Isizulu Media Productions

Isizulu Media Productions From KZN the heart of SA 🫰🏽 to the world πŸ‘Œ Zulu Nation !!
πŸ‡ΏπŸ‡¦ πŸ”₯

Bayede nina besilo β™₯οΈπŸ‡ΏπŸ‡¦βœοΈπŸΌ Uma uzingenayo ngendawo kangakini dlula ngayo la ngezansi ✍️🏼
29/12/2025

Bayede nina besilo β™₯οΈπŸ‡ΏπŸ‡¦βœοΈπŸΌ Uma uzingenayo ngendawo kangakini dlula ngayo la ngezansi ✍️🏼

ISAHLUKO 2 ✍️🏼❀️ UMONGO KA ZULU INgonyama u Malandela kwaNkomonyeISilo uMalandela sizalwa iNgonyama uluzumane kaMnguni 1...
18/12/2025

ISAHLUKO 2 ✍️🏼❀️ UMONGO KA ZULU

INgonyama u Malandela kwaNkomonye

ISilo uMalandela sizalwa iNgonyama uluzumane kaMnguni 11 kaGumede kaLubololwenja kaMnguni 1. Lendlu yoHlanga IwaMakhosi yayithakazelwa ngokuthi; "Gumede! Lubololwenja! Mnguni! Wena wohlanga!"

Ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uMalandela isibongo eyavibizwa nga*o kwakunguMnguni. Isizinda sokudabuka kobukhosi balendlu yoHlanga kusendaweni yaseSihlungu namuhla eyaziwa ngokuthi kuseBabanango.

INgonyama uMalandela yayiganwe iNdlovukazi uNozinja intombi yakwaGwabini. ISilo uMalandela sazala abafana ababili kuNdlovukazi uNozinja.

Umfana wokuqala kwakunguMntwana uQwabe elanywe uMntwana uZulu. Ngakho uMntwana uQwabe waba yinkosana yeSilo uMalandela kanti uMntwana uzulu yena kwakuyithunjana leNdlovukazi uNozinja. Kuyaziwa ukuthi ngokosiko IwabeNguni ingane yokugcina yomfana ibizwa ngokuthi inkosana kanina. Ngakho iyona edla konke okuqondene nonina. NoMntwana uZulu wayeyinkosana ohlangothini IweNdlovukazi uNozinja.

ISilo uMalandela sakha isigodlo sa*o sakwaNkomonye endaweni ebizwa ngokuthi kuseDulini. Isigodlo lesi sasakhiwe phakathi kwezintaba ezintathu iThala, iBabanango kanye neCacane. Inxiwa leli likakwe imifula emibili uMhlangeni kanye noBhunu. Le mifula ihlangana ezansi kwenxiwa lakwaNkomonye bese ingenisa emfuleni iGolokodo.

Umfula iGolokodo wona ungenisa eMhlathuze. Umthombo womfula uMhlangeni usuka phansi kweBabanango wehle njalo wedlule ngaseMpumalanga yenxiwa lakwaNkomonye uze uyohlangana noBhunu ezansi kwalo. Kuyacaca ukuthi

amanzi ayesetshenziswa esigodlweni ayekhiwa kulo mfula uMhlangeni.

Isigodlo sona sasakhiwe simi sibheke

eMpumalanga. Intaba iBabanango iseNyakatho Ntshonalanga yesigodlo. Inxiwa lakwa Nkomonye lisabonakala ngomthangala wesibaya esikhulukazi.

Khumu!! Iyaqhubeka!!!

Isahluko 1✍️🏼 Iyaqhubeka ....INkosi yokuqala okuthiwa yavela oHlangeni kwabendlu yobukhosi bakwaZulu kwaba iSilo uMnguni...
18/12/2025

Isahluko 1✍️🏼 Iyaqhubeka ....

