Inqubeko News Channel

Inqubeko News Channel Izindaba Ezisematheni | Politcs | Football | Crime in Communities | Maskandi Music and more. . .

U-Louis Liebenberg uthi bafike bamdlwengula ejele ⛓️Uthi u-Louis ngesikhathi evalelwa wezwa u-Minister of Correctional S...
06/08/2025

U-Louis Liebenberg uthi bafike bamdlwengula ejele ⛓️

Uthi u-Louis ngesikhathi evalelwa wezwa u-Minister of Correctional Services (u-Pieter Groenewald) etshela onogada ukuthi ucela ukuthi bamphilise kanzima ejele. Uthi nangempela cha uhlukunyeziwe kakhulu ejele baze bamdlwengula 🫣

U-Louis Liebenberg uboshelwe amacala okushushumbisa idayimane kanye nawe fraud. Uyena owapha unkosikazi ka Paul Mashatile idayimane leli abebelifihlile oMashatile 💎

Abe-NSPCA (abezilwane) badinwe yisinqumo se-NPA enqabe isicelo sabo sokuthi kushushiswe uJulius Malema ngecala lokuhluku...
06/08/2025

Abe-NSPCA (abezilwane) badinwe yisinqumo se-NPA enqabe isicelo sabo sokuthi kushushiswe uJulius Malema ngecala lokuhlukumeza izilwane ⌛️

I-NSPCA ithi uJulius Malema ngo-2023 wazama ukuhlaba inkomo ngendlela engavumelekile, therefore wayizwisa ubuhlungu obungenasidingo inkomo. Kwi-video yabo yobufakazi uJulius Malema ubonakala ezama ukuhlaba inkoma kepha akayibulalanga, babenomcimbi weqembu labo (we-EFF).

I-NSPCA ithi iyadumazi indlela umthetho obuye uyishaye indiva ngayo le yokuhlukunyezwa kwezilwane 🐄

Oyi Zama Zama uthi abaholi bethu laba abagcwele lapha ephalamende bayadla kakhulu ngama Zama Zama 💰 ULefa oyi Zama zama ...
05/08/2025

Oyi Zama Zama uthi abaholi bethu laba abagcwele lapha ephalamende bayadla kakhulu ngama Zama Zama 💰

ULefa oyi Zama zama uthi abaholi bezepolitiki kanye nama minister banemincele yabo lapha kuma Zama Zama, uthi kuyaziwa nje ukhuthi le-section ekasibanibani. Uthi imali iningi lapha bona bayawenza u-R20000 ngosuku, usungacabanga ke ukuthi abaphathi bona benza malini ngosuku nge-section yakhe 💎

Uthi yize kumnandi ngokwemali kepha bukhona nobunzima, uthi lapha waphambana nabathile uyabulawa ushiswe uphelele khona lapho phansi emgodini 😶

[ uLefa ukusho konke lokhu lapha kwi-Justify Channel on YouTube ]

Athole ibheyile ka-R2000 umuntu ngamunye ama Illegal Immigrants ayeboshwe emayini yaseBaberton eMpumalanga⌛️Isibalo saba...
05/08/2025

Athole ibheyile ka-R2000 umuntu ngamunye ama Illegal Immigrants ayeboshwe emayini yaseBaberton eMpumalanga⌛️

Isibalo sabangenamaphepha kwagcina kuqinisekiswe (u-480) then namuhla bavelile enkantolo kwathi abawu (26) banikwa ibheyile. Ikhanda lendoda kube wu-R2000, isizathu sokuthola ibheyili kube ukuthi bona banama address aqinisekisiwe ✔️

Laba abanye bazohlala ngaphakathi okwamanje ⛓️

Nenzani lapho kuMaskandi 🧐
05/08/2025

Nenzani lapho kuMaskandi 🧐

Kuthiwa akugqekezwanga, avele nje anyamalala 🤭
05/08/2025

Kuthiwa akugqekezwanga, avele nje anyamalala 🤭

Inside the Durban Drug Disappearance: How R86 Million in Co***ne Vanished from Police Custody?Scene 1:A major drug shipment from Brazil lands in Durban, hidd...

Injabulo kwabesifazane kwethulwa iphilisi labesilisa lokuvala inzalo okwesikhashana (Birth Control Pill) 💊 Sebezokwazi a...
05/08/2025

Injabulo kwabesifazane kwethulwa iphilisi labesilisa lokuvala inzalo okwesikhashana (Birth Control Pill) 💊

Sebezokwazi abesilisa uku-preventer nabo, so uma umama wasekhaya engamphathi kahle amaphilisi noma imijovo yoku-preventer indoda isingangenelela. Noma uma owesifazane engawafuni, indoda isingakhona ukuwathatha yona ukugwema ukuthola abantwana ingahlelile.

