18/12/2025
Isahluko Sokuqala 1
Isizwe SeNgonyama uZulu πΏπ¦βοΈπΌ
Izizwe ezinsundu ezikhona eMzansi Afrika umlando usitshela ukuthi zidabuka kule nhlabathi emnyama yase-Afrika. Zafuduka zisuka eNkabazwe zasabalala ne-Afrika yonke.
UMnguni I yena wehla njalo kwaze kwathi uma esedlule izintaba zoKhahlamba wasezinza phakathi kwazo kanye nolwandle. Kwaba ukudabuka kwezizwe eziningi ngaphansi kwakhe ezikhuluma ulimi IwesiNguni. Ufuduko lwezizwe eziningi Iwaludalwa yizinto ezintathu. Okokuqala babefuduka belambele amadlelo amahle emfuyo yabo nomhlabathi wokulima. Okwesibili babefuduka ngoba behlaselwe yisomiso kanye nendlala. Okwesithathu kwakuba yizimpi ezaziqubuka zibahlakaze bagcwale izwe lonke. Lezi zimo zazibenza bafuduke baye phambili noma babuyele emuva. Lokhu sikubona kahle ngesikhathi sezimpi zeNgonyama uShaka. AbeNguni baba nofuduko olukhulu bebalekela ulaka IweSilo uShaka. AMakhosi anjengoZwangendaba kanye noMzilikazi afuduka abuyela emuva lapho abeNguni babeliqhamukise ngakhona. Kwathi aMakhosi abaThembu anjengoNgoza, oNqetho kanye noMadikane wona afuduka aqhubeka elandela abeNguni bakaXhosa.
Lezi zizwe zazifuduka ziholwa ngabaholi bazo abahlukene. Kwakuthi uma kushona umholi walelo qembu bese kuthathwa ingane yakhe iqhubeke ibahole. Mhlawumbe kwenzeke ingane yalona oshonile ingabi nazo izimpawu zokuhola lelo qembu, ubuholi bese buwela komunye.
Uma bekhuluma abadala babeqinisa ngokuthi izizwe lezi zazifuduka zehla ngeSilulu. Isilulu kwakuyisitsha esasisemqoka kakhulu kulezo zinsuku zasemandulo. Kulapho kwakugcinwa khona izinto ezisemqoka zanoma yimuphi umndeni. Isilulu lesi sakhiwa ngotshani lobu obujwayelekile. Esinye sakhiwa ngelala njengoba kwakhiwa isichumo esinye sakhiwa ngomhlanga, kanti esinye sakhiwa ngomzungulu. Imindeni yonke
yayiba nezilulu emakhaya lapho yayigcina khona lokho okungamagugu ayo. Babefaka ukudla okuluhlaza njengommbila, amabele, izindlubu, amantongomane kanye nokunye okuningi okusuke kusemqoka ekhaya. Kanti nezinkukhu zazibekelwa izilulu phezu kwezintango naphezu kwemimbelo yezibaya ukuze zizalele kuzo.
INdlunkulu yayisazisa kakhulu isilulu, sasifaniswa nomphongolo wesivumelwano kubantwana bakwa-Israyel. Yilapho iNdlovukazi eyayigcina khona lezo zinto ezazisemqoka eyayizinikwa umtanayo oyiSilo ayesuke ezithole ngenkathi enqoba amanye aMakhosi. Amatshe ayeligugu elikhulu endlini yobukhosi, nokwakwesekeleke kuwo amandla aleyo naleyo Ngonyama eyayibusa.
Kulesi silulu kwakugΔinwa kuso imikhando, izinsonga nezinsinde zobukhosi. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uSenzangakhona isilulu nenkatha kanye nokhamba lokufaka imikhando kwakugcinwa iNdlovukazi
uLangazana endlini yovu eyayaziwa ngokuthi kusesikhupheni. INdlovukazi uLangazana yayilokhu yabekwa iSilo uSenzangakhona ekuganeni kwayo ukuba iphathe lezi zimfihlakalo zobukhosi.
Kwathi ngesikhathi impi yamaNgisi isingena inqoba uZulu esigodlweni Ondini, iNdlovukazi uLangazana okaGubeshe wayithatha inkatha kanye nokhamba lwezinsonga wakufaka emgodini wamabele esibayeni. Bathi kwathi uma iNdlovukazi isikufihlile konke yase ithatha isinqindi sayo yazinquma nga*o uqhoqhoqho yaphangalala.
Yakhothama kanjalo intombi kaGubeshe. OkaGubeshe wahlala ephethe kulesi sigaba sobuNdlovukazi eZilweni eziyisithupha zikaZulu. Ngakho yayikuqonda kahle kakhulu ukubaluleka kokhamba Iwezinsonga kanye neNkatha kaZulu. Yayiziphathe lezi zimfihlo kusukela kusabusa iSilo uSenzangakhona kwaze kwaba seZilweni uSigujana, uShaka, uDingana, uMpande kanye noCetshwayo.
INdlovukazi uLangazana yayikubonile ukwakhiwa kombusokazi omkhulu kaZulu kusetshenziswa le mikhando yobukhosi
kanye nenkatha. Ngakho yayingenakuvuma ukunikela ngobukhosi obabakhiwe kanzima uZulu phambi kwayo, ibunikeze abezizwe. Inhloso yokuba iNdlovukazi izifihle lezi zinto yayifunge yagomela yathi yona ayisoze nanini yanikela ngamandla kaZulu ezandleni zamaNgisi. Lezi zimfihlo zobukhosi zisagciniwe eNdlunkulu.
Iyaqhubeka ... βοΈπΌ