INkosi yokuqala okuthiwa yavela oHlangeni kwabendlu yobukhosi bakwaZulu kwaba iSilo uMnguni 1 woHlanga. Uma umuntu ebuka ukusabalala kwesizwe sabeNguni kuyamcacela ukuthi maningi amaKhosi oHlanga alendlu ayeqanjwa ngegama likaMnguni. Igama likaMnguni uyalithola emlibeni wamaKhosi aba Thembu amaMpondo kanye nawaKwaZulu.Lokhu kumenza umuntu akuvume ukuthi emlibeni wobukhosi bukaZulu kukhona uMnguni wokuqala owadabuka oHlangeni. INgonyama uLubololwenja eyayibuye yaziwe ngokuthi uLufenulwenja kuthiwa yakhishwa ngobolo Iwenja emgodini. Ukukhishwa kweNkosi yoHlanga ngesilwane, lokho kwenza ukuba amakhosi onke alendlu kaMnguni abizwe ngokuthi ayizilwane kwawona.

Kusukela ngaleyo nkathi isithunzi sawo safaniswa nobukhona bezilwane ezithile ezinamandla. Amakhosi oHlanga endlu kaMnguni kwakuthi uma kukhulunywa ngawo abizwe ngokuthi iZilokazana zezwe. Afaniswa nebhubesi, nengwe, inyathi kanye nendlovu. Bonke abendlu yobukhosi base bethakazelwa ngokuthi; "Lubololwenja". Isizwe lesi seNgonyama uZulu sabakhona kusukela emandulo sisaziwa ngokuthi ngabe Nguni boHlanga bakaGumede. Noma umuntu engeze akusho ngokucacile ukuthi iNgonyama ulubololwenja yayakhe kuliphi izwe kepha kuyavela kwabadala ukuthi lesi sizwe sake sakha kwaNtabankulu.

Kodwa esinobufakazi obusaphathekayo nanamuhla yindawo lapho kwakwakhe khona indodana yeNgonyama uLubololwenja. Inxiwa lesigodlo sendodana yakhe iNgonyama uGumede liseBabanango.

Lesi sigodlo seSilo uGumede sasakhiwe ngaphansi kwentaba Itshelixhugayo. Itshelixhugayo liyingxenye eyininginzimu yentaba iBabanango. Le linxiwa leSilo uGumede liseduze komfula uGwebula.

Isibaya sezinkomo sasisikhulu kakhulu. Kuthi ngaphandle emaceleni a*o kube nezibaya zamathole. Izibaya ezimbili zazakhiwe empumalanga izibaya ezintathu zona zazakhiwe ngezansi eninginzimu yesibaya. Isibaya sesihlanu sibonakala sisincane kakhulu kanti amatshe a*o abonakala eshone phansi phakathi nendawo. Ukubukeka kwa*o umuntu angaze athi kwakungumgodi owawumbiwe okungenzeka kube lidlinza eselishone phansi phakathi nendawo. Lokhu ngithi angikusho ngendlela engakubuka ngayo kepha ngikushiya kungumbuzo oyohlaziywa ngababhali bomlando abalandelayo.

Idlinza leNgonyama uGumede alibonakali lapho likhona kepha siyazi ukuthi aMakhosi oHlanga ayetshalwa ezigodlweni zawo qede umuzi uthuthe kuleyo ndawo. Ngiyakholwa ukuthi nanxa iminyaka isingaphezulu kwezinkulungwane iSilo uGumede satshalwa, kepha sikholwa ukuthi amathambo a*o amhlophe alele kuleli nxiwa la*o. Inxiwa lona libuka igquma uNtungulo eliseduze kwalapho kuhlangana khona imifula uGwebula kanye noNtungulo. La matshe ayakhe lezi zibaya zonke asabonakala ngokucacileyo lapho zazakhiwe khona. Uma uhamba ngemoto uze uyongena phakathi kwaleli nxiwa leNgonyama uGumede.

Kwathi ukukhothama kweNgonyama uGumede kwase kuthatha iNkosana yayo iSilo uMnguni 11. INgonyama uMnguni 11 yona yasuka yayokwakha entabeni iBabanango. Ngokosiko IwaseNdlunkulu kuyaye kuthi uma iNkosana isibekiwe bese kuphoqeleka ukuba iphume umuzi wayo ukuze iNdlunkulu yeSilo naBantwana ba*o basale esigodlweni esidala.

Isigodlo sayo sasakhiwe phezulu entabeni uNdindindi kepha elukhalo oluhle phezulu olusuka kulo iBabanango. Umfula oseduze kwalo ngaMahlokomane. Isiphethu salo mfula siphuma lapho kuhlangana khona uNdindindi neBabanango.

