 📰IZITOYITOYI ZIHAMBELE IBANDLA LAKWA SHEMBE

Ngeso lengabade, LLM ingenhla

Abaholi be EFF namhlanje bakhonze kanye noNyazilwezulu kwaNongoma, kwindawo yokukhonza eLindantongo. Usekela umengameli u Godrich Gardee, usihlalo uMarshal Dlamini kanjalo nomengameli wayo u Julius Malema. Nazoke yilapho esikhona, u Malema ungumgxeki omkhulu weNkosi yaseswatini owayibiza 'ngondlovu kayiphikiswa ocindezela abantu bakhe' Kanti waphinde wasabisa ngokuthumela I EFF ukuba iyobhikisha ivikela abantu baseSwatini. Njengoba kwenzeka kobengusihlalo we MK uFloyd Shivambu wathola ukugxekwa ngokuvakashela umbholofidi uBushiri eMalawi owafudula kuleli ngokungemthetho namanje basamufuna enkantolo ngezinsolo zokukhwabanisa imali.

Kanti njengoba ibandla lakwaShembe libekwa amabala lokhu sekufake I EFF esithombeni esingesihle ikakhulukazi njengoba bekwaziwa ukuthi lelibandla veliseSwatini emalangeni liyokhulekela Inkosi yakhona uMswati obekwa amabala abaseSwatini kanjalo ne EFF kulindeleka ukuthi umholi wezitoyitoyi echaze ngokuvakashela ibandla lakwaShembe olusedakeni ngokuyothandazela Inkosi uMswati esolwa ngokucindezela abantu baseSwatini.

14/06/2025

LLM 📰Kukhona okungekho Kahle, uNyazi lwezulu liyahlaselwa. I LLM ikubeka imbaba lokhu; asuwavuni amazwi omntwana waseSwatini anendelelo nentukuthelo. Silapha ekuthenini Unyazilwezulu lwenza iphutha ukuthi mhla kunezibhelu eSwatini akayanga ukuyokhalisana nabantu azwe uvo lwabo kubantu abakhalela inkululeko. Lokhu kushiya umunyu ukuthi Unyazilwezulu lwesekela okungalungile uma lwesekela Inkosi yaseSwatini ngokuba ngisho umfundisi wama Roma usewadlula u Pope Francis zange enanaze ukubeka umholi wase Israel Benjamin Netanyahu ngokugasela I Filistini eGaza.

Nakuba kunjalo kuyishwa ukubona umufo osekhulile ekhuluma kanjena esidlangalaleni ekhwifi wona amagama asongela ukubulala. Yebo kungaba yiphutha ukuthi Unyazilwezulu lungafiki eSwatini ngesikhathi abantu bakhona becindezelwa uhulumeni kepha kubonakale ehamba phambili echoma Inkosi uMswati. Kantike lesisenzo kasimangalisi njengoba kwathi kukhalwa ngohlelo lokhetho kuleli eNingizimu Africa, Unyazilwezulu zange line niqiniso ukuthi khona kwaba nokukhwabaniswa nezehlakalo ezingathembakali ezenzeka kwi IEC ezifana nakho ukuthi imishini icime amahora amabili wonke phezukwalokho kube namavidiyo amaningi awubufakazi bokuthi akhona amaphepha okhetho wona ayemoshwa. Unyazilwezulu lwathi 'abakhalaza ngokhetho abanakho ukuthula basusa udweshu' Lana kwaba amazwi angigxike ekuthenini kulethwe isisombululo kepha aba awokucindezela okungabhekiwe ukuthi kuphume kwezenkolo okumele zilwela Iqiniso nobuhle bobulunguswa njengesifiso sikamdali. Konke lokhu akufezwanga sekushaya izinhlaka eziningi ezifana nobukhosi, kanjalo nezenkolo zithandakubuzwa ukuthi yingabe likhona yini Iqhaza ezilibambile noma zibanjwe ngobhongwana?

I LLM yabika phambilini ngombutho wakwelama Arabs phecelezi 'Arab regime change'. Kulomzabalazo izizwe zalapha zabhekana nenkinga ethi mayifane nayo le eyaphoqela ukuba abantu bakulezizizwe belethe ushintsho ngokuthi beguqise zonke izinhlaka zakhona ezazithunjiwe ezifana nobukhosi kanjalo nezenkolo ngisho amaqembu epolitiki imbala. Nakuleli laseNingizimu Africa yonkana kubukeka lukhulu olusina kujeQeze olungaguqula konke okukhona nxa kungemele ukukhululwa kwabantu.

