Pongola FM RADIO

Pongola FM RADIO We will like people to post things that concern about FM radio, if you fail to do so will deal with you personal

Zisulekile izinyembezi emndenini bengalindele.Umndeni ka uMnuz Mthokozisi Mvelase wasendaweni yaso Lundi eNhlungwane ubu...
19/08/2025

Zisulekile izinyembezi emndenini bengalindele.

Umndeni ka uMnuz Mthokozisi Mvelase wasendaweni yaso Lundi eNhlungwane ubukhala uzethulisa ngemumva kokudutshulwa kubulawe indodana yabo maqede ishiswe endaweni yase Maponya Mall egoli. Umndeni uthi uyalubonga usizo abaluthole kumhlonishwa Mayor Micheal Khumalo ngaphansi koMkhandlu wase Zululand District. UMayor uthi lumthinte kakhulu loludaba wasethuma ithimba lakhe lomkhandlu ukuthi luyomlilela limbhekele nokuthi umndeni udingani futhi usweleni, lelithimba beliholwa uMnuz Soko oyinhloko yakwa Planing Service base bafisela umndeni ukuba ududuzeke ezinhlungwini ondlula kuzona

Sanibonani ngicela ukufuniswa nansi ingane sigcine ukuyibona ngesabatha ekusen  syacela oyibonile kuyaphuthuma bakithi n...
18/08/2025

Sanibonani ngicela ukufuniswa nansi ingane sigcine ukuyibona ngesabatha ekusen syacela oyibonile kuyaphuthuma bakithi ngyacela mphakathi ihambe iyodlala njengemihla ayikaze isabuya, ingeyase Sigungwini. ngicela ningithinte kulenamba ombonayo 0764117564 ngyabonga.

Mamuhla iqembu le National Freedom Party ( NFP) belizokhetha isiyinge salo (Constituency Elections)..ukhetho belusingath...
16/08/2025

Mamuhla iqembu le National Freedom Party ( NFP) belizokhetha isiyinge salo (Constituency Elections)..ukhetho belusingathelwe oPongolo endaweni yakwaMlogo ( mlogo hills)

Phakathikwezikhul bezikhona nezinye ezibeyizikhulumi esingabalakuzo Mrs Mhlongo ( National organiser,NEC) ovela oLundi ngaphansi kwe Zululand District) ,Mr Thwala owu Chair womgwamanda ovela oLundi kanye no Mr Myeni oyi NWC secretary Monitoring and Evaluation ovelakwaNongoma kanyenabanye abaningi.

Kanti nomphakath wasophongol ubuphumengobuningibawo uzokwethamela lolu khetho singabalanabantu abasha.

Kwabaphakanyisiwe ukuba bamele iqembu ngokweqembu (committee NFP Pongola)

Main Committee NFP Pongola:

01: Chairperson= Ntshangase Bhekisisa ( w8)

Dep.. Chair = Mathenjwa Thandazile

02: Secretary = Ngema Zakhele

Dep Secretary = Hlengiwe Ntshangase

03: Treasure = Zangalakhe Ntuli

4: Co-ordinator = Bhekifa Ntshangase

Woman Committee

1: Chairperson = Zinhle Msibi (W2)

Deputy = Zanele Dlamini ( W1)

Secretary = Matozi Nkosi (W8)

Youth Committee

1: Chairperson = Mthokozisi Dlamini (W12)

Deputy = Snethemba Ntshangase (W05)

Secretary = Khangelani Msibi (W13)

Sekuqale phansi ukwetshiwa kwezinkomo ophongoloKukhalwa ngamasela antshotsha izinkomo aze azingenele ezibayeni njengoba ...
15/08/2025

Sekuqale phansi ukwetshiwa kwezinkomo ophongolo

Kukhalwa ngamasela antshotsha izinkomo aze azingenele ezibayeni njengoba etshejuba khona la ophongolo emzini othile bangene ezintatha bashaqa izinkomo ezintathu ,makutholakala umkhondo kuthiwa amaselandini lawa sengathi ahlangene nowesfazane thizeni njengoba eyodwa inkomo itholakale kwaLiba lapho ebekuzobanomncwabo khona.