Isibaya salesi sigodlo na*o sasakhiwe ngamatshe asabonakala kahle kakhulu ngoba indawo lena ayikaze iphazanyiswe ngokulinywa. Umlungu owakhele lelo pulazi waqinisa ngokuthi amatshe amaningi athathwa ngoyisemkhulu bawasebenzisa bakha ngawo izibaya zezinkomo zabo kanye nezindlu. Lokhu ufike ukubone ngamehlo uma ufika emzini wakhe umnumzane uKobus Combrinck.

Wathi amanye athathwa nguye wawasebenzisa evala izindonga zokuguguleka komhlabathi ngoba wayengenalo ulwazi lokuthi lawa manxiwa kwakuyizigodlo zaMakhosi.

Isthombe πŸ“Έ : Isilo Sohlanga Mnguni II
Umthombo: Umongo KaZulu
Umbhali : Umntwana Zeblon kaNhlayenza Zulu.

Isahluko Sokuqala 1Isizwe SeNgonyama uZulu πŸ‡ΏπŸ‡¦βœοΈπŸΌIzizwe ezinsundu ezikhona eMzansi Afrika umlando usitshela ukuthi zidabu...
18/12/2025

Isahluko Sokuqala 1
Isizwe SeNgonyama uZulu πŸ‡ΏπŸ‡¦βœοΈπŸΌ

Izizwe ezinsundu ezikhona eMzansi Afrika umlando usitshela ukuthi zidabuka kule nhlabathi emnyama yase-Afrika. Zafuduka zisuka eNkabazwe zasabalala ne-Afrika yonke.

UMnguni I yena wehla njalo kwaze kwathi uma esedlule izintaba zoKhahlamba wasezinza phakathi kwazo kanye nolwandle. Kwaba ukudabuka kwezizwe eziningi ngaphansi kwakhe ezikhuluma ulimi IwesiNguni. Ufuduko lwezizwe eziningi Iwaludalwa yizinto ezintathu. Okokuqala babefuduka belambele amadlelo amahle emfuyo yabo nomhlabathi wokulima. Okwesibili babefuduka ngoba behlaselwe yisomiso kanye nendlala. Okwesithathu kwakuba yizimpi ezaziqubuka zibahlakaze bagcwale izwe lonke. Lezi zimo zazibenza bafuduke baye phambili noma babuyele emuva. Lokhu sikubona kahle ngesikhathi sezimpi zeNgonyama uShaka. AbeNguni baba nofuduko olukhulu bebalekela ulaka IweSilo uShaka. AMakhosi anjengoZwangendaba kanye noMzilikazi afuduka abuyela emuva lapho abeNguni babeliqhamukise ngakhona. Kwathi aMakhosi abaThembu anjengoNgoza, oNqetho kanye noMadikane wona afuduka aqhubeka elandela abeNguni bakaXhosa.

Lezi zizwe zazifuduka ziholwa ngabaholi bazo abahlukene. Kwakuthi uma kushona umholi walelo qembu bese kuthathwa ingane yakhe iqhubeke ibahole. Mhlawumbe kwenzeke ingane yalona oshonile ingabi nazo izimpawu zokuhola lelo qembu, ubuholi bese buwela komunye.

Uma bekhuluma abadala babeqinisa ngokuthi izizwe lezi zazifuduka zehla ngeSilulu. Isilulu kwakuyisitsha esasisemqoka kakhulu kulezo zinsuku zasemandulo. Kulapho kwakugcinwa khona izinto ezisemqoka zanoma yimuphi umndeni. Isilulu lesi sakhiwa ngotshani lobu obujwayelekile. Esinye sakhiwa ngelala njengoba kwakhiwa isichumo esinye sakhiwa ngomhlanga, kanti esinye sakhiwa ngomzungulu. Imindeni yonke

yayiba nezilulu emakhaya lapho yayigcina khona lokho okungamagugu ayo. Babefaka ukudla okuluhlaza njengommbila, amabele, izindlubu, amantongomane kanye nokunye okuningi okusuke kusemqoka ekhaya. Kanti nezinkukhu zazibekelwa izilulu phezu kwezintango naphezu kwemimbelo yezibaya ukuze zizalele kuzo.