Uma kungabaholi benkohliso izwe liyoba sengcupheni yokuguqiswa njengoba umlando uyazisho ukuthi yonke imibuso emibi ngeke yabakhona ingunaphakade. Engathi abaholi umdali engabasiza ukuba bamele okukhanya nokulungile ngokuba konke okubi kuyoshalala noma ngalesosikhathi kubonakala kunamandla kukuhle kunothile kepha uma kungamele abantu kuyonyamalala.

KZW➕SELIGAYA NGOMUNYE UMHLATHI:IQEMBU loMkhonto weSizwe (MK) , eliholwa owayengumengameli uMnu Jacob Zuma, selinqabe ngo...
12/06/2025

KZW➕SELIGAYA NGOMUNYE UMHLATHI:IQEMBU loMkhonto weSizwe (MK) , eliholwa owayengumengameli uMnu Jacob Zuma, selinqabe ngokuphelele iPolisario Front futhi lagunyaza ngendluzula i-Autonomy Plan yaseMorocco yeSahara.

Lesi senzo esinesibindi sibhekene ngqo nesikhundla osekunesikhathi eside siphethwe yiqembu elibusayo eNingizimu Afrika, i-African National Congress (ANC), eyeseka ngenkani iqembu lamaphekula elixhaswe yi-Algeria. IQembu le-MK, elinamandla amakhulu njengeqembu lesithathu ngobukhulu ephalamende laseNingizimu Afrika elinezihlalo ezingama-58, likhiphe umqulu onamakhasi ayi-17 onesihloko esithi “South Africa & Morocco: A Strategic Partnership for African Unity, Economic Emancipation and Territorial Integrity.” Yasungulwa ngoZibandlela wezi-2023 nguZuma ngemuva kokuhlukana kwakhe ne-ANC, umbhalo waleli qembu uchitha noma yiziphi izimangalo ezisemthethweni zenhlangano yabashokobezi futhi uqinisekisa amalungelo omlando waseMorocco.

"I-Western Sahara yayiyingxenye ye-Morocco ngaphambi kokuba i-Spain ibe koloni ngasekupheleni kwekhulu le-19," kusho lo mbhalo. "Isimangalo saseMorocco sandulela ukwenziwa kwamakholoni futhi sisekelwe ekuthembekeni kwezizwe esihlalweni sobukhosi saseMorocco." umbhalo weqembu uchitha noma yiziphi izimangalo ezisemthethweni zenhlangano yabashokobezi futhi uqinisekisa ngokuqinile umlando waseMorocco. Lo mbhalo uthi iWestern Sahara yayiyingxenye yeMorocco ngaphambi kokuba iSpain ibuswe ikoloni ngasekupheleni kwekhulu le-19. Njengoba i-MK isekela imibuzo yokuzimela kwe-morrocan iyaphakama ukuthi ngabe leli qembu lizoweseka yini umbutho wenkululeko waseKZN!

LLM 📰Isika kwelijokayo I MK, Kanti inkantolo isichithile isicelo se EFF sokuvimba ukunyuswa kwentela yophethiloli. Kusen...
11/06/2025

LLM 📰Isika kwelijokayo I MK, Kanti inkantolo isichithile isicelo se EFF sokuvimba ukunyuswa kwentela yophethiloli. Kusenjalo nje lokhu kushiya imibuzo ngenhlangano ye DA eyathi kumele kwehliswe intela kaphethiloli kunalokho kubonakala ikuhulumeni owukhuphulayo ingaphikisi!

Inhlangano ye MK iphose esivivaneni ngokusimamisa umnotho wezwe ocwilayo ithi :Ukutshalwa kwezimali kwengqalasizinda yomphakathi enkulu ukuze kugqugquzelwe ukukhula - Izinqubomgomo zezimboni zokubeka eqhulwini imikhakha edinga abasebenzi abaningi. - Ukwandiswa kwezinhlelo zokuqashwa komphakathi ezifana nezikhuthazo zokuqashwa kukamongameli kanye nohlelo lwemisebenzi yomphakathi olwandisiwe (EPWP) - Ukwethulwa Kwentela Yengcebo. - Ukusetshenziswa kwe-UIF kanye noma imali enqwabelene ye-GEPF ukuqala umnotho nokuwubeka ethubeni lokukhula.

Kusenjalo umengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa usehlabe ikhwela lapho efuna ukuba izwe libenezingxongxo ukuthi liwuvusa kanjani umnotho. Okuvungaze ezinkundleni ukubeka osaziwayo phambili ekusingatheni lenkulumo. Ngomhlaka 15 ku Ncwaba uthi alibambe imbizo izwe.

