AbaQulusi Television -Podcast

AbaQulusi Television -Podcast This TV channel is about Life and the People from AbaQulusi and the surrounding areas.

21/09/2025
21/09/2025

Bakhala ngokhetho "olunesandla" semfene abangenele ukhetho lomkhandlu olawula abafundi eMthashana TVET eVryheid.

20/09/2025

AbaQulusi Television -Podcast's broadcast

Okusha ngo Nhlanhla Mkhwanazi 1. Ufakazela eMadlanga CommissionUMkhwanazi njengamanje ufaka ubufakazi ku-Madlanga Commis...
19/09/2025

Okusha ngo Nhlanhla Mkhwanazi

1. Ufakazela eMadlanga Commission

UMkhwanazi njengamanje ufaka ubufakazi ku-Madlanga Commission of Inquiry, okuyikomishana ehlola izindaba zobugebengu, ukungenelela kwezepolitiki kanye nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa.

Uthi kukhona abezepolitiki nabaphathi abaphezulu bamaphoyisa abangenelela ukuze kuqedwe i-Political Killings Task Team eKwaZulu-Natal, eyayiphenya izibulali ezihlobene nezepolitiki.

Uphinde wathi unezinkomba zobufakazi ezixhumanisa abantu abathile, kuhlanganisa nezikhundla eziphezulu, namaqembu obugebengu.

2. Izinsolo ngoSenzo Mchunu nabanye

UMkhwanazi usola ukuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu wayecindezelwe ukuthi aqede leli qembu lophiko olwaluphenya ukubulawa kwezepolitiki.
Uthi futhi uMchunu unokuxhumana namaqembu obugebengu. Lezi zinsolo zinkulu kakhulu.

3. Ukuthathwa kwamadokodo amaphoyisa

Ubalule ukuthi amanye amadokodo amaphoyisa (ama-dockets) athathiwe, okuphazamise uphenyo nokuboshwa kwabantu.
Lokhu, ngokusho kwakhe, kwehlise amandla amaphoyisa okulwa nobugebengu.
________________________________________
Kungani kubalulekile

Le komishana ibizwe ukuze icacise ukuthi ngabe ngempela kunezinhlangano zobugebengu ezisemaphoyiseni futhi ukuthi ingabe ezepolitiki zingenelela yini ekuphenduleni kwamaphoyisa.
Ubufakazi bukaMkhwanazi bungaholela ezinqumweni ezinkulu uma kuqinisekiswa: kungase kuthinte abantu abashiwoyo, ukusebenza kwamaphoyisa, kanye nokuthembeka komphakathi ohlelweni lwezokuphepha.

UMfundisi uNkululeko Myeni osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu 15 waseDlangezwa eChibini uzofaka isicelo s...
17/09/2025

UMfundisi uNkululeko Myeni osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu 15 waseDlangezwa eChibini uzofaka isicelo sebheyili namuhla eNkantolo yaseMthunzini njengoba nayizolo ebevelile.

UMyeni nophinde abe ngumculi wokholo njengoba esolwa kudumale abaningi ngoba waziwa ngemisebenzi emihle emphakathini futhi esebenza nabantu abahlonishwayo njengoba kwenzeke lesigameko kuphoxeke abantu abaningi kakhulu kakhulukazi abasindisiwe.

UMfundisi uMyeni webandla Apostle Starting Point Ministries unaye uNkosikazi kanye nabantwana kanti uyisakhamuzi sase Mpangeni (Dlangezwa) nokuyilapho ibandla lakhe likhona okunye okuvelayo kukhona abamesekayo abathi cha inceku iyasukelwa kanti futhi bakhona nabanye abangamalunga ebandla abathi impela ngathi uziphu uyaxega kepha ke kubhekwe umthetho ukuba udlale indima yawo.

Umthombo: Richard's bay Online News

17/09/2025
Emkhosini Womhlanga, esigodlweni saseMashobeni.
17/09/2025

Emkhosini Womhlanga, esigodlweni saseMashobeni.

Izintombi zesizwe sakwaNgenetsheni zilungiselela ukuya emhlangeni esigodlweni saseMashobeni. Alpha beziku Operation Siya...
08/09/2025

Izintombi zesizwe sakwaNgenetsheni zilungiselela ukuya emhlangeni esigodlweni saseMashobeni. Alpha beziku Operation Siyaya Emhlangeni ngaphansi kuka Cluster A.

21/05/2025

USodolobha woMkhandu iZululand District Municipality ukhuze abantu abaphazamisa ukuqhubeka kokwabiwa kwamanzi ngezithuthi manzi emphakathini. UMashobsnr uthe bonke abantu bsyawadinga amanzi ngikulinganayo.

Address

Vryheid
3100

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when AbaQulusi Television -Podcast posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share