INdlunkulu yayisazisa kakhulu isilulu, sasifaniswa nomphongolo wesivumelwano kubantwana bakwa-Israyel. Yilapho iNdlovukazi eyayigcina khona lezo zinto ezazisemqoka eyayizinikwa umtanayo oyiSilo ayesuke ezithole ngenkathi enqoba amanye aMakhosi. Amatshe ayeligugu elikhulu endlini yobukhosi, nokwakwesekeleke kuwo amandla aleyo naleyo Ngonyama eyayibusa.

Kulesi silulu kwakugΔ‹inwa kuso imikhando, izinsonga nezinsinde zobukhosi. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uSenzangakhona isilulu nenkatha kanye nokhamba lokufaka imikhando kwakugcinwa iNdlovukazi

uLangazana endlini yovu eyayaziwa ngokuthi kusesikhupheni. INdlovukazi uLangazana yayilokhu yabekwa iSilo uSenzangakhona ekuganeni kwayo ukuba iphathe lezi zimfihlakalo zobukhosi.

Kwathi ngesikhathi impi yamaNgisi isingena inqoba uZulu esigodlweni Ondini, iNdlovukazi uLangazana okaGubeshe wayithatha inkatha kanye nokhamba lwezinsonga wakufaka emgodini wamabele esibayeni. Bathi kwathi uma iNdlovukazi isikufihlile konke yase ithatha isinqindi sayo yazinquma nga*o uqhoqhoqho yaphangalala.

Yakhothama kanjalo intombi kaGubeshe. OkaGubeshe wahlala ephethe kulesi sigaba sobuNdlovukazi eZilweni eziyisithupha zikaZulu. Ngakho yayikuqonda kahle kakhulu ukubaluleka kokhamba Iwezinsonga kanye neNkatha kaZulu. Yayiziphathe lezi zimfihlo kusukela kusabusa iSilo uSenzangakhona kwaze kwaba seZilweni uSigujana, uShaka, uDingana, uMpande kanye noCetshwayo.

INdlovukazi uLangazana yayikubonile ukwakhiwa kombusokazi omkhulu kaZulu kusetshenziswa le mikhando yobukhosi

kanye nenkatha. Ngakho yayingenakuvuma ukunikela ngobukhosi obabakhiwe kanzima uZulu phambi kwayo, ibunikeze abezizwe. Inhloso yokuba iNdlovukazi izifihle lezi zinto yayifunge yagomela yathi yona ayisoze nanini yanikela ngamandla kaZulu ezandleni zamaNgisi. Lezi zimfihlo zobukhosi zisagciniwe eNdlunkulu.

Iyaqhubeka ... ✍️🏼

IsandulelaKusukela emandulo ulwazi Iwabantu Iwalulotshwa lushicilelwa ezingqondweni zabo ngokuxoxelwa ngabadala. Ulwazi ...
18/12/2025

Isandulela

Kusukela emandulo ulwazi Iwabantu Iwalulotshwa lushicilelwa ezingqondweni zabo ngokuxoxelwa ngabadala. Ulwazi Iwabantu abadala yilona olwaluyinsika yomlando weSizwe. Kwathi ukufika kwemfundo nabamhlophe kwaba kuncane kakhulu okungemukeleka uma kungabhaliwe phansi. Ngangokuthi noma ungamtshela omunye umuntu ukuthi ungubani igama lakho kepha ukuze akukholwe kufuneka ekugcineni umnikeze okungubufakazi obubhalwe phansi ngawe. Kwala noma ngabe umuntu mukhulu kangakanani kepha namuhla kufuneka aveze amaphepha amchazayo ukuthi ungubani.

INdlunkulu kaZulu nayo kayisalanga ngaphandle kwalesi sikhathi esiphila kuso namuhla. Umhlaba ufuna ukwazi ukuthi konje yona ingubani? Kusekuncane kakhulu okubhaliwe okuchazayo ukuthi uma sikhuluma ngeNdlunkulu kaZulu sisho ubani, okuphi, novelaphi. Uma thina beNdlunkulu siqinisa ngokuthi siyazazi ukuthi singubani, lesisikhathi siyasiphoqa ukuba sizethule thina emhlabeni esiphila kuwo. Sisho ukuthi amakhanda ayizinhloko zale ndlu yoBukhosi angobani. Amathambo awo amhlophe alele kuphi? Lo mqulu "uMongo kaZulu" uyingqikithi eyimpendulo ngale ndlu yeSilo uZulu kaMalandela. Ngaphambi kokuba izwe loMzansi Afrika lithole inkululeko yalo mhla zingamashumi amabili nesikhombisa kuMbasa 1994, abantu abamnyama bale lizwe bebengathathwa ngokuthi bangabantu ngokoMthethosisekelo walo. Lokhu kwakusho ukungavunyelwa ukuzikhethela uMholi omthandayo ngokuvota, ukuncishwa ilungelo lokuba nomhlaba, ukuncishwa ilungelo kokumbiwa ngaphansi komhlaba ohlezi kuwo kanye nokuncishwa ilungelo lokungena ezindaweni eziningi zabamhlophe. Kuthe ukuthatha