LLM 📰Kabukho ubuholi imiphakathi ensundu idinga imihlangano yemihla namalanga kuhlahlwa indlela eyaphambili: sekuphele i...
10/06/2025

LLM 📰Kabukho ubuholi imiphakathi ensundu idinga imihlangano yemihla namalanga kuhlahlwa indlela eyaphambili: sekuphele iminyaka emine umphakathi wase ~Mnambithi wagubha ama ' quartz' uthi idayimane. I LLM ithi pho nxa kungama quartz Kanti wona awunamanani yini ngoba amazwe afana no Shayina adla ngawo kakhulu kungani kwelikaMthaniya kungenziwanga Iqhingasu ngawo kuxoshwe ikati eziko. Okwaziwayo ukuthi namanje lendawo igadiwe futhi ikekeleziwe. Masubuka lezindawo sibona nezimo ezifana nebhange iThala lapho ubuholi buhluleka ukuvikela labo abakhahlamezekayo. Ayakhala amakhasimende eThala lapho ikusasa lakhona lingaziwa.

LLM 📰Udaba lwakusasa: kunuka santungwana kuvela ikhambi lesandulela ngculazi. Lemibiko esivela emazweni amaningi afana n...
08/06/2025

LLM 📰Udaba lwakusasa: kunuka santungwana kuvela ikhambi lesandulela ngculazi. Lemibiko esivela emazweni amaningi afana no Australia ithi isiliphethe ikhambi Kanti lokhu kuvusa umunyu kusolakala ukuthi iNingizmu Africa iyanyundelwa njengoba kweneka ngeziphehlimandla zamanukliya. Kanjalo nekhambi lesandulela ngculazi elavezwa kuleli ngaphandle kwamanye amazwe iMelika Yavala uxhaso lwayo lokhu nakho kwenza kusolakala ukuthi lonke loludweshu luphehlwe yikho ukuthi lelizwe iNingizmu Africa isithole ikhambi. Udaba luthike sibukeza ukusungulwa kwama 'nuclear reactor' kuleli laseNingizimu Africa ngama 2000 okwathi zisuka lelizwe ladidiswa I UK ne USA ukuthi ingayiphambili ngaleziphehlimandla kodwa namhlanje asesabalele umhlaba wonke sikhuluma nje kunezinhlangano ezizimele ezifana no 'Africa for nuclear' efake lelicala ibalula ukuthi lama 'nuclear reactor' afana ncamashi nalawo asungulwa eNingizimu Africa kusenokwenzeka ukuthi ulwazi lwalelizwe lwatshontshwa. Kubukeka kuhamba ngendlela efanayo njengoba sekuvela amazwe amaningi athi nawo asungule ikhambi lesandulela ngculazi kulandela iNingizmu Africa. Ingabe lelizwe liyanyundelwa yini futhi!

LLM 📰U Zuma akaQedile: Kanti Abakafundi yini, u Zuma uphokophela phambili ngokunyundelwa. Umhlaziyi uSphamandla Ntuli ut...
08/06/2025

LLM 📰U Zuma akaQedile: Kanti Abakafundi yini, u Zuma uphokophela phambili ngokunyundelwa.

Umhlaziyi uSphamandla Ntuli uthi: uma ufuna ukumehlula kuzomele wenze lokhu akwenze kangcono kakhulu ubaba wokuvuselela imboni yibo ubude okufanele ufinyelele kukho konke lokhu kungamenza asekelwe nakakhulu.

Uma ufuna ukushaya uZuma futhi
unqobe kuyomele uhlele yonke imali, izinsiza, kanye nabantu abaningi abaphethe njengokwakha kawakhe ithimba lakhe kukhongolose mawubheka abantu ababefakwa ezikhundleni abacijile futhi iningi labo bakwi MK manje, bese uletha ushintsho olukhulu kakhulu kwizakhiwo. Ngabaholi abafana noTraore abangahlula uZuma eRSA. Kuze kube manje wonke lo msindo uzomenza athole ukwesekwa okwengeziwe.

Lezi zinkulumo zokucabanga ukuthi nxa uthi uzama ukuchitha umkhankaso we-MK eholwa nguZuma owangena esikhundleni ngenxa yakho kanye ukufaselwa amanqina enyathi awusoze wamunqoba. Lokhu yikho kanye okuzokwenza i-MK ikhule ngokushesha.