Makubuzwa kulomuzi(okuzoba nomncwabo khona nesisigodlile isibongo sakhona ngokuvikela isithunzi somuzi) ukuthi bayithengephi lenkomo wathi uyithenge kowesifazane nebala abanikazi benkomo bayithatha inkomo yabo njengoba inkomo bekumele ihlatshwe namhlanje basala kanjalo abashonelwe( ngolwesihlanu)

Kube sekuphenywa lo wesifazane ukuthi yena ubeze adayise inkomo nje edayisele abashonelwe ubesefuye nini ,uvele wangena ezintangeni wathi yena uthenge inkomo ngefoni laba abamdayisele akabazi ngeke abakhombe kanti amalunga omphakathi athukuthele aganwe unwabu ngalesisenzo aphinde adonsa amasele ngendlebe athi uma eqhubeka nalento yawo uma kuke kwenzeka iphutha bawathola bazowathuma uphuthu.

Ondabeni olufanayo: kubanjwe imonto ebedonsa inqolo iwela emfuleni kwaNongoma esovane ithwele izinkomo kant kugcine kutholakala ukuth izinkomo lezi bezitshotshwe edumbe zazezayilayishelwa entumbane ,imonto ibanjwa nje amalunga omphakathi ngoba ibisihluleka ukuwela umfula kanti ibingenayo inumber plate ngaphambili ibikhona ngemuva kuphela kanti nenqola ibingenayo inumber plate.

Nali ithuba webaculi baso Phongolo 💃💃💃Inviting all aspiring Worshippers from Any denomination to be part of this Live Re...
15/08/2025

Nali ithuba webaculi baso Phongolo 💃💃💃

Inviting all aspiring Worshippers from Any denomination to be part of this Live Recording that is brought by Blessing Media Music Production to Pongola....any Worshipper or Artist you are welcome to be a part of us .....God bless you

For more information contact this number 0717531326

Basacela nisifunise uThalente Nhleko ogcine ukubonakala ngoMsombuluko esuka ekhaya eMagudu ehamba nomngani wakhe ongaziw...
13/08/2025

Basacela nisifunise uThalente Nhleko ogcine ukubonakala ngoMsombuluko esuka ekhaya eMagudu ehamba nomngani wakhe ongaziwa, kukhona abathi bake bambona izolo ehamba ngezinyawo kancane ebheke oPhongolo, besicela kwabambonayo basithinte kunansi I number : 0633983510

Ucela usizo umndeni wakwaDlamini oPhongolo emgulantamo ku ward 4Lomndeni ucela usizo kunoma yimuphi umuntu ongasiza njen...
12/08/2025

Ucela usizo umndeni wakwaDlamini oPhongolo emgulantamo ku ward 4

Lomndeni ucela usizo kunoma yimuphi umuntu ongasiza njengoba bekhala ngomlilo abangawazi uqhamukaphi usushise zonke izimpahla zokugqoka kanye nokusendlini.

Amalunga omndeni athi lokhu sekuyinsakavukela umchilo wesdweba njengoba ezinsukwini ezedlule kuke kwasha emvakwendlu lapha ababeka khona izinkuni banganaka ,bathi baqale ukunaka uma sekusha endlini .