kukaHulumeni wentando yabantu waguqula zonke lezi zithiyo. Wasekhuthaza ababhali abamnyama ukuba babhale kabusha umlando wabo wale lizwe loMzansi Afrika.

Njengoba ababhali benikezwe lokhu ukukhuthazwa nguΕ‚ Hulumeni okusemqoka ukuba umlando bangawubambi ngomsila uma sebesemshikashikeni wokuwubhala phansi. Okubalulekileyo ukuba amaqiniso angahlanekezelwa uma sekubhalwa umlando kabusha. Ngiphawula kanjena ngoba baningi namuhla okuthi uma bexoxa ngomlando bakhulume ngalokho kuphela okubabeka kangcono bona kunabanye. Kungakuhle ababhali bakithi bangangeni esifeni esabhabha abanye bababhali abamhlophe okwakuthi uma bebhala umlando babeke kangcono abakubo kunabezinye izizwe.

Thina Zulu uma sithi, "Emandulo" sisuke sisho isikhathi esifihlakeleyo ongeze wasiqagula ngekhanda. Abamhlophe kwathi ebuchwephesheni babo bakwazi ukubhala izinhlamvu namuhla esizazi ngokuthi ziyakhuluma. Nabo noma sebekubhala phansi abakushoyo kepha isikhathi semvelaphi yabo abasazi uma sekuthiwa abasiqophe phansi ngokweminyaka.

Thina Zulu asiwona amanyela noma amahlumela aqhamuka kwabamhlophe. Umlando wethu uyakuphika lokho. Izwi esilaziyo esalitshelwa ngabadala lithi savela oHlangeni. Nanamuhla lelozwi lisankeneza ezindlebeni zethu. Futhi lisayokwedlula linkeneze ezindlebeni zezizukulwane zethu. Uma abadala bethi savela oHlangeni, babesuke lapho sebesho ukuthi saqhamuka kuMvelinqangi. Yena ongadalwanga ngezandla zomuntu kepha onguBukhona obuyithi.

Bayede Sizwe sikaPhunga noMageba πŸ‘πŸΌβœοΈπŸΌ bengivakashele emtapowolwazi ngase ngiboleka  umqingo UMONGO ka ZULU incwadi efun...
18/12/2025

Bayede Sizwe sikaPhunga noMageba πŸ‘πŸΌβœοΈπŸΌ bengivakashele emtapowolwazi ngase ngiboleka umqingo UMONGO ka ZULU incwadi efundisa kabanzi ngamaKhosi kanye nokubunjwa koMbuso wakwa Zulu. Ngizolokhu nginihlephulela ngeziqephu , okwakho nje ukulandela leliKhasi ukuze ungaphuthelwa πŸ‘πŸΌ

Bayede sizwe sikaPhunga no Mageba πŸ˜ŒπŸ™ izolo bengivakashele emtapowolwazi ngase ngizithela kunanku umqingo UMONGO ka ZULU ...
26/11/2025

Bayede sizwe sikaPhunga no Mageba πŸ˜ŒπŸ™ izolo bengivakashele emtapowolwazi ngase ngizithela kunanku umqingo UMONGO ka ZULU πŸ™πŸ‘πŸΌ Lomqingo ke ubhalwe nguMntwana uBhekizizwe Zeblon ka Nhlayeza Qhama Zulu πŸ‘πŸΌ ngizoniphakela ke ngeziqephu zomlando wamakhosi alapha kwelakithi ngethuba elivelayo.

Address

Verulam

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Isizulu Media Productions posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Isizulu Media Productions:

Share