LLM📰Ingabe basenga ezimithiyo na! Siyi LLM engakhethi iphela emasini sithi Asikababoni ababulala izinduna namakhansela m...
07/06/2025

LLM📰Ingabe basenga ezimithiyo na! Siyi LLM engakhethi iphela emasini sithi Asikababoni ababulala izinduna namakhansela madoda amakhulu kungani ngoba ngaphambi kokuba kube nohulumeni we GNU osenguNdunankulu uMnu Thami Ntuli wayevela njengophakamela ukubulawa kwezinduna namakhansela laba asebebulewe inani labo lalinganiselwa Kuma 37 okudlula ama 30 alabo okuthiwa abezolimo bamabhunu amasumpuliwe. Nxa abalandeli babo u Ntuli no Mnu Nhlanhla Mkhwanazi bethi 'bayawushaya umsebenzi' Ingabe imuphi kahlekahle lowomsebenzi sikhuluma nje empeleni bobabili basalelwe unyaka owodwa besebenza kulezikhundla umbuzo ubusuthike Ingabe ubugebengu obuthinta ukusuculwa kwezinduna kanjalo nosopolitiki kuyobe sekugwenyiwe kambe abenzi bobubi sebaboshwa kasazi soyicela ivuthiwe.

LLM📰Lokhu kwakuzokwenzeka vele lapho uRamaphosa noRupert benze ubugebengu bube yingqophamlando ekuzivikeleni kwabo kwama...
07/06/2025

LLM📰Lokhu kwakuzokwenzeka vele lapho uRamaphosa noRupert benze ubugebengu bube yingqophamlando ekuzivikeleni kwabo kwamampunge ekubulaweni kwabantu abamhlophe kwakuzobuyela emuva.

Ngeke ulibone elidlalayo Uma ungalandeli I LLM sifuna sihambisane sifikisane laleka. Awukwazi ukumema ezinye izizwe ezindabeni zakho zangaphakathi uthi wena liyakwehlula izwe lakho iMelika nayo inobugebengu obadlulela bezidakamizwa izibhamu nokweqiwa komgcele. Pho yibuphi lobugebengu ebigwaca ngabo iNingizimu Africa engenabo iMelika njengoba isisebenzisa khona lokhu ukugadla!

kuba kubi kakhulu uma uzama ukubalekela izimangalo ezinonya ngodaba lobugebengu obusabalalise kakhulu kepha ungene kolukhulu utaku ongalibonanga.

I-RSA ihlushwa ubugebengu impela kodwa isithombe esadwetshwa nguRamaphosa no Rupert nge-RSA inkinga yabonakala lapho ukuthi lukhulu luyeza kuyanyelela njengoba isibhekisa konke phansi iMelika lokhu okwenza iNingizimu Afrika kube sengathi manje sekuyiMexico noma iBrazil ngobugebengu lawa okungamazwe abelwe njengabhubhayo ngobugebengu. Njengoba iMelika ixwayisa izakhamizi zayo ukuthi ziqaphe ngokwedlulele lapho ziya eNingizimu Afrika ngenxa yobugebengu obunodlame, ukuthumba, nokuhlasela kwamaphekula.

Omunye uyazibuza ukuthi manje iRSA izolivikela kanjani leli zwe njengoba lingeke ligcine ngokushaya izivakashi zase-US kuphela kodwa nabanye abasuka kwamanye amazwe. Sikhuluma nje abantu base-Afrika baseMelika bahola inhlangano yezokuvakasha eyimpumelelo ebizwa ngokuthi 'back to mother land' futhi kuze kube manje akekho noyedwa kubo oke wathi wake waba izisulu zobugebengu.

UMnyango WezoMbuso wase-United States ukhiphe lesi sexwayiso eselulekweni sezokuvakasha saseNingizimu Afrika ngomhla zingama-27 kuNhlaba 2025. Inhloso yawo ukuvikela izimpilo kanye nokusebenzela izintshisekelo zezakhamizi zase-U.S. phesheya. Isexwayiso sokuvakasha sika-level 2 sazise abantu baseMelika ukuthi baqaphele kakhulu eNingizimu Afrika ngenxa yobugebengu, ubuphekula, izibhelu zomphakathi, kanye nokuthumba. "Ubugebengu obunodlame bujwayelekile futhi buhlanganisa ukugetshengwa, ukudlwengula, ukuntshontshwa kwezimoto kanye nokugetshengwa. Kukhona nokuhlaselwa “kokushaya nokuphanga” kwezimoto,” kusho isitatimende.

Address


Alerts

Be the first to know and let us send you an email when LLM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to LLM:

Shortcuts

  • Address
  • Telephone
  • Alerts
  • Contact The Business
  • Claim ownership or report listing
  • Want your business to be the top-listed Media Company?

Share