Lamaphilisi azosiza kakhulu ukugwema ukwanda kwabantwana abangahlelelwe 🙏🏽

“U-General Mkhwanazi kwakumele eze kithi kuqala ephalamende azosho zonke lezinto ayezisho kwi-Media Briefing” “Ephalamen...
04/08/2025

“U-General Mkhwanazi kwakumele eze kithi kuqala ephalamende azosho zonke lezinto ayezisho kwi-Media Briefing”

“Ephalamende uza njalo kanye ngenyanga kwikomidi pho kungani engatshelanga ikomidi? Okunye indlela ababegqoke ngayo nezinhlokohlela zezibhamu bezivale nobuso kwasinika isithombe esibi nje. Ngathi kuza enkulu i-Coup nje uma ngibheka leyanto abayenza lapha”

- kusho u-Glynnis Breytenbach oyisikhulumi se DA kwezomthetho [ Eyewitness News ] 📰

Kuthiwa kunomfundi ozibulele ngemuva kokutshelwa nguthisha wakhe ukuthi kumele ayofakwa isiphandla senja 🐕 Kuthiwa lothi...
03/08/2025

Kuthiwa kunomfundi ozibulele ngemuva kokutshelwa nguthisha wakhe ukuthi kumele ayofakwa isiphandla senja 🐕

Kuthiwa lothisha (onguthishanhloko wesikole) ukusho lokhu kulomfundi (ona 14 years) ngenxa yokuthi lomfundi ubengezwa esikolweni, so uthe into engamelapha ukuthi enzelwe umsebenzi ngenja bese efaka isiphandla sayo leyonja 😳

[ Udaba oluphelele luzophuma kwi-Langa lakusasa ] 📰

Isuse omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana insizwa efanise uJesu Krestu no-SpiderMan 🕷️ “Uma ngicabanga ngo-Jesu kuv...
03/08/2025

Isuse omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana insizwa efanise uJesu Krestu no-SpiderMan 🕷️

“Uma ngicabanga ngo-Jesu kuvele kuzifikele nje u-SpiderMan, uJesu no-SpiderMan into efanayo abalingisi bencwadi yemidlalo (book characters). If umuntu ezothi uJesu waphila then ngivumeleni nami ngithi no-SpiderMan uyaphila, phecelezi nje kahle kahle umuntu okholwayo uyasangana ekhanda”

- iyona nkulumo ka-Katlego Nare lena esuse umsindo omkhulu on Social Media

[ These kind of topics are very sensitive, mina nginokuthi umuntu akakholelwe kulokhu akholelwa kukho ]

“Balandeli be-IFP ngicela sihambe siyofolowa abaholi be-IFP” - Phakelumthakathi Ndabandaba‘Ayiyinhle neze lento yokuthi ...
03/08/2025

“Balandeli be-IFP ngicela sihambe siyofolowa abaholi be-IFP” - Phakelumthakathi Ndabandaba

‘Ayiyinhle neze lento yokuthi uma umongameli weqembu eposter into bese ethola 200 likes nama comments nyana nje amancane, kepha uma ku-poster laba abathuka i-IFP nabaholi bayo then bona niba-trendise’

‘I-IFP yavotelwa abantu abangaphezu kwe Million, so nama Likes ama-post wabaholi be-IFP kumele abe ngaphezu kwe-million’

[ Kucela umfokaNdabandaba ongeneme neze ngendlela amalunga e-IFP aziphatha ngayo kwi-Social Media ]

Asenzekanga isiprofetho sika Prophet David Owuor wase Kenya 🇰🇪 Ngokwesibonakaliso athi wayembulelwe sona ngo-July uProph...
03/08/2025

Asenzekanga isiprofetho sika Prophet David Owuor wase Kenya 🇰🇪

Ngokwesibonakaliso athi wayembulelwe sona ngo-July uProphet Owuor umhlaba bekumele ugoqwe izolo ebusuku ngo 00:00 [ 02-03 August 2025 ].

Okhulumela isonto lakhe i-Ministry of Repentance and Holiness uthi abantu babengamzwanga kahle u-Prophet 🥱

Address

Johannesburg Central
2001

Telephone

+27649091592

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Inqubeko News Channel posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Inqubeko News Channel:

Share