Izindaba 247

Izindaba 247 Asandile ngomlomo, umsebenzi wethu uyazikhulumela. Sikulethela izindaba ezihamba phambili ezweni.

I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi isihlukene nomgadli uZakhele Lepasa.
25/07/2025

I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi isihlukene nomgadli uZakhele Lepasa.

Kuzovalwa ngo-2029 ukusetshenziswe kwe-ID endala eNingizimu Afrika. Umnyango wezaseKhaya uveze ukuthi uhlela ukuvala uku...
23/07/2025

Kuzovalwa ngo-2029 ukusetshenziswe kwe-ID endala eNingizimu Afrika.

Umnyango wezaseKhaya uveze ukuthi uhlela ukuvala ukukhiqizwa kwale ID ngokuphelele ekupheleni kwalo nyaka njengoba kusekhona oHome Affairs abancane ezweni abasayenza.

Ngaphezu kwalokho umnyango uveze nokuthi uhlela ukuqhubeka nokwandisa isibalo samabhange abantu abangakwa ukwenza ama-ID kuwo.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika usuthembise ukuqinisa imithetho ethinta ukusebenza kwezinkampani zokugembula kuleli njeng...
23/07/2025

Uhulumeni waseNingizimu Afrika usuthembise ukuqinisa imithetho ethinta ukusebenza kwezinkampani zokugembula kuleli njengoba sanda isibalo sabantu abanenkinga yakugembula ngokunjalo nesezinkampani ezisebenza ngaphandle kwemvume.

Usomabhizinisi osengene kwezepolitiki uKenny Kunene kuthiwa akahlabe ikhefu isikhathi esingangenyanga kwiPatriotic Allia...
23/07/2025

Usomabhizinisi osengene kwezepolitiki uKenny Kunene kuthiwa akahlabe ikhefu isikhathi esingangenyanga kwiPatriotic Alliance (PA) ngemuva kokutholwa endlini eyodwa nomsolwa ophambili ecaleni lokubulawa kukaDJ Sumbody.

Umdlali we-Orlando Pirates obolekwe i-Orbit College useveze okumenze waqoka ukudlalela leli qembu alibiza ngekhaya ngesi...
22/07/2025

Umdlali we-Orlando Pirates obolekwe i-Orbit College useveze okumenze waqoka ukudlalela leli qembu alibiza ngekhaya ngesizini ezayo, waveza nokuthi bekungesona isinqumo esilula.

Umdlali we-Orlando Pirates obolekwe i-Orbit College useveze okumenze waqoka ukudlalela leli qembu alibiza ngekhaya ngesizini ezayo, waveza nokuthi bekungesona isinqumo esilula.

Umnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukhiphe isitatimende uziqhathulula ekusolweni ngokuba nesandla ekuxoshweni kukaJacinta ...
21/07/2025

Umnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukhiphe isitatimende uziqhathulula ekusolweni ngokuba nesandla ekuxoshweni kukaJacinta Ngobese-Zuma kwiVuma FM.

Umnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukhiphe isitatimende uziqhathulula ekusolweni ngokuba nesandla ekuxoshweni kukaJacinta Ngobese-Zuma kwiVuma FM.

Umsakazo waseKZN iVuma FM uzidonsele amanzi ngomsele kuvela izindaba zokuthi usuxoshe umsakazi uJacinta Ngobese-Zuma nga...
21/07/2025

Umsakazo waseKZN iVuma FM uzidonsele amanzi ngomsele kuvela izindaba zokuthi usuxoshe umsakazi uJacinta Ngobese-Zuma ngaphandle kwezizathu.

Umsakazo waseKZN iVuma FM uzidonsele amanzi ngomsele kuvela izindaba zokuthi usuxoshe umsakazi uJacinta Ngobese-Zuma ngaphandle kwezizathu.

IBanyana Banyana namhlanje izobhekana neSenegal kwiquarterfinal yeWomen’s Africa Cup of Nations eMorocco.  Uma inqoba es...
19/07/2025

IBanyana Banyana namhlanje izobhekana neSenegal kwiquarterfinal yeWomen’s Africa Cup of Nations eMorocco.

Uma inqoba esigabeni esilandelayo izobhekana neNigeria ebhonye iZambia ngo 5-0 izolo.

18/07/2025

Ungqongqoshe wamaPhoyisa osekhefini eliphoqwe wuMengameli Cyril Ramaphosa uthi oGeneral emaPhoyiseni kufanele 'bengaligxobi ngezinyawo' ithuba elavezwa yi-ANC lokungena ezikhundleni abakuzo ngoba lifike 'ngegazi nangezithukuthuku'. Uthi abanye okwakufanele ukuthi babe oGeneral bashesha bahamba ezimeni ezibuhlungu bezabalaza.

Video: Newzroom Afrika.

Ungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uSenzo Mchunu oyalelwe ukuthi ahlabe ikhefu ngenxa yezinsolo abhekene nazo, uthi usekubh...
18/07/2025

Ungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uSenzo Mchunu oyalelwe ukuthi ahlabe ikhefu ngenxa yezinsolo abhekene nazo, uthi usekubheke ngabomvu ukwethula uhlangothi lwakhe kwiKhomishini ezophenya ngenkohlakalo emaphoyiseni.

Owayengunozinti weBafana Bafana uHans Vonk usebale abadlali abathathu beKaizer Chiefs abamchazile njengoba Amakhosi ebed...
18/07/2025

Owayengunozinti weBafana Bafana uHans Vonk usebale abadlali abathathu beKaizer Chiefs abamchazile njengoba Amakhosi ebedlala eNetherlands elungiselela isizini ka-2025/26.

Owayengunozinti weBafana Bafana uHans Vonk usebale abadlali abathathu beKaizer Chiefs abamchazile njengoba Amakhosi ebeseNetherlands elungiselela isizini ka-2025/26.

Umengameli Cyril Ramaphosa usewuchithile umbono wokuthi amosha imali nesikhathi amaKhomishini aphenya ngezinto ezihluken...
18/07/2025

Umengameli Cyril Ramaphosa usewuchithile umbono wokuthi amosha imali nesikhathi amaKhomishini aphenya ngezinto ezihlukene asewasungulile selokhe abekwa njengomengameli wezwe.

Umengameli Cyril Ramaphosa usewuchithile umbono wokuthi amosha imali nesikhathi amakhomishini aphenya ngezinto ezihlukene asewasungulile selokhe abekwa njengomengameli wezwe.

Address

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba 247 posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izindaba 247:

Shortcuts

  • Address
  • Alerts
  • Contact The Business
  • Claim ownership or report listing
  • Want your business to be the top-listed Media Company?

Share