28/12/2025
Abanye Bashayela uSamkelo Izandla Ngemuva Kokwenqaba Ukulala NoMbali
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bahlatshwe umxhwele yisenzo sika samkelo shezi ngemuva kokuvela kwerikhodi lapho ezwakala enqaba ukulala no Hlengiwe Dlamini owaziwa ngo Mbali.
Kule rikhodi, uSamkelo uzwakala ecacisa ukuthi isizathu sokuthi angalali nabo bonke abesifazane enza nabo i-content kungenxa yokuthi uvikela igama lakhe. Uthi akafuni kusasa kuthiwe usebenzisa umsebenzi njengendlela yokufuna ubudlelwano bokulala.
Nakuba evuma ukuthi naye unemizwa futhi uyahalela njengawo wonke umuntu, uSamkelo uthi uyakwazi ukuzibamba uma kudingeka, ikakhulukazi uma sekukhulunywa ngomsebenzi. Lokhu kwenze abaningi bathi “uSamkelo indoda emadodeni” ngenxa yokuma kwakhe.
Okunye okudonse amehlo abantu wukuthi uSamkelo ubuze ngokusobala uMbali ukuthi ngabe uma sebesebenze uyamnika yini imali yakhe. UMbali naye wavuma, wathi uSamkelo uyamnika imali yakhe futhi akamdlali, okwenze abaningi babone ukuthi kulesi simo kukhona ubuqotho obuthile obungakhulunywa njalo ezinkundleni.
Kuleyo rikhodi futhi, uMbali uyaxolisa, ethi uSamkelo akamnike ithuba lokugcina futhi uthembisa ukuthi ngeke esabheda.
🔍 Umbono We South African Entertainment Updates
Uma ubheka lokhu ngeso le-PR nelesu lokuqukethwe (content strategy), le ndaba iveza ukuthi izinkundla zokuxhumana seziguqukile. Okokuqala, abantu bebethuka uSamkelo ngesikhathi kumenyezelwa ukuhlukana kwabo, kodwa manje isimo sesiphendukile—abaningi sebemeseka.
Kwi-digital era yanamuhla, abadali be-content bafunda ngokuhamba kwesikhathi ukuthi yonke into abayenzayo iyahlukanisa umphakathi, idale imizwa ehlukene, futhi lokho yikho okugcina igama labo liqhubeka nokukhulunywa. Ukukhula kulo mkhakha kudinga isikhumba esiqinile (thick skin) nokwazi ukuma phambi kwemicabango yabantu ehlukene.
Kungakhathaliseki ukuthi lokhu kwenzeka ngokwemvelo noma kwakhiwe njengengxenye ye-content, iqiniso elisobala ukuthi ukubaluleka (relevance) kuyakhula. Kulezi zinsuku, uma indaba isakhulunywa, isabelwana, futhi idala impikiswano kubadali be-content lokho sekuyimpumelelo ngokwayo.
SAE Updates izoqhubeka nokulandela le ndaba njengoba iqhubeka nokushintsha imizwa yomphakathi nokubonisa ukuthi amandla e-content angaguqula kanjani indlela abantu ababukwa ngayo online.