Phakathi kwamalunga omndeni kukhona nabafundi abathathu abafunda amabanga aphansi kanye noyedwa ofunda aphezulu ofunda Enhlanhleni secondary school,kulababafundi kushe umfaniswana weskole nosekusize umakhelwane(Lindiwe Hleko) ngomfananiswano wesikoleni ezinganeni azifundayo,kanti induna yendawo umnu.Mthimkhulu uthi uyakuqabuka lokhu okwenzeka ezweni lenkosi naye wabe esethi uyawcelela umndeni usizo ngoba bawumndeni ongathathintweni.
uPHONGOLO LOCAL MUNICIPALITY
KZNCOGTA
0784271858 kwabafisa ukulekelela sithinte

Namhlanje silapha esgodlweni esisha seSilo eMashobeni nokuyisigodlo sesibili sesisilo esibusayoUmkhosi wesivivane ubanje...
09/08/2025

Namhlanje silapha esgodlweni esisha seSilo eMashobeni nokuyisigodlo sesibili sesisilo esibusayo

Umkhosi wesivivane ubanjelwe khona lokhu kungokokuqala ukuthi umkhosi wesivivane ube kulesisigodlo njengoba uhlale uba kwakhangelamankengane .

Lesisisgodlo seSilo siwela kumasapala wasoPhongolo

08/08/2025

Kutholakale esidumbu ebesingasabonakali nokuthi umuntu sekusele amathambo nezicucu endaweni yase Baqulusi eduze nomgwaqo iNyala, amaphoyisa abese ekuqinisekisa ukuthi amathambo omuntu.

Kwasuka lokho Gatsheni Music Festival 🔥🔥💃💃
07/08/2025

Kwasuka lokho Gatsheni Music Festival 🔥🔥💃💃

06/08/2025

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Bongiwe Dabongz Nkosi, Ngwane KaMajuba Dlamini, Zanele Faith Kunene, Thuleh Shabangu, Rock Sgodo Mphazima Xaba, Skhulu U-Turn Mathebula, Skhumbuzo Kababa EKliptown, Crooks Nkulleko Khumalo, Ndumiso Tutu, Phindile Gumede P, Sfiso Ngwenya, Lungile Nsibande S'bo, Vuyile Qalaba, Tshangary Mongisto, Nhlakanipho Excellent, Sphiwe Manyama, Canny T Qwabe, Siboniso N Hlophe, L'AmourBoy ZA, Msizy Skuvar Mhlanga , Tonny Makhanya, Sizwe Maphanga, Sphiwe Sithole, Busisiwe Minkie, Sbusiso Innocent Mpanza, King Dlamini Sibalkhulu, Sandile Dlamini, Boniswa Khumbera Mabaso, Ronald Yster Mkhonza, Noumpeelow Tarbether, Khethukthula Nkwanyana, Jaybee Red Capert Kunene, Thulani Collen, Sfiso V Shabangu, Slumiso Mzukulu KaNhlabishi Coomalo, PhakadeLihle Precious Mnguni, Snesh Thandoh Zulu Khumalo, Senamile De Queen Ndlangamandla, Lungile Masondo, Gcina Kwanele Christoph, Hlengiwe Gina, Mphile Mkhonza, Mpilo Mtshali, Marry Marry, Snee Ndiema, Bayanda Ndlangamandla, Nokwanda P Mntungwa, Thandeka Ndlangas Ntshangase, Mal'Bongwe Mkhulisi, Nhlanzoh Nhlanzeko

Siyabonga ku Bafase Security and Project ngokusilekelela 🙌🙏 nawe uma ufisa ukubane certificate sokufundela ubu security ...
06/08/2025

Siyabonga ku Bafase Security and Project ngokusilekelela 🙌🙏 nawe uma ufisa ukubane certificate sokufundela ubu security ungabavakashela lapha emahhovisini abo akwa Mie office no 6 🙏🙏

Address

N2 Road, Mlogo Hills Pongola
Pongola
POBOX1576

Opening Hours

Monday 08:30 - 16:00
Tuesday 08:30 - 16:00
Wednesday 08:30 - 16:00
Thursday 08:30 - 16:00
Friday 08:30 - 16:00
Saturday 09:00 - 15:00
Sunday 09:00 - 15:00

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Pongola FM RADIO posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Pongola FM RADIO:

Share

Category